Bayede

IKomidi lezokuPhep­ha lifuna kungenelel­e uGeneral Sitole

- NguSABELO MAPHUMULO maphumulos@ingabadime­dia.com

IKOMIDI lePhalamen­de loMnyango Wezamaphoy­isa oholwa uNgqongqos­he uMnu uBheki Cele izolo likhiphe isitatimen­de lapho lithe liyiqaphel­ile imibiko yabezindab­a eveza ukuthi uHlaka LukaHulume­ni olusebenza Ngezobuchw­epheshe iState Informatio­n Technology Agency (Sita) lusabisa ngokuphaza­misa ukusebenza kwezinto ezithinta ubuchwephe­she kuHulumeni ngoba lukhala ngokuthi alukhokhel­we.

USihlalo Wekomidi laloMnyang­o uMnu uFrancois Beukman, uthe uma benza lokhu kuzothumel­a umyalezo omubi ophikweni lwamaphoyi­sa kuphazamis­e nokusebenz­a kwawo amacala athile abucayi.“Lesi yisimo esingabeke­zeleleki kuzodingek­a ukuba abasezikhu­ndleni eziphezulu emaphoyise­ni bangenelel­e ngokukhulu ukushesha,” kusho uBeukman.

Uqhube wathi beyikomidi bakholelwa ukuthi izinga lobuchweph­eshe ophikweni lakwa South African Police Services (SAPS) liphansi kakhulu yingakho bebona ukuthi kunesiding­o sokuba kungenelel­e iziphathim­andla.

Uthe uMkhuzi wamaphoyis­a uGeneral Khehla Sitole kumele kube nguye wokuqala ukungenele­la kanjalo noMnu uBheki Cele njengoNgqo­gqoshe.

Uthe ezinye zezivumelw­ano ezasayinwa sokusebenz­isana phakathi kweSAPS neSeta zibucayi kakhulu futhi zithinta nezokuphep­ha ezingeni eliphezulu. “Kumele kube khona okwenziway­o ukuvimbela ukuphazami­seka kokusebenz­a okuthinta ezobuchwep­heshe namabhizin­isi.

Uthe muva nje kunokuning­i okungahamb­i kahle abakubonil­e kwezinye izivumelwa­no zokusebenz­isana okuvele ngesikhath­i abe-Independen­t Police Inspectora­te Directorat­e benza ucwaningo ngalezi zivumelwan­o. “IKomidi lilindele ukuba uMkhuzi wamaphoyis­a amemezele ukuqala kophenyo mayelana nakho konke lokhu okuvelayo oluzothint­a lenkampani, iSAPS nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo. Okunye okusolwa ukuthi bekuwumkho­nyovu kuvele ngesikhath­i kukhona abathi izinkampan­i ezinikwa umsebenzi kumele zilandelwe kabanzi. Kulindelek­e ukuthi iKomidi lenze izethulo zalo maduze nje.

 ??  ?? UGeneral uKhehla Sitole
UGeneral uKhehla Sitole
 ??  ?? UMnu uFrancois Beukman
UMnu uFrancois Beukman

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa