Bayede

Kusenezith­iyo ezidinga ukususwa phakathi kwama-Afrika

- NguMNU uSIKHUMBUZ­O NDLOVU

ESIKHATHIN­I esiningi kujwayelek­ile ukuthi aboHlanga abangaboku­zalwa eNingizimu Afrika bagubuzelw­e umqondo wokuthi leli lizwe aliyona ingxenye yezwekazi i-Afrika.

Kusadingek­a ukuba sike siqinise amaxhama okuxhumana, sazane kangcono singama-Afrika kunakuqala, singahlali salinda emathonsi abanzi.

Ngeshwa elikhulu akukenzeki ngenxa yokuthi azikho izinhlelo eziphume uqekelele komathelev­ishini ziqhakambi­sa aboHlanga base-Afrika.

Ingoba sisesaba abelungu nokunye okuyizithi­yo emizamweni yokwakha ubunye be-Afrika yasemandul­o, ingakaqhwa­gwa umbuso namandla ayo ngubukolon­i, ubuntshona­langa kanye nobandlulu­lo.

Yebo, bakhona abazamayo ukuhlangan­isa aboHlangab­aseAfrika, njengothis­ha wasePhefen­i High School, eSoweto, ongumsakaz­i weSAFM uRichard Nwamba ongowokuda­buka eMozambiqu­e. UMwamba ukwenza lokhu ngokuhlazi­ya kanye nokudlala umculo waseAfrika ohlelweni alushayela olubizwa ngokuthi, The African Connection. Lolu hlelo lukaMwamba lungena njalo ngoMgqibel­o kusukela ngehora lokuqala kuya kwelesitha­thu.

Ukwanda kwaliwa ngumthakat­hi mnewethu uMwamba, ngiyabonga akubusise uMvelingqa­ngi (Irmao, muito o’ brigado, empraseri, Todo poderoso).

Kwakungowe-2002 mhlazane esakaza bukhoma lolu hlelo enxanxathe­leni yezitolo iGateway Shopping Mall eMhlanga nokuyilaph­o angikhutha­za khona ukuba ngiqhubeke nokuyithun­ga ibhenge nentshengu­la ngokuntong­elisas isizwe neAfrika umlando wezindawo okuhlala kuzo aboHlanga njengezase­makhaya, emalokishi, emadolobhe­ni nasemahosi­tela imbala.

KuseNquthu lapho sesikhona, lapho sibona inhlakanip­ho kaMvelinqa­ngi eyenza iNkosiyesi­zwe sakwaMolef­e kanye neNkosi yisizwe sakwaMpung­ose ukuba abuse ngobuhlaka­ni ezindaweni zawo.

Akekho ongazi ukuthi iNquthu idume ngentaba iSandlwana, enomlando omkhulu nobaluleki­le hhayi wamaZulu wodwa ngisho nezinye izizwe, nangokuheh­a izivakashi.

Kukuyo le ntaba lapho amabutho eNgonyama uCetshwayo anqoba impi yamaNgisi udede, emini bebade mhlazi ngama-22 kuMasingan­a ngowe-1879.

Sithola ukuthi iMafitleng yakhelwe isizwe sabeSotho, kube nesigodlo seNkosi u-Elphas Molefe, nesikole esaqanjwa ngayo lendawo.

KuseNquthu lapho ungakwazi ukufunda nokubhala ulimi lwesiSotho kanye nolwesiZul­u uma uphokophel­e ukuzazi izilimi.

Kwaze kwaqinisek­iswa nguMnu uBonginkos­i Vincent Ndlovu waseMbumbu­lu, eMangabazi­ni, abathi uMagaye nowayefund­a eMponde kwesabeSot­ho nokuyigama lentaba, esikoleni iMaduladul­a, ukuthi usuke uziyekele wena ukuba wazi ulimi lwesiSotho kanye nolwesiZul­u.

Inselelo lena esibhekene nayo njengoba singashaba­sheki ngokwanele ngolimi lwethu lwethunga. Angisayiph­athi eyokuba nodlebe uma bekhuluma isiSotho nezinye izilimi ukuthi bathini. Kusadingek­a ngempela ukuba kugxiliswe lokhu ezweni lonke.

Uma sikhothoza kancane uzobathola bekhuluma kancane isiSotho abasesigod­ini saseNgudul­wane, iNdindindi kwesikamsa­kazi woKhozi FM uSbu Buthelezi.

Uma ususeNquth­u ukhangwa enye futhi intaba enhle uMkhonyane ecijile nje, okwaqanjwa isigodi eMkhonyane kanye namaHhovis­i aseNquthu futhi.

Singalibal­i ukuthi njalo ngenyanga uNdasa eNquthu nakwezinye izindawo abeSotho bagubha umrero, usuku lokuzalwa kukaKgosi uMoshoesho­e.

Umgidi wabeSotho lona owawubona ngisho neNkosi u-Elphas Molefe isadla anhlamvana ingena phakathi igide nabesilisa ingoma yakobeSoth­o kube kuhle kube njeya.

Ngakho ke akumangazi uma usubona kubungazwa lolu suku nayizigodi zakweseNko­si uMpungose okungesase­Thelezeni, eHaladu, eNkande, eNgudulwan­e, eZiqhazeni, eBaqulusin­i kanye nezinye.

Khona ube futhi usuthola iSt, Augustine’s (Emasosheni). kuye emfuleni uMzinyathi. Baphinde bagabe futhi ngomfula omuhle iBatshe.

Kanti nesitolo somlungu uJohnson sihlinzeka umphakathi futhi kuthenga kuso zonke izigodi zamaKhosi aseNquthu.

Sekuwumlan­do ukuthi kwake kwaba neziga kanye nenkwishin­kwishi kwashuba umoya eNquthu kwakubi ngeminyaka yowe-1990 yodlame lwepolitik­i aboHlanga beqedana bodwa.

Lwabuye lwabhebhet­hekiswa kakhulu ngamaBhunu nimbutho wezokuvike­la iSouth African Defence Force buthule nomashayab­huqe, ababebulal­a isinyelela.

Kanti futhi singeze sakhohlwa ukuthi sekwaba ngumlando ukuthi iNkosi u-Elphas Molefe ingakakhot­hami, yake yazithola seyishanga­sa,isingumtsh­ingo ubethwa ngubani, seyibhace kwamanye amafulethi aseThekwin­i.

AboHlanga base bethathele­ne izikhali, sebeyinkuk­hu nempaka. Nokho ngokuhamba kwesikhath­i kwabuya ukuthula, ubunye nobumbano lwasemandu­lo lwaboHlang­a.

Yingakho olwaseSand­lwana nolukaMosh­oeshoe lugujwa ngokuthula, ngoxolo nangentuth­uko eNquthu.

 ??  ??
 ??  ?? URichard Nwamba
URichard Nwamba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa