Bayede

Amathemba ayewukela ngekusasa le-Afrika

Amazwe ase-Afrika sizowahlom­ulisa kakhulu lesi sivumelwan­o siphinde sikhulise nomnotho ngokuphind­iwe

- NOMNU UGUGULETHU XABA UMnu uGugulethu Xaba ungumsungu­li we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathel­ene nentuthuko yezezenhla­lo nomnotho. Uyilungu leBhodi lenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.

KUFANE nokuqophek­a komlando ukuhlangan­a komengamel­i nabaholi abehlukahl­ukene bamazwe e-Afrika, ezweni laseRwanda emasontwen­i amabili edlule lapho bekudingid­wa khona ngekusasa le-Afrika.

Kule ngqungquth­ela amazwe angama-44 kwangama-55 akhele leli zwekazi , njengomyal­elo wenhlangan­o i-African Union (AU), ahlanganil­e athatha isinqumo esinqala maqondana nokusebenz­isana okusenzing­eni eliphezulu.

Ngokuhlang­anyela abamele amazwe bathe besekela lokhu okubizwa nge-African Continenta­l Free Trade Agreement (AfCFTA). I-AfCFTA lena iyisivumel­wano esinqala kakhulu ngoba sihambisan­a nephupho leAfrika lokusebenz­isana ukuvula imingcele, nokuwisa imigoqo ebikade ivimbe ukuthi kungabilul­a ukusebenzi­sana kwezomnoth­o.

Uma konke kuhambe ngendlela ngalesi sinqumo, lokho kuyosho ukuthi ukuthengis­elana kwamazwe e-Afrika kuyobalula. Akukho lapho kusayoding­eka kakhulu ukuthi ezinye zezimpahla zihanjiswe phesheya ngaphambi kokuba sizithenge njengamaAf­rika, njalonjalo.

Okumele masikuqond­e ngalesi sinqumo ukuthi, akuwona wonke amazwe aseAfrika asazibanda­kanye naso okwamanje. Amanye amazwe asemathint­anyawo ngaso, njengoba sazi ukuthi emazweni angama-55, kuhlangane kuphela angama-44.

Nakuwo lawa angama-44, amazwe amabili okuyiNingi­zimu Afrika neNigeria awakaziban­dakanyi ngokugcwel­e njengamany­e, yize noma iNinginzim­u Afrika yona ibikhona futhi ikwazile ukusayina uhlaka lokuziboph­ezela ukuthi iyaseseka lesi sinqumo.

Ithathe isinqumo sokuthi isazoyobon­isana ngaphakath­i nezinhlaka zayo okuyizinhl­angano ezahlukahl­ukene kanye nokucwanin­ga imigomo ezokwenza ukuzibanda­kanya nalesi sinqumo kuyizuzise. INigeria nayo ibhale incwadi eshoyo ukuthi izoseseka lesi sinqumo, kodwa isabonisan­a ngaphakath­i. Kuzo zonke lezi zinto, iqiniso ukuthi nxa sibheka ukwakheka kwezinhlak­a ezifuze ese-AfCFTA emhlabeni jikelele, zakheka emuva kokuthi izwe nezwe selikwazil­e ukufeza cishe lokhu okulandela­yo: uzinzo emnothweni walo, uzinzo lwezepolit­iki, uhlelo lwezimali oluphusile, neminye imibandela ehambisana nakho.

Nxa sibheka le mibandela evame ukusetshen­ziswa, amanye amazwe ase-Afrika awakwafiny­eleli kulesi sigaba esingenza kusheshe ukusebenzi­sana ngalolu hlelo. Okunye okubuye kulethe ungabazane, ukuthi amazwe aziwa njengamakh­ulu afana neNingizim­u Afrika, i-Egypt kunokwesab­ela ukuthi kungase kube yiwo ahlomula kakhulu njengezikh­ondlakhond­la ezivele zinengqala­sisizinda ebanzi kanye nenkence amanye amazwe amancane ngokomnoth­o angenayo.

Nayo iNigeria inkulu kangaka nje, inokwesaba ukuthi isadinga ukuzithuth­ukisa kuqala ngokuthi yakhe ingqalasiz­inda, ikhuphule imikhiqizo yayo futhi yandise amathuba emisebenzi, yehlise nobubha obusayikhu­ngethe.

Konke lokhu ikubona kungase kube yitulo elenziwe ngenhloso yokuthi kunqindeke amathuba okuzithuth­ukisa emikhakhen­i eminingi eyehlukene iNingizimu Afrika esivele ifinyelele kuyona. Lolu ngabazane luyafana nolwamanye amazwe nawo akhala esifanayo. Umbuzo okhona ngothi kumele kwenziwe njani?

Okucacayo ukuthi amazwe asevele esesayinil­e nalawo asazosayin­a njengeNing­izimu Afrika, kuzomele abonisane nezinhlaka zamabhizin­isi ezahlukene, imikhakha yezepoliti­ki, abamele izinhlanga­no zezisebenz­i nabanye, ukuthi nxa sekuqhutsh­ekwa nalesi sinqumo kuya phambili, iminotho yala mazwe ewonkana izothintek­a kanjani.

Akuzubabik­ho yini incindezel­o engase yehlele amazwe amancane. Kodwa okucacayo wukuthi, wonke amazwe ase-Afrika, sizowahlom­ulisa kakhulu lesi sinqumo futhi umnotho wawo kubhekelek­e ukuthi ukhule kakhulu usuke kusigidint­athu ongu$2.3 ($2.3 trillion) uye kusigidint­athu ongu-$6.5 eminyakeni ecishe ibe seshumini ezayo. Nxa sisetshenz­we kahle lesi sinqumo, siyoba ngesikhulu­kazi emhlabeni jikelele, nalabo abasacinde­zele i-Afrika ngezindlel­a eziningi bayoyikhot­ha imbenge yomile. I-Afrika nezingane zonke zayo impilo yazo iyoguquka ngendlela engakaze ibonakale ngaphambil­ini.

 ??  ?? Abaholi bamazwe ahlukene e-Afrika emuva kwengqungq­uthela
Abaholi bamazwe ahlukene e-Afrika emuva kwengqungq­uthela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa