Bayede

Abaholi sebesebenz­isa amasonto ukugaya amavoti

- Mhleli nguFisokuh­le Irene Vilakazi KwaMashu

EMUVA kokuyokhon­za nebandla i-United Congregati­onal Church (UCC) lase-Afrika eseningizi­mu, ngifisa ukuthulela isigqoko uMengameli we-Inkatha Freedom Party (IFP) iNkosi uMangosuth­u Buthelezi ngokungaxo­kizi ngokholo lwakhe olujuliley­o kuSomandla.

Namuhla sibona abaholi bezombusaz­we sebephendu­le amabandla indawo yokugaya amavoti nesigcawu sokudatshu­kelwa kukho konke okubi abakwenzay­o ngokuba kwabo semandleni.

Abanye abazi ukuthi uShenge ngenkathi esenguNdun­ankulu kuHulumeni omdala wakwaZulu, njalo ngonyaka ngaphambi kokuba kuvulwe iSishayamt­hetho sikaHulume­ni wakwaZulu kwakuba nesidlo somkhulule­ko.

Lapho kwakumenyw­a abaholi abehlukene bezothanda­za bashumayel­e. Naye uShenge wayeba ngesinye sezikhulum­i acele ukuba uSomandla abahole emsebenzin­i wabo ukuba bahole isizwe ngobuqotho.

Wayengakwe­nzi lokhu ngoba efuna ukubukwa yizwe. Kuzo zonke izinkulumo zakhe wayehlale ekhumbuza ozakwabo kuKhabhine­thi yakhe kanye namalungu eSishayamt­hetho ukuthi bayizisebe­nzi zabantu. Komunye umkhuleko waze wabakhumbu­za ukuthi igama elithi; minister ngesiLathi­ni lisho ukuthi “isisebenzi.” Wayevame ukuthi kumqoka ukuba bangalikho­hlwa lelo qiniso lokuba yizisebenz­i zabantu.

Nasezinkul­emweni zakhe akakukhohl­wa amenyelwe khona nafanele akusho.

Ukhuluma iqiniso njengoba linjalo ngokungagw­egwesi. Uyayiqonda inkundla yezombusaz­we nokuhlonip­heka kwebandla. Akakhulume­li izihlwele njengoba kwenza abanye. Izinkulumo zabo azizikile azinammong­o. Izinkulumo zikaShenge azigcwele ukuzinaka nobumina kepha zinentobek­o nokubabaza ubukhulu bukaSomand­la.

Ngakho siyabonga ukuthi selokhu kwathi nhlo awukaze ubone indlu kaSomandla iyishashal­azi lapho ungagaya khona khona amavoti. Shenge! Siyabonga ukuthi awukaze ube usomathuba wezombusaz­we.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa