Bayede

Isizwe sakwaNyusw­a sibungaze ngokuhlang­anyela nabadala

- NguCEBO BUTHELEZI buthelezic@ingabadime­dia.com

UBUKHOSI buneqhaza elikhulu ekukhumbhu­zeni abantu ngemvelaph­i yabo njengoba wonke umuntu enezimpand­e zakhe nokuyilaph­o okhokho bakhe bedabuka khona.

Kunemicimb­i yezizwe ngezizwe esiza abantu ukuthi kubuyelwe emasisweni kufundiswa­ne ngamasiko esizwe kanye nokunikeze­lana ngolwazi nangemuva lapho umuntu asuka khona. Imikhosi eyenziwayo iyasiza ukuhlangan­isa izizwe zamakhosi. Uthola kwesinye isikhathi abantu bagcine sebeyikhoh­lwa imvelaphi yabo ngenxa yokuthi sebenfuna ukuphila impilo yesimanje engenasise­kelo. Lokhu kuholela ekutheni abntu bagcine bekhohlwa ubuhlobo amasiko baze baganane bodwa bewuzalo. Ubuhlobo namasiko yinto ebihlonish­wa futhi yaziswa ngoba yilapho obuthola khona umnyombo wemvelaphi yakho kanye nendlela yokuphila enenhlonip­ho nokumazi omunye umuntu.

Ngaphambil­i bekuba yichilo eliyisiman­ga ukuzwa kuthiwa kunezibong­o ezizalanay­o kuze kwenzeke zize ziganane kodwa manje sekuyinto ejwayeleki­le ngoba selehlile izinga lokuhlanga­nisa imindeni nozalo lwayo lapho kuzofundis­wana khona kwaziwe imvelaphi yomuntu.

Isizwe saKwaNyusw­a, Ozwathini ngaseBhams­hela ngaphansi koMkhandlu wenkosi KwaMlamula usadla ngoludaba njengoba usaqhubeka nokukhumbu­la amakhosi esizwe angasekho ngokuthi kwenziwe umcimbi wokuhlanga­nisa isizwe kuhanjelwe amadlinza kanye nezigodlo zawo. Lemicimbi lokhu yaqala ukwenziwa kusukela ngonyaka we-1993 namanje usenziwa njalo ngenyanga ka Ndasa.

Kulo mcimbi kusuke kunezinhle­lo ezihambisa­na nomkhuleko wokuzikhal­ela nokucela inhlalakah­le emakhosini alesi sizwe angasekho okukhona kuwo iNkosi uNtuli ebuse ngesikhath­i seSilo uSenzangak­hona, kube yinkosi uZiphuku, yiNkosi uSwayimane, yiNkosi uMlamula, yiNkosi uNgonyama okhothame ngo1996. Njengamanj­e kuphethe iNkosi uMuziwenhl­anhla Ngcobo oneminyaka engama-33 ongumzukul­u weNkosi uNgonyama futhi omatasa nezifundo zakhe zePhD e-University of KwaZulu- Natal.

Umcimbi wakulonyak­a uqale ngomkhulek­o owawumhla ziyi-18 kuNdasa lapho isizwe namabutho baholwa yiNkosi uNgcobo bevakashel­e emalibeni amakhosi emanxiweni eMlwandle. Umkhuleko wesizwe sonke waba Mhla zingama -22 ku Ndasa kwase kwavalwa ngomcimbi omkhulukaz­i owawuhanje­lwe uMphathisw­a woMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu esifundazw­eni iKwaZulu Natal uNkk uNomusa uMaDube Ncube kanye nalowo owayeyiNhl­oko yamaJaji (Former Chief Justice) uSandile Ngcobo.

Lesi sizwe sakwaNyusw­a sinomlando ngoba besikhona kusekhona iLembe. Sizinze kakhulu kweleNdlov­ukazi uMthaniya saya eGoli nase Eastern Cape sikhona ngoba kukhona nendawo namanje okuthiwa yise Ngcobo. Inkosi yalesi sizwe ibihamba yakha imizi ezindaweni eziningi eNkandla, kwaNombede ngakwaNtab­amhlophe , yiseZulwin­i okwakuseNk­umbeni nakhona yaba nomuzi. eMlwandle lapho okwaziwa ngokuthi sekukwaNod­wengu kwaba yila eyafike yahlala khona isikhathi eside.

INkosi ephethe manje uMuziwenhl­anhla ungoka Msawenkosi, kaNgonyama , kaCisho yena ongokaMlam­ula ka Swayimane , kaZikhuku kaNtuli, kaSinqila kaMavela kaMapholob­a ka Mbhele kaMaguya kaZonca.

Okhulumela uMkhandlu weNkosi uMlamula Traditiona­l Council uMnu uMlungisen­i Ngcongo, inkosi ingumzukul­u kuye uncome umsebenzi owenziwa wumkhandlu wenkosi kanye nesizwe sonke ngokuthi uqhubeke nokwenza lomcimbi wesizwe oyigugu. “Lomcimbi ubaluleke kakhulu esizweni ngoba sisuke sikhumbula amakhosi ethu angasekho sihambela namadlinza namanxiwa awo siyokhulek­a kuwo amakhosi ethu. Kuningi okuhle okusuke kwenzeka kulomcimbi owenzeka njalo ngenyanga ka Ndasa. Kuningi umphakathi okuzuzayo okuthinta imvelaphi yabo.”

 ??  ?? Abesizwe sakwaNyusw­a behaya amahubo
Abesizwe sakwaNyusw­a behaya amahubo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa