Isizwe sakwaNyuswa sibungaze ngokuhlanganyela nabadala
UBUKHOSI buneqhaza elikhulu ekukhumbhuzeni abantu ngemvelaphi yabo njengoba wonke umuntu enezimpande zakhe nokuyilapho okhokho bakhe bedabuka khona.
Kunemicimbi yezizwe ngezizwe esiza abantu ukuthi kubuyelwe emasisweni kufundiswane ngamasiko esizwe kanye nokunikezelana ngolwazi nangemuva lapho umuntu asuka khona. Imikhosi eyenziwayo iyasiza ukuhlanganisa izizwe zamakhosi. Uthola kwesinye isikhathi abantu bagcine sebeyikhohlwa imvelaphi yabo ngenxa yokuthi sebenfuna ukuphila impilo yesimanje engenasisekelo. Lokhu kuholela ekutheni abntu bagcine bekhohlwa ubuhlobo amasiko baze baganane bodwa bewuzalo. Ubuhlobo namasiko yinto ebihlonishwa futhi yaziswa ngoba yilapho obuthola khona umnyombo wemvelaphi yakho kanye nendlela yokuphila enenhlonipho nokumazi omunye umuntu.
Ngaphambili bekuba yichilo eliyisimanga ukuzwa kuthiwa kunezibongo ezizalanayo kuze kwenzeke zize ziganane kodwa manje sekuyinto ejwayelekile ngoba selehlile izinga lokuhlanganisa imindeni nozalo lwayo lapho kuzofundiswana khona kwaziwe imvelaphi yomuntu.
Isizwe saKwaNyuswa, Ozwathini ngaseBhamshela ngaphansi koMkhandlu wenkosi KwaMlamula usadla ngoludaba njengoba usaqhubeka nokukhumbula amakhosi esizwe angasekho ngokuthi kwenziwe umcimbi wokuhlanganisa isizwe kuhanjelwe amadlinza kanye nezigodlo zawo. Lemicimbi lokhu yaqala ukwenziwa kusukela ngonyaka we-1993 namanje usenziwa njalo ngenyanga ka Ndasa.
Kulo mcimbi kusuke kunezinhlelo ezihambisana nomkhuleko wokuzikhalela nokucela inhlalakahle emakhosini alesi sizwe angasekho okukhona kuwo iNkosi uNtuli ebuse ngesikhathi seSilo uSenzangakhona, kube yinkosi uZiphuku, yiNkosi uSwayimane, yiNkosi uMlamula, yiNkosi uNgonyama okhothame ngo1996. Njengamanje kuphethe iNkosi uMuziwenhlanhla Ngcobo oneminyaka engama-33 ongumzukulu weNkosi uNgonyama futhi omatasa nezifundo zakhe zePhD e-University of KwaZulu- Natal.
Umcimbi wakulonyaka uqale ngomkhuleko owawumhla ziyi-18 kuNdasa lapho isizwe namabutho baholwa yiNkosi uNgcobo bevakashele emalibeni amakhosi emanxiweni eMlwandle. Umkhuleko wesizwe sonke waba Mhla zingama -22 ku Ndasa kwase kwavalwa ngomcimbi omkhulukazi owawuhanjelwe uMphathiswa woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu esifundazweni iKwaZulu Natal uNkk uNomusa uMaDube Ncube kanye nalowo owayeyiNhloko yamaJaji (Former Chief Justice) uSandile Ngcobo.
Lesi sizwe sakwaNyuswa sinomlando ngoba besikhona kusekhona iLembe. Sizinze kakhulu kweleNdlovukazi uMthaniya saya eGoli nase Eastern Cape sikhona ngoba kukhona nendawo namanje okuthiwa yise Ngcobo. Inkosi yalesi sizwe ibihamba yakha imizi ezindaweni eziningi eNkandla, kwaNombede ngakwaNtabamhlophe , yiseZulwini okwakuseNkumbeni nakhona yaba nomuzi. eMlwandle lapho okwaziwa ngokuthi sekukwaNodwengu kwaba yila eyafike yahlala khona isikhathi eside.
INkosi ephethe manje uMuziwenhlanhla ungoka Msawenkosi, kaNgonyama , kaCisho yena ongokaMlamula ka Swayimane , kaZikhuku kaNtuli, kaSinqila kaMavela kaMapholoba ka Mbhele kaMaguya kaZonca.
Okhulumela uMkhandlu weNkosi uMlamula Traditional Council uMnu uMlungiseni Ngcongo, inkosi ingumzukulu kuye uncome umsebenzi owenziwa wumkhandlu wenkosi kanye nesizwe sonke ngokuthi uqhubeke nokwenza lomcimbi wesizwe oyigugu. “Lomcimbi ubaluleke kakhulu esizweni ngoba sisuke sikhumbula amakhosi ethu angasekho sihambela namadlinza namanxiwa awo siyokhuleka kuwo amakhosi ethu. Kuningi okuhle okusuke kwenzeka kulomcimbi owenzeka njalo ngenyanga ka Ndasa. Kuningi umphakathi okuzuzayo okuthinta imvelaphi yabo.”