Umlando wamapulazi aseNgoje uvusa iminjunju
KWELAKHO esilifunda ngentokozo ngikhangwe yisihloko esithi “Isililo kuMphephethe ngolomhlaba”. Ngethuke kwaphela nagambaqa ngifunda lolu daba, ngathi kungaba ngubaba uMB Gwala lona okhuluma kanjena namuhla? Ubaba uKhilane uqale ukuba ilungu leSishayamthetho kwaZulu ngowe-1989, kwathi ngowe-1994, waba ilungu leSishayamthetho kuHulumeni wedemokhrasi, waphinda waba yiMeya yoMkhandlu iZululand.
Udaba lomhlaba luyindaba egudwini, ngifisa ukwazi ukuthi ubaba uGwala ngabe wayefuna ukuluzwa kahle uma seluphakanyiswa ngamaqembu aphikisayo azalwe izolo lokhu.
Eselilungu leSishayamthetho esemandleni wayengaboni ubumqoka bobunini bomhlaba. EsenguSodolobha eZululand akakaze ayithi vu eyomhlaba ekubeni uMkhandlu akade ewuphethe ingxenye yawo enkulu ngumhlaba owakhelwe ngabahlali basemapulazini.
Ngonyaka wezi-2002 kunabahlali baseNgoje abasungula inhlangano bayibiza ngeRural Resident Action Forum Of South Africa (RRAFOSA), bengabokuzalwa eNgoje bebona ukuxhashazwa kwabantu bendawo ngamaBhunu.
Lezi zakhamuzi zasungula le nhlangano eyayilwela abantu baseNgoje abangayazi inkululeko.
Kunemizi eyachithwa kwaXamu kwadilizwa izindlu zakhona kwathi umndeni wakhona wabekwa emgwaqeni ophakathi kweNgoje neVryheid. Kwathi ngelinye ilanga ingane yakhona yashayiswa imoto yashona.
Le nhlangano yazama ngawo wonke amandla ukulwa nalesi sihlava ngokunxenxa abantu ukuba badube izitolo bayeke nokungena emapulazini okwakuthiwa abawasebenze. Nakhu okwenzeka sibuka. Udaba lwabikwa kwabezindaba.
Ngikhumbula ukuthi enye yezintatheli yafika lina laphaya izulu yasichaza isimo lomndeni owawubhekene naso. Yaze yaba nenkulumo nelungu lomndeni, elathi kwale noma sebembuza umlungu ukuthi abakwenzayo bakwenza kanjani ngoba izwi elaphuma kuMengameli wezwe ukuthi akuhlaliswane ngokuthula, ,kodwa iBhunu laphendula ngokuthi akusilo izwe le ‘khafula’ uMandela leli washo ekhihla isililo.
Ubaba uMtholephi Mthimkhulu waze waba nengxoxo noMnu uVusi Ndwandwe owayekhulumela iRRAFOSA ukuzwa ukuthi bona njengabantu abamele umphakathi bathini.
Akuphelanga masonto amangaki uma ngingaphazami kwakunguZibandlela kwaphuma izimemo kumenywa umphakathi waseNgoje emhlanganweni ozoba sehholo isikhulumi sosuku kunguMhlonishwa uMB Gwala.
Nebala siye khona wafika ubaba uGwala ehamba noMnu uThemba Khoza oweyeyilunga leSishayamthetho eGauteng, uNkk u-Eileen MaNkosi Shandu, uMadadi, uTsotsi, ubaba uSqhumbu Mthethwa, ilungu eliqavile le-IFP ubaba uSibiya wakwaKhiphunyawo nabanye abaningi.
Kwakugcwele into engakaze ibonwe. Ubaba uGwala wathi esesukuma ebingelela uTsotsi wambiza ngegama likaSigebengu esho phela ngoba igama lakhe uTsotsi. Kuzokwenziwani njalo kuzolwiswa abantu baseNgoje abalwela ukuhlala emhlabeni wabo, kwakuphume nesidolo.
Kwaqala umama uMaNkosi Shandu wathi, ‘bantu base Ngoje musani ukuxhashazwa ngabantu esingabazi sebethi yekani ukungena emapulazini nokuthenga ezitolo zabelungu. Thina sifunde nje yiwo la mapulazi, sidle kuzo izitolo zabo abelungu’. Usukuma nje uzokwethula ubaba uGwala owayeyisikhulumi sosuku.
Wasukuma uKhilane waqala kahle wakhuluma waze wafika kulokhu akuzele. “Mphakathi waseNgoje sesike simangale sizwe kunabantu asebekhuluma emisakazweni bethi dubani izitolo nilwe namaBhunu bethi ningabantu bawo kusho abantu eningabazi. Sivele thina simangale ukuthi ngabaphi laba bantu.” Usho njalo ngowaseDlangubo uze wawela umfula iMfolozi ezolwela amaBhunu. Ngoba njalo nendaba yokuba khona komantindane bamaBhunu kade yaqala ukuba khona. Wakhuluma ubaba uGwala kwacaca ukuthi uyahlasela manje.
Wathi esasho njalo kwasuka uMnu uJoel Ndwandwe wama phakathi nehholo kwaba nokuxokozela. Kwasukuma ubaba uMthethwa wathi lo muntu ovele ame athi phuhle endlini wenzani edelela kukhuluma ilungu lePhalamende. Wahlanganisa izandla ekhombisa ukuzithoba, wangabanga umsindo uMthethwa wathi lo muntu akashaywa ngani? Kanti uhlezi phakathi kwebutho lokhu lo mhlangano wawubizwe yi-Inkatha.
Kwasukuma enye insizwa eyayiphethe isibhamu eyavele yasikhokha yamemeza yathi “sizomvikela ngoba silapha.
Lo muntu ulwela thina,” isho isikhokhile isibhamu. Kwasuka omkhulu umsindo kwaze kusukama ubaba uSomvumase Khumalo wafika wama eduze kukaMnu uNdwandwe bekanye nomfowabo ubaba uZiyathokoza Khumalo owayehlala eKhwesini waqala wakhuluma. Ngenxa yokuthi ubaba uKhumalo babemazi njengembongi yakwaKhambi. Bamlalela wachaza ukuthi laba bantu enikhuluma ngabo yibo laba, abasibo abokuhamba. Kwacaca ukuthi sekukhona bama nabo, bekhombisa ukubeseka. Kwasukuma naleli dlanzana elikholwelwa kubeLungu engingazi ubaba uNdwandwe wathini ngoba ngezwa sukuphendula intombazane yathi; “asifuni thina ukuthi kwedelelwe uTsotsi ngoba umele thina ePhalamende.” Kwajikijelwane ngamazwi kwaba kuze kuyaqedwa. Kwacaca ukuthi uNdwandwe uyafuna ukukhuluma nabantu bamlangazelele njengomholi wabo endaweni.
Kwaphunyelwa phandle uma sekuphunywa kwacaca ukuthi uMnzu uJoel Ndwandwe uyazana noMnu uThemba Khoza.
UMnu uNdwandwe ngamuzwa esephendulana noMnu uThemba Khoza embuza ukuthi wenzani ngoba yena akakaze ayokhuluma izindaba zaseShowe, okuyilapho uMnu uKhoza wacela ukuba uma befika eGoli babe nomhlangano ukuze kulungiseke lolu daba.
Angikweqe okuningi, kusuka lapha kwaba nemikhankaso eminingi eyayenziwa nguTsotsi noMadandi betshela abantu ukuthi lezi zakhamuzi zithunywe uKhongolose. Kwaze kwaba leyo nhlangano iyafa kodwa uma ungaya uyobheka umhlaba omningi okwafakwa izicelo zokubuyiswa kwawo zafakwa yibo laba bantu ababethukwa. Isitolo saSihlengeni esihlala indodana kababa uThembitshe kwaba yiyo iRRAFOSA eyafaka isicelo sokubuyiswa kwalowo mhlaba.
Inkosi yakwaHhamu ikhothama nje ihlala epulazini okwaba ukukhuluma kwala madoda okwenza ukuba uMadandi alidedele. Namhla kunemizi lapha abantu bakhile.
Uma ngake wenze inhlolovo uye kwaNongoma uzothola imizi eminingi eyachithwa ngamaBhunu eNgoje ukhona njalo ubaba uGwala akayile ekudingisweni. Uyababona abantu behlupheka bechithwa kodwa akakaze asho lutho.
Umbuzo wami uzothi engabe wayelindeni ukuze kusukume izingane azizalayo zikhulume ngomhlaba bese ethi naye uyasukuma. Uma kunjalo ezokhuluma ngomhlaba kumele enze okubili ukuthi aqale athi kuMnu uMalema siyabonga phela kuyaziwa ukuthi ayikhweli ingenalo ivukane. Uma ubuka umfo kaMalema ube yivukane kwelomhlaba owathathwa ngabelungu. Okanye ubaba uGwala axolise emphakathini waseNgoje ngoba weza khona wathi akusebenze amapulazi, esho ehamba noTsotsi noMadandi.
Uma ungaya oKhozini ungazithola izinkulumo ezenziwa lapha kuxhashazwa abantu baseNgoje. Nanamuhla uma ungaya lapha kwaXamu ithuna lengane likhona eyalinyazwa imoto. IRRAFOSA yalwela abantu. Uma umi phezu kweNgome lapha phansi kunemizi yakwaNtuli, yakwaButhelezi, yakwaMbuyisa. Leyo mizi yahlala eside isikhathi ematendeni lapha eNgome kulutavatava lweRRAFOSA ubaba uGwala kakaze athi vu ngisho ukwelekelela engikhumbula ukuthi waba nokukhononda kukaMnu uDerrick Hanekom owayephethe Ezamahlathi Namanzi owagcina esethi laba bantu bacekela phansi ihlathi laseNgome, elinezihlahla eziligugu. Uma ungake uthumele uZulazayithole uyokuthola konke lokhu. Umuzi kababa uThembitshe washiswa kwathathwa izinkomo eSikhwebezi uMadandi ezibusela uma ezochitha umuzi akutshele ukuthile leya nkabi uzoyithenga ngamakhulu amahlanu opondo nawe uvume. Uma ungake uphinde uthumele oZulazayithole uyocela ukubuka ukuthi ngobani abafaka izicelo zokubuyiselwa komhlaba ungabona ukuthi zibhalwe uMnu uJoel Mboneni Ndwandwe, lona obaba uGwala ababefake amasudi nothayi bezokhuluma nabantu baseNgoje bethi bayabakhohlisa.
Ngabe ubaba uGwala kuyo yonke le minyaka esemandleni wayengasiboni isidingo sokuzwelana nabantu ngomhlaba.
Ngikhumbula uMzala Nxumalo kwenye yezicwadi zakhe, wayekuqonda kahle ukuhlukumezwa komuntu omnyama waseNgoje pho ukufa kulinuku. Namuhla neliba lakhe baleqa ngaphezulu, beyoxhasa amaBhunu.
Sengathi le nkundla ingavuleka. Bengifisa nabaphethe oKhozini ophikweni lwezindaba bahlele isithangami nabantu baseNgoje nezwe lizizwele okwenzeka kubo.
Angikweqe okuningi, kusuka lapha kwaba nemikhankaso eminingi eyayenziwa nguTsotsi noMadandi betshela abantu ukuthi lezi zakhamuzi zithunywe uKhongolose