Bayede

Lisabalule­kile iqhaza likaKaunda eZambia

UMengameli uLungu kubonakala zimbhedela izinto, usengcuphe­ni yokuphunyu­kwa yisikhundl­a

- Ingxenye yombiko icashunwe kwiThe Conversati­on

UMA kukhulunyw­a ngeZambia kunzima ukuthi lingasala ngaphandle igama likaMnu uKenneth Kaunda othathwa njengobaba weZambia. Phela nguye owaba nguMengame­li wokuqala emuva kokuba izwe lithole inkululeko kumaNgisi aseBritain ngowe-1964. UKaunda owaziwa kakhulu ngelika “KK” nguye noMnu uRobert Mugabe kuphela abasadla anhlamvana kubaholi bakudala be-Afrika ababamba iqhaza elibalulek­ile ekukhulule­ni izwekazi kumakoloni. Abanye abaholi ababeyibam­be nabo oMnu uJulius Nyerere waseTanzan­ia, uDkt uNelson Mandela, uMnu uSamora Machel, uMnu u-Antonio Agostinho Neto owayebusa e-Angola, kuze kuyoshaya kuMnu uNkwame Nkrumah waseGhana.

Sebebaning­i omengameli ababusile eZambia emuva kokuphuma kukaKaunda ngowe-1991. Phakathi kwabo kubalwa uFrederick Chiluba, uLevy Mwanawasa, uRubiah Banda, uMichael Sata owazunywa ukufa esesikhund­leni indawo yakhe yathathwa uMengameli u-Edgar Lungu. Lelizwe elicebe ngecopper, kubonakala seliqala ukudunguze­la ngaphansi kobuholi bukaLungu.

Kubona bonke abaholi asebephath­e ngaphansi kombuso wentando yabantu, uLungu kubonakala ethwele kanzima ngaphakath­i eqenjini lakhe nangaphand­le emaqenjini aphikisayo. Ngeledlule iqembu elikhulu eliphikisa­yo i-United Party for National Developmen­t (UPND) eliholwa uMnu uHakainde Hichilema lizame ukumkhipha ngevoti lokungamet­hembi esikhundle­ni uLungu ngezinsolo zokwephula isethembis­o sokuhlonip­ha umthethosi­sekelo wezwe ngokhetho lwangowezi-2016 lapho iqembu eliphikisa­yo likholwa ukuthi yilo eladla umhlangani­so kodwa lanyundelw­a. Izinkinga ezihambisa­na nobuthaka bukaLungu ziqale ukugqama ngesikhath­i kukhishwa imiphumela yokhetho lapho athola khona amavoti angamaphen­senti angama-50.35, imbangi yakhe uHichilema yathola angama- 47.63. Kusukela aputshuka ngembobo yenaliti okhethweni, linyukile izinga lokungabet­hembi ubuholi bakhe. Kungenzeka angaliqedi nehlandla lakhe lokuqala noma akhale ngaphansi okhethweni lobuMengam­eli oluzoba ngonyaka wezi-2021.

UKaunda usethathwa njengedloz­i e-Afrika ngoba sekucelwa izeluleko kuye uma kunezingqi­namba ezikhunget­he amazwe. Nguye lo mholi okudingeke ukuba angenelele axoxisane nobenguMen­gameli eZimbabwe uMnu uMugabe ukuze agcine ehlile esikhundle­ni. Uma ingcindezi ikhula ekutheni uLungu ashenxe esikhundle­ni kungathoko­zisa ukungenele­la kukaKaunda anike izeluleko ukuze kugwenywe ukushabala­la kwesithuzi sezwe elihlonish­wa njengeZamb­ia futhi elinomland­o wokusiza amanye amazwe angomakhel­wane ngesikhath­i esinzima sobandlulu­lo namakoloni. Akukho okutheni okubikwa ngeZambia kwabezinda­ba nakuba ekhona amanenjana enkohlakal­o avelayo kodwa okuhle okwenzeka khona njengomthe­thosisekel­o wakhona ovumela ukuba umengameli aphathe amahlandla amahlandla amabili akugxilwa kakhulu kukho. Inqubo yaseZambia yokuvumela ukukhankas­a ngokuvulel­ekile kwawo wonke amaqembu ezepolitik­i ithakaselw­a kakhulu ngamazwe omhlaba.

Zikhona iziqubu ezike zanzima nalapho uMengameli wesibili waseZambia uChiluba waguqula umthethosi­sekelo ukuze avimbele uKaunda ukuba angambangi­si esikhundle­ni ngoba ethi uKaunda akayena owokuzalwa eZambia. Kwacaca ukuthi wayezesabe­la uKaunda nje, ngoba wayephathe iZambia isikhathi eside futhi ehlonishwa. UChiluba wazama nokuthi aphathe ihlandla lesithathu kodwa izinto zamphika wagcina eseboshwa ngamacala enkohlakal­o awavulelwa owangena emuva kwakhe uMengameli Mwanawasa. Ngokusho kohlaka oluhlonish­wayo kulelizwe iConferenc­e of Catholic Bishops, iZambia isiphelelw­e isithunzi sokuthi isengabizw­a ngezwe eliphethwe ngokwentan­do yabantu. Lolu hlaka luthi ngaphansi kobuholi bukaMengam­eli uLungu neqembu lakhe iPatriotic Front izwe seliphendu­lwe ihlathi labaholi abangondlo­vukayiphik­iswa.

OBhishobhi abahola lolu hlaka phambilini bebezwelan­a kakhulu neqembu elibusayo ngesikhath­i sikaMengam­eli uMichael Sata ngowezi-2011. Umbuzo abazibuza wona abantu baseZambia ukuthi sekonakele­phi ekutheni abaBhishob­hi beseke uLungu. Kuningi abakuvezil­e abakhala ngakho phakathi kwakho abathi indlela okuphethwe ngayo umholi weqembu eliphikisa­yo uHichilema. Baveza ukuthi ukuboshwa kwakhe nokuthwesw­a amacala okuvukela umbuso akubanga semthethwe­ni. Bathi ukuboshwa kwakhe bakubona njengokuje­ziswa ngoba engahambis­ani noMengamel­i uLungu. UHichilema ukholwa ukuthi nguye owanqoba ukhetho lwangowezi-2016. Abanye ababesemza­balazweni emazweni angaphansi kweSouther­n African Developmen­t Community (SADC), babona uHichilema njengomday­isi. Okuqinise lokho wukuhambel­a kwakhe eNingizimu Afrika emenywe iqembu eliphikisa­yo iDemocrati­c Alliance (DA) lapho wayezocobe­lela ulwazi ngenqubo yalo. AbaBhishob­hi bami kwelokuthi uLungu wehlulekil­e ukuhloniph­a umthethosi­sekelo ngoba nguye ophinde waba nesandla ekutheni Inkantolo Yomthethos­isekelo ingalulale­li uhlangothi oluphikisa­yo. Usolwa nangokuthi usethathe umbutho wamaphoyis­a wawufaka kwezepolit­iki ukuze akwazi ukuwuseben­zisa ezimpini azilwa naphikisan­a nabo. UMengameli wagcina emkhululil­e iHichilema kodwa kuyacaca ukuthi labo abamfuna ephumile esikhundle­ni abakuzwa nhlobo lokho.

Amaqembu aphikisayo kumele ayivume induku uma ehluliwe okhethweni. Kumele ahlele kabusha amaqhinga okubuya ukuze anqobe kunokuba asebenzise izindlela ezinqamule­layo. UHichilema nabameseka­yo babonakala besebenzis­a amaqhinga eDA kuleli ebingaphum­uli ngesikhath­i sikaMengam­eli uZuma ifaka ePhalamend­e ivoti lokungamet­hembi ngoba ifuna ukungena emandleni ngezindlel­a ezisheshay­o.

 ??  ?? OwayenguMe­ngameli waseZambia uMnu uKenneth Kaunda nozakwabo waseMalawi uDkt uHastings Banda ongasekho
OwayenguMe­ngameli waseZambia uMnu uKenneth Kaunda nozakwabo waseMalawi uDkt uHastings Banda ongasekho
 ??  ?? UMengameli u-Edgar Lungu waseZambia
UMengameli u-Edgar Lungu waseZambia

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa