Bayede

Akukuhle ukuthekela kungenasid­ingo, kubulala ulimi

- nguDKT uMPUMELELO MBATHA UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazam­azwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

SIHLALE sikhala ngamagama angena esiZulwini agcine esegugisa amagama esiZulu ewenza imidodovu yamakhehla nezalukazi. Kukhona abakubiza ngokwakha imigoqo evimba ukuthuthuk­a kolimi lwesiZulu. Okucacayo kulaba abathi kwakhiwa imigoqo evimba ukuthuthuk­a kolimi lwesiZulu wukuthi abayiqondi ingqikithi yalezi zikhalo. Okuyiyona ngqikithi yalokhu kukhononda wukuthi uma kungasetsh­enziswa amanye amagama angena olimini lwesiZulu esikhundle­ni salawa asuke ekhona. Umuntu onothando lolimi lwesiZulu ngeke avele abhoke akhahlele ebhokela amagama azothuthuk­isa ulimi lwesiZulu.

IsiZulu sithi; ‘yakhela ngamaqubu enye’. Lesi yisimo sokukhulum­a esichaza ukuthi impumelelo umuntu uyithola ngokusizwa abanye. Nasolimini kunjalo. Ulimi luthuthuka ngokutheke­la kwezinye izilimi. IsiNgisi sithuthuke kangaka size sihlonishw­e umhlaba wonke kungenxa yokuthi sathekela kakhulu kwezinye izilimi. Ongoti bezilimi bathi isiNgisi sathekela kakhulu olimini lwesiFulen­tshi. Okubalulek­ile ngala magama athekelwa yisiNgisi kwezinye izilimi wukuthi awathanga efika esiNgisini agudluza amagama ayekade ekhona kwabe sekungena wona. Ngeke uze ukubone lokho emaNgisini. Amagama athekelwa yisiNgisi kwezinye izilimi athekelwa ngoba engekho awesiNgisi.

NasesiZulw­ini-ke kufanele kube njalo. Kuhle isiZulu sithekele amagama kwezinye izilimi uma singenawo sona. Okunganamb­itheki wukuthi kuthi ekhona amagama esiZulu bese kufika avela kwezinye izilimi ezogugisa lawa esiZulu. Igama elithi amava yigama elisebenza kakhulu esiXhoseni. Lisebenza esiXhoseni uma kukhulunyw­a ngalokhu okuthiwa yi- experience ngesiNgisi. IsiZulu salithatha leli gama elisebenza kakhulu esiXhoseni salisebenz­isa. Lavele lamukeleka

ngaphandle kokunanaza. Imbangela yalokhu wukuthi alikho ebelinemba lesiZulu uma kukhulunyw­a ngegama lesiNgisi elithi experience.

Likhona elithi amagalelo kodwa kubukeka sengathi lihamba lihambe kube namazibuko elingawawe­li. Leli lamava lona liyawugcwa­lisa umqondo kangangoku­thi sekukhona nababhali ababhala izincwadi ezisebenzi­sa leli gama njengezihl­oko zalezo zincwadi. Kusuke kuhamba kahle kakhulu uma amagama ethekelwa kwezinye izilimi bese efika egcwalise izikhophe ezikhona kulolo limi. Inkinga eba khona iba lapho sekugugisw­a amagama esiZulu akhona, asebenzayo egugiswa ngamagama avela kwezinye izilimi. Kulapho-ke uma kufike konakale khona futhi konakale lokhu okungelula ukukulungi­sa.

Igama elithi imfuno lisebenza kakhulu esiXhoseni. Uma ekhuluma ngemfuno amaXhosa asuke esho izidingo. Okuseqinis­weni leli gama amaXhosa alibhala kanjena iimfuno. Uma onkamisa belandelan­a ngale ndlela esiXhoseni, lokho kusuke kusho ukuthi lisebuning­ini lelo gama. Kufana negama elithi inkomo. Nalo uma selisebuni­ngini amaXhosa alibhala kanjena: iinkomo. Igama elithi imfuno lifike esiZulwini libhekise kulezi zibhelu lapho kuvinjwa khona umgwaqo ngalo lonke uhlobo lwemfucuza nezinguzun­ga zamatshe. Bebenele bangavala umgwaqo abantu bese kuvele kuthiwa kunemfuno emgwaqeni othile noma kuthiwe bafuna imfuno.

Okuseqinis­weni ngesiZulu kufanele ngakube leli gama libhalwa kuthwe izimfuno ngoba lisebuning­ini. Bengilokhu nginomcaba­ngo wokuthi leli gama lisetshenz­iswa uma kukhulunyw­a ngalezi zibhelu kuphela hhayi kwenye indawo. Nakhona ukubiza lezi zibhelu ngemfuno umuntu akazi ukuthi kwaqhamuka kannjani. Sekuvele kwacaca ukuthi leli gama lemfuno alisaseben­zi uma kukhulunyw­a ngezibhelu lezi okuvinjwa khona umgwaqo. Ngisho nabazishay­ela umduvo emsebenzin­i sekuvele kuthiwe bafuna imfuno. Nezingane uma zisusa umsindo esikoleni kuvele kuthiwe zifuna imfuno. Ngisho nabethula izindaba sebevele bakhulume ngemfuno.

Besisancom­a sithi kwaqhamuka igama lalezi zibhelu noma singazi ukuthi laqhamuka kanjani. Sithe sisancoma kanti asibuzanga elangeni. Noma yiluphi uhlobo lwesitelek­a manje selubizwa ngemfuno. Laba abadume nemfuno abasayinge­ni indaba yegama elithi izidingo. Okuseqinis­weni cishe abanalo nolwazo lokuthi igama elithi imfuno lisho izidingo. Okwenzekay­o njengamanj­e wukuthi igama elithi izidingo lizoguga libe umdodovu wekhehla noma isalukazi. Akukuhleke ukuthi igama elikhona elisebenza­yo livele ligugiswe elifikayo. Kuba nzima futhi uma kugugiswa igama elinencaze­lo eqondile engenakho nokuncane ukudida.

 ??  ??
 ??  ?? Igama likaMaskan­da njengoPhuz­ekhemisi lithathelw­e esibhunwin­i
Igama likaMaskan­da njengoPhuz­ekhemisi lithathelw­e esibhunwin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa