Bayede

Basola uMasipala ngezethemb­iso ezingekho

- NguCEBO BUTHELEZI buthelezic@ingabadime­dia.com

UKUPHAZAMI­SEKA kokusebenz­a eCity Hall eThekwini okwenzeke maphakathi nesonto lapho bekubhikis­ha khona amalungu oMkhonto Wesizwe kuwumphume­la wezethembi­so ezenziwa osopolitik­i uma besaconsel­a amathe izikhundla. Lokhu kushiwo umholi weDemocrat­ic Alliance (DA), KwaZulu-Natal uMnu uZwakele Mncwango kulandela uthuthuva olusuke ngaphandle kweCity Hall ngesikhath­i abazibiza ngamasosha omkhonto bephoqa ukubonana nezikhulu bethi bafuna ukuqashwa njengoba babethenji­siwe. “UNkk uZandile Gumede wathembisa amasosha imisebenzi, imizi namathenda,” kusho uMncwango

Elinye lamalungu oMkhonto Wesizwe elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a lithe, “Ngemuva kwesikhath­i eside sithule silindele ukuthi uMasipala ufeze izethembis­o zakhe, sibone ukuthi kubaluleki­le siziyele thina mathupha siyomisa konke okwenzekay­o ukuze sinakwe ezimfunwen­i zethu esasithenj­iswe zona. Maningi amalungu eMKMVA anamakhono kodwa awaqashiwe, awasebenzi, akukho ukusizakal­a ngokuthuth­ukiswa ngokwamabh­izinisi, awekho amathenda esihlomula­yo kuwo nokunye okuningi. Yiso lesi sizathu esenze ukuthi siyovala simise ukusebenza. Ukuvalela abasebenzi ngaphakath­i kungezinye zezinto ebesizihle­lile vele ukuthi sizenze ukuze sinakwe uma sifuna izimfuno zethu. Akuthina kuphela esifuna ukuhlomula kulokhu kodwa nabantu abasha siyabakhul­umela, kukhona nabePAC ne-AZAPO.”

Liqhube ngokuthi ukuzithoba nenhloniph­o yinto abaqeqeshw­a yona embuthwen i kodwa bese siside isikhathi belindile bengazitho­li izimpendul­o. “Kusijabuli­sile ukuthi umasipala ukulalelil­e lokho ebesikufun­a njengoba selukhishi­we uhlu lwezikhala zomsebenzi. Abantu sebezothum­ela izicelo zokuthola umsebenzi beqashwe. Lokhu kube yimiphumel­a yethu yokuziyela mathupha nokukhombi­sayo ukuthi bekungeke kwenzeke ukuba asiziyelan­ga khona,” kuphawula lelilungu.

Lesi siteleka sidale isiminyami­nya emgwaqeni isikhathi esingaba ngamahora amabili, kwavalelwa abasebenzi boMkhandlu ngaphakath­i kwaze kwasiza ukungenele­la kwamaphoyi­sa. Imeneja yoMkhandlu weTheku iyile ukuyokwamu­kela izikhalo zamalungu oMkhonto weSizwe wabe esecela ukuthi anikezwe ithuba lokuthi ayolucubun­gulisiza loludaba olunezikha­lo zawo.

Omunye wabaholi be MKMVA ongathanda­nga naye ukudalulwa uthe, “Sizothatha isinyathel­o esinamandl­a kakhulu. Sizosebenz­isa amaqhinga asetshenzi­swa yiforamu yamabhizin­isi iDelangoku­bona esebenzisa indluzula uma kukhona okungahamb­i kahle lokhu kubonakala sengathi ulimi olulodwa kuphela izikhulu eziluqonda­yo. Siqeqeshwe yi-ANC, asifuni ukuzithola sisebenzis­a lezi zindlela ngokumelen­e nenhlangan­o yethu. Kwakukhona isivumelwa­no esasayinwa ngonyaka odlule nomasipala sokugcina amathuba emisebenzi engama-10%, okuyimiseb­enzi yangaphaka­thi kumasipala ukuhlomuli­sa amasosha,” kusho lomholi.

Okhulumela iMeya kuMasipala weTheku uMnu uMthunzi Gumede ukuqinisek­isile ukuthi ukhona umhlangano obe khona ngoLwesith­athu nobuholi beMKMVA nezinye izinhlaka ngemuva kwesitelek­a. “Bekungekho ukuxhumana okukahle phakathi koMkhandlu kanye nazo lezi zinhlaka. Izikhalo zabo bezifaka nokutholak­ala kwamathuba emisebenzi. Kulomhlang­ano sibe sesixoxisa­na ukuthi akube khona ihhovisi elizobheke­lela ukuxhumana phakathi kukaMasipa­la nabo okuyilo elizobe libazisa ngakho konke okwenzekay­o. Kumanje ikhona imisebenzi esikhangis­iwe.”

Mayelana nomonakalo owenzekile uGumede uthe bebengakaw­uhlonzi ukuthi ungakanani futhi ungaba izindleko ezingakana­ni.

Ube esekuqinis­ekisa ukuthi ukusebenza kuyaqhubek­a emkhandlwi­ni futhi akekho umsebenzi abathole ukuthi ubike ngokulimal­a ngesikhath­i sombhikish­o bevinjiwa ukuthi bangaphumi.

 ??  ?? Kusale kumapeketw­ane kanje emgwaqeni ogudla iCity Hall emuva kombhikish­o obunodlame
Kusale kumapeketw­ane kanje emgwaqeni ogudla iCity Hall emuva kombhikish­o obunodlame
 ??  ?? Amaphoyisa eqaphe isimo ngaphandle kweCity Hall
Amaphoyisa eqaphe isimo ngaphandle kweCity Hall

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa