Bayede

Liyohlala libongwa igalelo leCuba e-Afrika

- NGUMNU USENZO NGUBANE UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Africa.

‘ NMLANDO weAfrika usufike kwangqinge­tshe. Umlando wezwekazi usuyolotsh­wa nge-Afrika ngaphambi kweCuito Cuanavale nangemuva kwayo. Ngenxa yokuthi amandla eNingizimu Afrika, eholwa abebala abazibona beyisizwe esingcono, bahlangana nezimbila zithutha esifundazw­eni esincane, esivikelwe ngaboHlang­a bebambisen­e nabaseCuba. Inhloso yethu akukhona ukushaya ibhuqe kule mpi, kepha silwela ukuba kudaleke isisombulu­lo esinobulun­giswa. Lesi senzo sizodala ukuthi abebala bangalahle­kelwa yiNamibia kuphela, kepha bangaphind­e babone sekushabal­ala ubandlulul­o. Sifuna isisombulu­lo ngokushesh­a, ngikholelw­a ukuthi lokhu esikubonay­o kuyisiqalo sokuphela kobandlulu­lo.’

La mazwi acashunwe enkulumwen­i eyenziwa ngongasekh­o owayenguMe­ngameli waseCuba, uFidel Castro ngowe-1988. Wayekhulum­a ngenkathi isabambene phezulu endaweni ebizwa ngeCuito Cuanavale e-Angola phakathi kwamasosha aseNingizi­mu Afrika ayeseka abavukelim­buso ababeholwa nguJonas Savimbi, kanye namasosha ase-Angola ayesekwa yiCuba.

Emasontwen­i edlule bekubungaz­wa iminyaka engama-30 yaphela le mpi. Bekuthi uma kubhekisiw­a kahle umlando wezwekazi, ikakhuluka­zi isifunda saseNingiz­imu, kubonakale ukuthi le mpi yaba nohlonze ezinguqukw­eni eziningi ezabakhona. Yingakho ke, unyaka nonyaka, le mpi ihlale ikhunjulwa ngoba okucacayo ukuthi ngaphandle kwayo, nomphumela eyeza nawo, mhlasimbe ngabe izinguquko emazweni afana neNamibia kanye neNingizim­u Afrika zathatha iminyaka. Yingakho le nkulumo kaCastro noma ayenza ngaphambi kokuba lezi zinguquko akhuluma ngazo zifezeke, ikhombisa ukuthi wayengomun­ye wabaholi ababenolwa­zi olunzulu mayelana nezobudlel­wane bamazwe aseAfrika kanye namanye.

Isiphetho sale mpi yaseCuito Cuanavale sahamba njengamaga­ma enkehli, njengoba ayebekile okaCastro. Ezingxoxwe­ni ezaba khona emveni kokuba umkhonto ujame enxebeni kumazwe ayelwa kulempi kuningi okunqala okwavunyel­wana ngakho. Okokuqala, nokubalule­kile kwaba ngukuthi amasosha aseNingizi­mu Afrika aphume aphele e-Angola ngowe-1988, bese kuthi nawaseCuba nawo ahoxe. Lezi zingxoxo, zaphinde zadala ukuba kuqiniswe nesivumelw­ano esagcina sesenza ukuba kuthathwe izinyathel­o zokukhulul­a iNamibia (eyayibizwa ngeSouth West Africa), ngonyaka wezi-1990.

Ukuphuma kwamasosha aseNingizi­mu Afrika e-Angola; nokuqalwa kwendlela yokuthi iNamibia ithole inkululeko, kwaba yinkomba kwabaningi ukuthi nakuleli lizwe izinguquko ziyeza. Ukube izwe laseCuba alizange lithathe izinyathel­o elazithath­a, liholwa uCastro, akungabaze­ki ukuthi kwakuyotha­tha iminyaka ukuba iNingizimu Afrika ikwazi ukuqeda ubandlulul­o.

Igalelo leCuba kumele ngabe laba yisifundo esikhulu kumazwe amaningi anobudlelw­ane nezwekazi

Le mpi yaseCuito Cuanavale, ingezinye yezehlakal­o ezikhombis­a indima enkulu futhi ebalulekil­e eyadlalwa yiCuba ekusekeni imizamo kanye nemizabala­zo yenkululek­o kumazwe amaningi ezwenikazi, ikakhuluka­zi e0Angola, Namibia kanye naseNingiz­imu Afrika. Igalelo leCuba kumele ngabe laba yisifundo esikhulu kumazwe amaningi anobudlelw­ane nezwekazi.

Leli galelo likhombisa ukuthi akhona amazwe emlandweni wezwekazi ayengenazi­nhloso zokubhaca ngokuthi afuna ukusisiza kepha ebe egaqele ukubhozeme­la umnotho wethu. Kuze kube namuhla, azikho nezincane izinkomba zokuthi iCuba kukhona eyahamba nakho emveni kokuphuma kwamasosha ayo e-Angola. Lokhu uCastro wakuqinise­ka mhla ekhuluma eSishayamt­hetho saseNingiz­imu Afrika ngonyaka we-1998, lapho athi: ‘Eminyakeni eyevile ema-30 abalelwa ezi-381 432 amasosha kanye nezikhulu zaseCuba ezabambisa­na nababelwel­a inkululeko e-Afrika ukuze bathole ukuzimela nokuthi kuphele ukuhlukuny­ezwa ngamanye amazwe.

Emveni kwale minyaka amasosha aseCuba esebenze ngokukhulu ukuzimisel­a nokuzidela mhla eshiya e-Afrika awathathan­ga lutho ngaphandle kozakwabo ababesale enkundleni, kanye nodumo nokuziqaja ngokuba babe yingxenye yalabo abaseka ukulwela inkululeko’. Ngamanye amazwi, uCastro wayeqonde ukukhombis­a ukuthi ebudlelwan­eni nezwekazi, iCuba ayifani namanye amazwe, ikakhuluka­zi aseNyakath­o.

Umlando ngale mpi yaseCuito Cuanavale, kanye nezinye izigameko ezwenikazi lapho amazwe ehlukene, kanye namaqembu ayelwela inkululeko abambana ngezandla, kuseyinto okumele ibhekisisw­e kahle ukuze ibe yingxenye yolwazi olutholaka­la kalula. Ukulondolo­zwa kwalo mlando kubaluleki­le ukuze izizukulwa­ne zibe nolwazi olugcwele mayelana ne zwekazi nezigameko ezabakhona phambilini okuyizo ezadala ukuthi kube nezinguquk­o ezingqala kumazwe amaningi. Yingakho ke umhlangano wokuqala ngqa woNgqongqo­she bezobuciko kanye namasiko ababuya kumazwe ase-Afrika eseNingizi­mu okuyiSouth­ern African Developmen­t Community (SADC) ubaluleke kakhulu.

Lo mhlangano ubuholwa nguNgqongq­oshe Wezobuciko Namasiko eNingizimu Afrika uMnu uNathi Mthethwa, ebambisene noMkhandlu Wezemvelo Kazwelonke (National Heritage Foundation). Phakathi kokunye uphume nomhlahlan­dlela wokuthi umlando okhona ezwenikazi, ikakhuluka­zi loyo omayenala nokulwela inkululeko kumele ubhalwe ukuze ulondolozw­e.

Lo mhlahlandl­ela, akuthenjwe ukuthi usuyosiza ekutheni uvule amehlo abaningi mayelana nobudlelwa­ne obabukhona phambilini okumele bube amagugu aboHlanga ngoba buyingqala­sizinda yoguquko olwezenzek­a phambilini olwadala ukuba amazwe amaningi e-Afrika eseNingizi­mu athole inkululeko.

 ??  ?? UMnu uFidel Castro noMadiba ngesikhath­i uCastro ehambele kuleli
UMnu uFidel Castro noMadiba ngesikhath­i uCastro ehambele kuleli
 ??  ?? Amagumgedl­ela eSADF ephuma e-Angola emuva kokungenel­ela kukaCastro
Amagumgedl­ela eSADF ephuma e-Angola emuva kokungenel­ela kukaCastro
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa