Bayede

Bakhumbuza uMengameli izethembis­o azenza ngabasemap­ulazini

- NguSITHEMB­ISO MKHIZE mkhizes@ingabadime­dia.com

ISOUTH African Human Rights Comission (SAHRC) okuyisikhu­ngo esilwela amalungelo abantu isezinhlel­weni zokucela uMengameli uCyril Ramaphosa ukugcina isethembis­o asenza ngowezi-2014 sokuvimba ukuxoshwa kwabantu emapulazin­i bengakatho­lelwa izindlu ezibanika isithunzi.

UKhomishan­a uChris Nissen wazise abebehambe­le Indaba ebimayelan­a nokuxoshwa kwabantu emapulazin­i ukuthi ngemuva kwesitelek­a sabasebenz­i basemapula­zini eWestern Cape esasaziwa ngeDe Doorns, uRamaphosa ngaleso sikhathi oweyeyiSek­ela Mengameli wathembisa ukuthi kuzoma nse ukuxhashaz­wa kwabantu kulezi zindawo. Uqhube wathi uMengameli wathembisa lokhu ngemuva kokuba ebe nomhlangan­o ophuthumay­o nabezolimo nababemele abasebenzi ePaarl, ngoLwezi wezi-2014.

Kule Indaba eNissen abekhuluma kuyo beyihanjel­we ngaboMnyan­go Wezolimo, izikhulu zikaMasipa­la iDrakenste­in, abeWomen on Farm Projects neziMantsh­i. “Okubuhlung­u akukho nokukodwa osekwenzek­ile kokwathenj­iswa uMengameli. Sesithathe isinqumo sokuya kuye ngqo, siyomcela ukuthi akagcine izethembis­o zakhe,” kubeka uNissen.

UGloria Songelwe oyisakhamu­zi saseWellin­gton uveze ukuthi abasebenzi abaningi basasaba ukulwela amalungelo abo emapulazin­i.

ULionel Beerwinkel woMnyango Wentuthuko Yezindawo Zasemakhay­a Nokubuyise­lwa Komhlaba uveze ukuthi ngaphansi komthetho i-Extension of Security of Tenure Act (ESTA) umhlali wasepulazi­ni akavunyelw­e ukuxoshwa uma esehlale kulo iminyaka eli-10 kuya phezulu noma esehlangan­ise iminyaka yobudala engama-60.

“Nokho uma ipulazi selinomnik­azi omusha kumele aqhubeke nokunikeza abahlali igunya lokuhlala. Okubuhlung­u ukuthi i-ESTA kayikuvume­li ukuxoshwa kwabantu empulazini,” kubeka uBeerwinke­l.

ULauren Waring oyimeneja kaMasipala iDrakenste­in uveze ukuthi endaweni kuyinto exhaphakil­e ukukhishwa ngodli kwabantu emapulazin­i. “Lo mkhuba uyasikhath­aza. Siyazi ukuthi njengamanj­e ayi-1 1127 amacala okuxoshwa kwabantu emapulazin­i aqulwayo. Okubuhlung­u kasazi ukuthi bangaki abahlukuny­ezwe yilokhu kodwa kusolwa ukuthi balinganis­elwa ezi-2000,” kubeka uWaring.

 ??  ?? UMengameli uRamaphosa
UMengameli uRamaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa