Umthetho wokubambisana kwabahlukanisayo ungaba yimpumelelo
UKUMENYEZELWA koMklamo wokusebenza koMthetho iRegional Courts Amendment Act wezi-2008 kwaba nomthelela “wokuqedwa” kweZinkantolo Zezehlukaniso, ezaziwa ngamaDivorce Courts, ezafakwa ngaphansi kweZinkantolo Zezifunda, ezabe sezinikwa amandla okuthatha izinqumo emacaleni ezehlukaniso. UMklamo wokusebenza koMthetho iRegional Court Amendment Act wezi
2008 wawuzoba nomthelela emthethweni wezingane nokwehlukanisa.
Lena kwabe kungeminye yemizamo kaHulumeni yokuguqula uhlelo olujwayelekile lwezomthetho ukwenza isiqiniseko sokuthi ubulungiswa buyabonakala futhi abantu bayakwazi nokufinyelela ezinkantolo ngaphandle kwezihibe ngokulandela uMthethosisekelo. Kwakunesikhalo sokuthi kuningi okwakwenzeka ngendlela okungesiyo emndenini okuhlanganisa nokwehlukanisa kwabazali isiphetho sakho okwakuba ukuhlukumezeka kwezingane.
Le mizamo kaHulumeni kwakuqondwe ngayo ukwenza isiqiniseko sokuthi uhlelo lwezobulungiswa ezinkantolo zikamantshi lunabela kuzona zonke izindawo, ukuze lezi zinkantolo zibe izigcawu zokuxazulula izinkinga, futhi zifinyelele nakubo bonke abantu.
Ukuze lolu hlelo lusebenze kalula enkantolo kamantshi, uHulumeni wethula uMthetho obizwa ngokuthi iCourt-Annexed Mediation Rules, okwabe kuhloswe ngawo ukuba kugqugquzelwe labo abasuke befake amacala ukuba bezilethe ngaphambili ukuze kuxazululwe inkinga ngaphambi kokuthi icala lize lingene ngisho enkantolo yemantshi. Lokhu kwabe kwenzelwa ukonga isikhathi nokuthola umongo wecala ukuze kube lula nokuba lusetshenzwe ngabantu bezomthetho abanolwazi olunzulu kulowo mkhakha womthetho. Ngokwale migomo ukungenelela komxazululi kuchazwa “njengohlelo lapho umxazululi elekelela izinhlangano ezisuke zinokungaboni ngasolinye ukuze zithole isixazululo ngokushesha. Lokhu kwenzeka ngokuthi umxazululi ahlele izingxoxo zokubonisana, ezizophinde zilekelele ukuba kutholakale umnyombo wenkinga, umxazululi abone lapho kungaqalwa khona izingxoxo, nalapho izinhlangothi zingazama khona ukuba zibuyisane ngenhloso yokuba kutholakale isixazululo enkingeni okusuke kubhekwene nayo ngaleso sikhathi.
Indlela yokuthola isixazululo ebizwa ngeMediation iyona endala ethathwa njengelula futhi eyejwayelekile yokuhlanganisa imihlambi eyalanayo. Kujwayeleke ukuthi kube yimindeni nalabo abasuke sebehlukanisa imishado abasuke befake amacala. Icala likaMB v NB 2010 liyisibonelo esihle kulokhu ngoba yilo elaqhakambisa ukubaluleka kokuxazululwa kwenkinga ecaleni lesehlukaniso somshado eNingizimu Afrika. Nakuba izinkantolo, abezomthetho, nezifundiswa eNingizimu Afrika besenakho ukuba manqika ngalolu hlelo lokutholakala kwesixazululo, kepha amazwe ahamba phambili kwezomthetho njenge-United States of America, iCanada neAustralia sekuyiminyaka etusa ukusetshenziswa kwenye indlela yokutholakala kwesixazululo emacaleni ezehlukaniso eyaziwa ngokuthi icollaborative law.
Ngesonto elizayo sizokubhekela kabanzi ngomthetho osebenza ekuxazululeni amacala athinta imibango yezindlu ukugwema ukuthi udaba luze lungene enkantolo ngoba lokho kuhambisana nezindleko ezinkulu.