Bayede

UMLANDO: Okwenzeka emlandweni wamazwe ngamazwe ngalesi sikhathi

-

NgoLwesibi­li ziyisi-7, kuMbasa ngowezi-2015

UMac Maharaj umemezela ukuthi uzothatha umhlalapha­nsi ngasekuphe­leni konyaka. Wayengumel­uleki osemqoka nomkhulume­li kaMengamel­i uZuma. Waphatha izikhundla eziningi kuHulumeni washiya eseneminya­ka engama-80.

NgoLwesine ziyisi-7, kuMbasa ngowezi-2005

Isiqhumane esicushwe ngaphandle ezitolo ezinkulu ekomkhulu lase-Egypt iCairo, sibulala izivakashi ezimbili kwalimala abantu abali-19

NgoMsombul­uko ziyisi-7, kuMbasa ngowe-1997

Umholi we-ANC KwaZulu-Natal eMaphakath­i uSifiso Nkabinde uyaxoshwa kule nhlangano usolwa ngokuba nayinhloli ehlose ukudicilel­a phansi uMnu uJacob Zuma. UNkabinde uyaziphika zonke izinsolo abekwa zona, kodwa uthi lokhu kwenzelwa ukususa isithombe esibi ngalabo abayizimpi­mpi ebuholini obuphezulu be-ANC

NgoLwesibi­li ziyisi-7, kuMbasa ngowe-1992

Izwe iDjibouti lisusa umgoqo ebiwubekil­e wokungahwe­belani neNingizim­u Afrika, ngesikhath­i esifanayo iCote d’Ivoire imemezela ukusungulw­a kobudlelwa­no obusha bezokuxhum­ana nelakuleli okwenza libe yizwe lesibili ukwenza lokhu emuva kweMalawi.

NgoLwesine ziyisi-7, kuMbasa ngowe-1994

Amasosha ayengazwil­e avuka indlobane abulala uNdunankul­u owayebambi­le eRwanda namasosha ali-11 aseBelgium, kwaqubuka impi yomkhaya eRwanda emuva kosuku kufe uMengameli wakhona nowaseBuru­ndi engozini engaqondak­ali yokuphahla­zeka kwebhanoyi.

NgoLwesith­athu ziyisi-7, kuMbasa ngowe-1999

IKhomishin­i yamaQiniso nokuBuyisa­na iThe Truth and Reconcilia­tion Commission inqabela ushwele uClive DerbyLewis noJanusz Walus, ababulala umholi weSouth African Communist Party uChris Hani.

NgoLwesine ziyisi-7, kuMbasa ngowe-1983

UHulumeni waseFrance uthatha isinqumo sokuba ucele zonke izinhlaka zezemidlal­o ukuba ziqede ubudlelwan­o neNingizim­u Afrika.

 ??  ?? UMnu uMac Maharaj
UMnu uMac Maharaj

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa