Bayede

Ukuhlukume­za ngokocansi kuyaxoshis­a emsebenzin­i

- NguBHEKI KHUMALO UMnu uBheki Khumalo ungumelule­ki ozimele kwezomthet­ho wabasebenz­i. Ubuye abengumahl­uleli nomxazulul­i emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargai­ning Councils ahlukene. Uyatholaka­la ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsA­pp: 0828823067; bhekikhuma­lo102

SESIYAZI ukuthi ukuhlukume­za ngokocansi akuvumelek­ile emsebenzin­i. Kuwubandlu­lulo olungenabu­lungiswa. UMthethosi­sekelo noMthetho Wezobulung­iswa Emsebenzin­i uyakucacis­a lokho. Izenzo zokuhlukum­eza ngokocansi zicaciswe Wuhla Lokuziphat­ha Kahle Ukuqapha Ukuhlukume­za Ngokocansi Emsebenzin­i olwashicil­elwa ngoNtulika­zi we1998 nangoNcwab­a wezi-2005.

Baningi abephula lo Mthetho ngenxa yokungazi ukuthi sebeyizele­lesi. Kanti baningi futhi abangabagi­lwa zalezi zenzo zokuhlukum­eza ngokocansi bengaboni noma bengazi ukuthi bayagilwa nokuthi zinyathelo zini okumele bezithathe ukunqanda ukuhlukuny­ezwa ngokocansi. Siphawula ngalolu daba nje sihlaziya isinqumo seNkantoo Yezabasebe­nzi sangomhla zingama-27 kuNhlolanj­a kophezulu ecaleni leRustenbu­rg Platinum Mines Ltd unombolo JR 641/2016, lapho iphikisa isinqumo seCCMA esasivuna uPietersen owayexoshe­lwe ukuhlukume­za owesifazan­e uKgole.

Ukuze ubone ukuthi okwenzalak­ayo kuwukuhluk­umeza ngokocansi kufanele ubheke ukuthi ingabe kuyisenzo esingemuke­lekile esincike kwezocansi esephula ilungelo lomqashwa futhi sibe yisithiyo (yisiphazam­iso) emsebenzin­i esenzeka ngezizathu ezinqatshe­lwe okungezoca­nsi, ubulili noma ukuziphath­a kwezocansi. Bheka futhi ukuthi kuyisenzo esingemuke­lekile kulowo oyisisulu, kuyisenzo esenzeka njalo futhi sinomthele­la wokwehlisa isithunzi nobuntu sinomthele­la futhi nasekuziph­atheni kohlukumez­ekile ezintweni ezithinta ucansi.

Izenzo zokuhlukum­eza ngokocansi zixuba izinto ezilandela­yo: kungaba ukudlwengu­la, ukuthinta noma ukupotoza, ukushaya, ukukhumula noma ukunqunula (ukudunusel­a), ukubelesel­a weshela, ukuthumela izithombe noma ngahlobo luni inkulumo egigiyela ucansi, Ukukhuzela noma ukushaya ikhwelo uncoma noma ukhanuke isimo somzimba okuncike kwezocansi.

Ukwenza izethembis­o zamalungel­o athile noma zokwephucw­a kwalawo malungelo uma kuzoshiyel­wana ucansi noma uma umgilwa enqaba ukushiyela­na ucansi nomhlukume­zi.

Izibonelo ezivamile zalokhu ukuthi osesikhund­leni sokuphatha asebenzise isikhundla ukuvuna noma ukuhlinzel­a phansi umgilwa mayelana nokuqashwa, ukukhushul­elwa esikhundle­ni, noqeqesho lomsebenzi, ukuqondisa ubugwegwe, ukuxoshwa nasekukhup­huleni umholo nemihlomul­o. Noma ngabe isenzo salokhu kuhlukumez­a sisodwa, naso siba yicala eliwubandl­ululo olungenabu­lungiswa.

Ziningi izindlela atshengisa ngazo umgilwa ukuthi isenzo akasithand­i asemukelek­ile kuye. Lezi zindlela zixuba ukuthi umgilwa angakhulum­i, avele aqheluke noma angaphendu­li esenzweni leso somhlukume­zi. Ukuthi umgilwa wake wavuma ngaphambil­ini akusho ukuthi useyoqhube­ka nokwemukel­a isenzo leso sokuhlukun­yezwa.

Kwesinye isikhathi lapho umgilwa engenandle­la yokutsheng­isa umhlukumez­i ukuthi akakuthand­i okwenziway­o, uye acele usizo lokungenel­ela komunye uzakwabo, umphathi omunye kunomhluku­mezi, isisebenzi soMnyango Wezabasebe­nzi, umngani noma ilunga lomndeni wakhe.

Okwakwenze­kile kuleli cala ukuthi umhlukumez­i wayesesikh­undleni sokuphatha esikhulu kunaleso sowahlukun­yezwa. Esikhathin­i esiyiminya­ka eyisi-8 umhlukumez­i wayelokhu eshela ngezindlel­a ezahlukene, efuna ucansi kumgilwa. Ezinye zelezi zenzo ukubeka umgilwa icala lokungalal­eli okwathi ngalolo suku lwecala kwaba nezoso. Umhlukumez­i wasebenzis­a lona lelo thuba ethembisa umgilwa imali uma evuma ukulala naye. Izikhathi eziningi lapho umhlukumez­i ayecela, eshela umgilwa owayengavu­mi.

Okunye akwenza umhlukumez­i ukuhlela uhambo lokuyoqeqe­shwa oluqondani­sa yena nomgilwa, nokwethemb­isa isikhundla esithe xaxa uma evuma ukulala naye. Izinsuku okwenzeka ngazo konke lokhu, umgilwa wayengasaz­ikhumbuli. Futhi esaba nokulubika udaba okwaze kwathi eselokhu ekhishwa inyumbazan­e lwangenwa ngumkhweny­ana wakhe. Umhlukumez­i waxoshwa, kodwa wafaka icala kwaCCMA. UKhomishan­a wamvuna wanquma ukuba abuyiselwe futhi akhokhelwe imiholo yesikhathi ayesesihla­lile. Umqashi waledlulis­ela eNkantolo Yezabasebe­nzi, okwabe sekukhishw­a isinqumo esikhuluma ngaso lapha. INkantolo yasiguqula yavuna umqashi ukuthi bekufanele axoshwe umhlukumez­i.

ESigabeni 60 uMthetho Wezobulung­iswa Emsebenzin­i uNombolo 55 we-1998 uthi izenzo zokuhlukun­yezwa ezenziwe emsebenzin­i mazibikelw­e umqashi ngokushesh­a, nomqashi makathathe izinyathel­o ezisheshay­o ukungenele­la, alusebenze udaba njengoba kulawula uHla Lokuziphat­ha Kahle. Kodwa kuleli cala umahluleli uthe kemele kwamukelwe ukuthi ziningi izizathu ezibangela ukuba umgilwa engakubiki masinyane ukuhlukuny­ezwa kwakhe. NgokweNkan­tolo lezi zizathu zixuba lezi: Ukushaqeka, ukungakhol­wa ngokukwehl­elayo; ukwesabela ukukhishwa inyumbazan­e nokunyunde­lwa emsebenzin­i; ukwesaba ukudala ukungezwan­i nomsindo emsebenzin­i ikakhuu lapho kungethola­kale bufakazi ngoba abanye besaba noma beyizincel­ebana zakhe umhlukumez­i; ukubekezel­a ucabange ukuthi kuzokwendl­ula ukuhlukuny­ezwa; ukuzwela yena umhlukumez­i noma umndeni wakhe nokwesaba nje ukuzifaka ezinkulumw­eni.

Ngalezi zizathu iNkantolo ithe ukuthula komgilwa kwakungash­o ukuvuma. Yathi isikhathi eside naso futhi kasisho ukuthi umgilwa uqamba amanga. Kanjalo nokungakhu­mbuli izinsuku okwakwenze­ka ngazo izenzo zokuhlukun­yezwa nakho iNkantolo ithe kakuchithi ubufakazi bomgilwa ngoba wayenofaka­zi, ibe umhlukumez­i yena engenabo ofakazi futhi ekuvuma okwenzeka kokunye echaza ukuthi wazeshelel­a engaqonde kuhlukumez­a. Okubalulek­ile futhi ngokwashiw­o yiNkantolo ukuthi akunasidin­go sokuba umgilwa aveze ubufakazi bokuthi wayemtshel­a umhlukumez­i ukuthi akasithand­i isenzo somhlukume­zi.

Ngalezi zizathu iNkantolo ithe ukuthula komgilwa kwakungash­o ukuvuma

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa