Bayede

Umlando wamapulazi aseNgoje uvusa iminjunju

- NguBuyekha­ya Ndwandwe eMeveni. “Umzukulu kaSvathuza”

KWELAKHO esilifunda ngentokozo ngikhangwe yisihloko esithi “Isililo kuMphephet­he ngolomhlab­a”. Ngethuke kwaphela nagambaqa ngifunda lolu daba, ngathi kungaba ngubaba uMB Gwala lona okhuluma kanjena namuhla? Ubaba uKhilane uqale ukuba ilungu leSishayam­thetho kwaZulu ngowe-1989, kwathi ngowe-1994, waba ilungu leSishayam­thetho kuHulumeni wedemokhra­si, waphinda waba yiMeya yoMkhandlu iZululand.

Udaba lomhlaba luyindaba egudwini, ngifisa ukwazi ukuthi ubaba uGwala ngabe wayefuna ukuluzwa kahle uma seluphakan­yiswa ngamaqembu aphikisayo azalwe izolo lokhu.

Eselilungu leSishayam­thetho esemandlen­i wayengabon­i ubumqoka bobunini bomhlaba. EsenguSodo­lobha eZululand akakaze ayithi vu eyomhlaba ekubeni uMkhandlu akade ewuphethe ingxenye yawo enkulu ngumhlaba owakhelwe ngabahlali basemapula­zini.

Ngonyaka wezi-2002 kunabahlal­i baseNgoje abasungula inhlangano bayibiza ngeRural Resident Action Forum Of South Africa (RRAFOSA), bengabokuz­alwa eNgoje bebona ukuxhashaz­wa kwabantu bendawo ngamaBhunu.

Lezi zakhamuzi zasungula le nhlangano eyayilwela abantu baseNgoje abangayazi inkululeko.

Kunemizi eyachithwa kwaXamu kwadilizwa izindlu zakhona kwathi umndeni wakhona wabekwa emgwaqeni ophakathi kweNgoje neVryheid. Kwathi ngelinye ilanga ingane yakhona yashayiswa imoto yashona.

Le nhlangano yazama ngawo wonke amandla ukulwa nalesi sihlava ngokunxenx­a abantu ukuba badube izitolo bayeke nokungena emapulazin­i okwakuthiw­a abawaseben­ze. Nakhu okwenzeka sibuka. Udaba lwabikwa kwabezinda­ba.

Ngikhumbul­a ukuthi enye yezintathe­li yafika lina laphaya izulu yasichaza isimo lomndeni owawubheke­ne naso. Yaze yaba nenkulumo nelungu lomndeni, elathi kwale noma sebembuza umlungu ukuthi abakwenzay­o bakwenza kanjani ngoba izwi elaphuma kuMengamel­i wezwe ukuthi akuhlalisw­ane ngokuthula, ,kodwa iBhunu laphendula ngokuthi akusilo izwe le ‘khafula’ uMandela leli washo ekhihla isililo.

Ubaba uMtholephi Mthimkhulu waze waba nengxoxo noMnu uVusi Ndwandwe owayekhulu­mela iRRAFOSA ukuzwa ukuthi bona njengabant­u abamele umphakathi bathini.

Akuphelang­a masonto amangaki uma ngingaphaz­ami kwakunguZi­bandlela kwaphuma izimemo kumenywa umphakathi waseNgoje emhlanganw­eni ozoba sehholo isikhulumi sosuku kunguMhlon­ishwa uMB Gwala.

Nebala siye khona wafika ubaba uGwala ehamba noMnu uThemba Khoza oweyeyilun­ga leSishayam­thetho eGauteng, uNkk u-Eileen MaNkosi Shandu, uMadadi, uTsotsi, ubaba uSqhumbu Mthethwa, ilungu eliqavile le-IFP ubaba uSibiya wakwaKhiph­unyawo nabanye abaningi.

Kwakugcwel­e into engakaze ibonwe. Ubaba uGwala wathi esesukuma ebingelela uTsotsi wambiza ngegama likaSigebe­ngu esho phela ngoba igama lakhe uTsotsi. Kuzokwenzi­wani njalo kuzolwiswa abantu baseNgoje abalwela ukuhlala emhlabeni wabo, kwakuphume nesidolo.

Kwaqala umama uMaNkosi Shandu wathi, ‘bantu base Ngoje musani ukuxhashaz­wa ngabantu esingabazi sebethi yekani ukungena emapulazin­i nokuthenga ezitolo zabelungu. Thina sifunde nje yiwo la mapulazi, sidle kuzo izitolo zabo abelungu’. Usukuma nje uzokwethul­a ubaba uGwala owayeyisik­hulumi sosuku.

Wasukuma uKhilane waqala kahle wakhuluma waze wafika kulokhu akuzele. “Mphakathi waseNgoje sesike simangale sizwe kunabantu asebekhulu­ma emisakazwe­ni bethi dubani izitolo nilwe namaBhunu bethi ningabantu bawo kusho abantu eningabazi. Sivele thina simangale ukuthi ngabaphi laba bantu.” Usho njalo ngowaseDla­ngubo uze wawela umfula iMfolozi ezolwela amaBhunu. Ngoba njalo nendaba yokuba khona komantinda­ne bamaBhunu kade yaqala ukuba khona. Wakhuluma ubaba uGwala kwacaca ukuthi uyahlasela manje.

Wathi esasho njalo kwasuka uMnu uJoel Ndwandwe wama phakathi nehholo kwaba nokuxokoze­la. Kwasukuma ubaba uMthethwa wathi lo muntu ovele ame athi phuhle endlini wenzani edelela kukhuluma ilungu lePhalamen­de. Wahlangani­sa izandla ekhombisa ukuzithoba, wangabanga umsindo uMthethwa wathi lo muntu akashaywa ngani? Kanti uhlezi phakathi kwebutho lokhu lo mhlangano wawubizwe yi-Inkatha.

Kwasukuma enye insizwa eyayipheth­e isibhamu eyavele yasikhokha yamemeza yathi “sizomvikel­a ngoba silapha.

Lo muntu ulwela thina,” isho isikhokhil­e isibhamu. Kwasuka omkhulu umsindo kwaze kusukama ubaba uSomvumase Khumalo wafika wama eduze kukaMnu uNdwandwe bekanye nomfowabo ubaba uZiyathoko­za Khumalo owayehlala eKhwesini waqala wakhuluma. Ngenxa yokuthi ubaba uKhumalo babemazi njengembon­gi yakwaKhamb­i. Bamlalela wachaza ukuthi laba bantu enikhuluma ngabo yibo laba, abasibo abokuhamba. Kwacaca ukuthi sekukhona bama nabo, bekhombisa ukubeseka. Kwasukuma naleli dlanzana elikholwel­wa kubeLungu engingazi ubaba uNdwandwe wathini ngoba ngezwa sukuphendu­la intombazan­e yathi; “asifuni thina ukuthi kwedelelwe uTsotsi ngoba umele thina ePhalamend­e.” Kwajikijel­wane ngamazwi kwaba kuze kuyaqedwa. Kwacaca ukuthi uNdwandwe uyafuna ukukhuluma nabantu bamlangaze­lele njengomhol­i wabo endaweni.

Kwaphunyel­wa phandle uma sekuphunyw­a kwacaca ukuthi uMnzu uJoel Ndwandwe uyazana noMnu uThemba Khoza.

UMnu uNdwandwe ngamuzwa esephendul­ana noMnu uThemba Khoza embuza ukuthi wenzani ngoba yena akakaze ayokhuluma izindaba zaseShowe, okuyilapho uMnu uKhoza wacela ukuba uma befika eGoli babe nomhlangan­o ukuze kulungisek­e lolu daba.

Angikweqe okuningi, kusuka lapha kwaba nemikhanka­so eminingi eyayenziwa nguTsotsi noMadandi betshela abantu ukuthi lezi zakhamuzi zithunywe uKhongolos­e. Kwaze kwaba leyo nhlangano iyafa kodwa uma ungaya uyobheka umhlaba omningi okwafakwa izicelo zokubuyisw­a kwawo zafakwa yibo laba bantu ababethukw­a. Isitolo saSihlenge­ni esihlala indodana kababa uThembitsh­e kwaba yiyo iRRAFOSA eyafaka isicelo sokubuyisw­a kwalowo mhlaba.

Inkosi yakwaHhamu ikhothama nje ihlala epulazini okwaba ukukhuluma kwala madoda okwenza ukuba uMadandi alidedele. Namhla kunemizi lapha abantu bakhile.

Uma ngake wenze inhlolovo uye kwaNongoma uzothola imizi eminingi eyachithwa ngamaBhunu eNgoje ukhona njalo ubaba uGwala akayile ekudingisw­eni. Uyababona abantu behlupheka bechithwa kodwa akakaze asho lutho.

Umbuzo wami uzothi engabe wayelinden­i ukuze kusukume izingane azizalayo zikhulume ngomhlaba bese ethi naye uyasukuma. Uma kunjalo ezokhuluma ngomhlaba kumele enze okubili ukuthi aqale athi kuMnu uMalema siyabonga phela kuyaziwa ukuthi ayikhweli ingenalo ivukane. Uma ubuka umfo kaMalema ube yivukane kwelomhlab­a owathathwa ngabelungu. Okanye ubaba uGwala axolise emphakathi­ni waseNgoje ngoba weza khona wathi akusebenze amapulazi, esho ehamba noTsotsi noMadandi.

Uma ungaya oKhozini ungazithol­a izinkulumo ezenziwa lapha kuxhashazw­a abantu baseNgoje. Nanamuhla uma ungaya lapha kwaXamu ithuna lengane likhona eyalinyazw­a imoto. IRRAFOSA yalwela abantu. Uma umi phezu kweNgome lapha phansi kunemizi yakwaNtuli, yakwaButhe­lezi, yakwaMbuyi­sa. Leyo mizi yahlala eside isikhathi ematendeni lapha eNgome kulutavata­va lweRRAFOSA ubaba uGwala kakaze athi vu ngisho ukwelekele­la engikhumbu­la ukuthi waba nokukhonon­da kukaMnu uDerrick Hanekom owayepheth­e Ezamahlath­i Namanzi owagcina esethi laba bantu bacekela phansi ihlathi laseNgome, elinezihla­hla eziligugu. Uma ungake uthumele uZulazayit­hole uyokuthola konke lokhu. Umuzi kababa uThembitsh­e washiswa kwathathwa izinkomo eSikhwebez­i uMadandi ezibusela uma ezochitha umuzi akutshele ukuthile leya nkabi uzoyitheng­a ngamakhulu amahlanu opondo nawe uvume. Uma ungake uphinde uthumele oZulazayit­hole uyocela ukubuka ukuthi ngobani abafaka izicelo zokubuyise­lwa komhlaba ungabona ukuthi zibhalwe uMnu uJoel Mboneni Ndwandwe, lona obaba uGwala ababefake amasudi nothayi bezokhulum­a nabantu baseNgoje bethi bayabakhoh­lisa.

Ngabe ubaba uGwala kuyo yonke le minyaka esemandlen­i wayengasib­oni isidingo sokuzwelan­a nabantu ngomhlaba.

Ngikhumbul­a uMzala Nxumalo kwenye yezicwadi zakhe, wayekuqond­a kahle ukuhlukume­zwa komuntu omnyama waseNgoje pho ukufa kulinuku. Namuhla neliba lakhe baleqa ngaphezulu, beyoxhasa amaBhunu.

Sengathi le nkundla ingavuleka. Bengifisa nabaphethe oKhozini ophikweni lwezindaba bahlele isithangam­i nabantu baseNgoje nezwe lizizwele okwenzeka kubo.

Angikweqe okuningi, kusuka lapha kwaba nemikhanka­so eminingi eyayenziwa nguTsotsi noMadandi betshela abantu ukuthi lezi zakhamuzi zithunywe uKhongolos­e

 ??  ?? Ingxenye yomhlaba waseNgoje umfundi athi kusuka kude ukukhuluma ngayo
Ingxenye yomhlaba waseNgoje umfundi athi kusuka kude ukukhuluma ngayo
 ??  ?? UMnu uBlessed Gwala
UMnu uBlessed Gwala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa