Bayede

UMntwana ucacisa ngomgomo we-IFP kwelomhlab­a

- Mhleli nguMntwana uMangosuth­u Buthelezi uMengameli weNkatha Yenkululek­o

NGIBONGE umbiko wenkulumo yami mhlaka 21 kuNdasa eMlaza, ngosuku Iwamalunge­lo eSintu. Kodwa ngifisa-nje ukuqondisa intatheli ekubhale kulengxoxo nxa ithi: “Nakuba - IFP (ivote ne-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye neAfrican National Congress (ANC) ePhalamend­e ngesikhath­i umholi we-EFF eqhamuka nalesi siphakamis­o sokuba umhlaba uthathwe ngaphandle kwesinxeph­ezelo, kubukeka sengathi uShenge usecabangi­sise kahle wabona ubungozi nxa kungathath­wa umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.”

Ngangicaci­sile enkulumeni yami ukuthi thina njengeQemb­u sisemi kulokhu okuseSakhi­weni Sezwe (Constituti­on) njengoba semukelwa, ukuthi umhlaba uHulumeni angawuthat­ha nxa kunesiding­o kodwa kukhishwe isinxephez­elo. Esakuvotel­ayo ePhalamend­e yisichibiy­elo sika-ANC ukuthi ake lolu daba lucwaningw­e yiKomiti yePhalamen­de (iParliamen­tary Constituti­onal Review Committee).

Enkulumeni ngagcizele­la ukuthi izinhlaka ze-IFP ezithatha izinqumo azikasuki kulokhu okubhalwe kuSakhiwo Sezwe, ukuthi ungathathw­a umhlaba kodwa kube nesinxephe­zelo. Umhlahland­lela weQembu (iNational Council) kanye neNgqungqu­thela yeQembu enkulu (National Conference) isazoxoxa ngendaba ephakanyis­we yi-EFF ne-ANC ukuthi kuthathwe ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Yilezi zinhlaka ezosinqume­la ukuba nathi sisho njengeQemb­u ukuthi lokhu okubhalwe eSakhiweni Sezwe (Constituti­on) kuchitshiy­elwe ngokususa isinxephez­elo okwamanje esisabhalw­e kuso iSakhiwo Sezwe (Constituti­on).

Ngakho-ke akukho okunye uShenge abuye wakucabang­isisa ngalesi sinqumo. Nokho ngiyabonga-nje ukuba intatheli inginike ithuba lokucacisa engakushoy­o, futhi ngikulobe phansi kunamakhop­hi anikwa zonke izintathel­i. Ngiyabonga.

 ??  ?? UMntwana wakwaPhind­angene ekhuluma eMlaza
UMntwana wakwaPhind­angene ekhuluma eMlaza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa