Asisebenzise igama elithi umAfrika kunelithi omnyama A
NGIBE yintsha eyaqala ukujoyina inhlangano egqamisa ibala lomuntu oMnyama iSouth African Students Organisation (SASO), ngonyaka we-1972 ngihlala ezimayini eGoli eWestern Deep Levels, eCarletonville. ISASO yayikholelwa emigomeni ethi ‘Amandla akumuntu omnyama’, nokuthi ‘Muhle umuntu omnyama’. Kwakuyimigomo emihle lena eyayigqamisa ibala elimnyama ngesikhathi umuntu omnyama wayebukelwa khona phansi yizizwe zonke emhlabeni wonke ngenxa yokugqilazwa kwabo nangenxa yebala labo.
Ngangisengumfana owayesehlakaniphile ukwedlula ontanga, ngenxa yokuthi ngangifunda amaphephandaba iDaily World kaMnu uPercy Qoboza kanye nomagazini iDrum namanye engangiwaphathelwa ngubaba ongizalayo esibhedlela sasemayini lapho ayephethe khona njengeChief Clerk.
Ngajoyina eWest Driefontein lapho kwakusebenza khona omunye umngani wami owayemdala kunami. Noma umngani wami ngangimbona ukuthi uthanda ukwexwaya, ngoba engathembi muntu kangako, engazi noma ngiyimpimpi yini kaHulumeni wobandlululo. kepha wangijoyinisa. Kwakubalulekile ngalezo zikhathi ukuba umuntu angahambi ezazisa kubantu ukuthi yena uyiSASO. Kwakugcina kuwe nje ngaphakathi. Ngisho nasesikoleni imbala umuntu wayengakhulumi nje kubangani ngepolitiki okholelwa kuyona. Engangehluleka ukukwenza ukuthula ngibona kubukelwa abantu abaMnyama phansi. Njengokuthi nje amaBhunu ayeziba nje angabadayiseli abantu abaMnyama amathikithi esitimela, kodwa umlungu athi efika adayiselwe. Kuyothi sesizoqhamuka isitimela kube yima ebadayiselayo abaMnyama. Mina ngangivele ngiqonde kuye umdayisi ngithi ngifuna ukuthenga ithikithi. Angizibe. Bese ngithi akangibizele umphathi wakhe, uyovele ethuke lapho angidayisele agcine esedayisele nabo bonke laba abebelindile kulayini, ngoba engasazi ukuthi kanti ngiyinhloboni ye’Khafula’.
Lena yinhlangano eyayiziqhayisa ngebala elimnyama. Yaqala phesheya eMelika iqanjwa ngabalweli babantu abaMnyama ababeqhakambisa ibala lomuntu oMnyama. Kwathi futhi eSt Augustines High School kwaba ngumngani wami uMuntu Justice Myeza owayeqhakambisa ibala elimnyama esikoleni eMasotsheni - saziwa ngokuthi kuseMasotsheni nje lesi sikole ngoba kwakukanisa amasotsha laphaya eShiyane phezu komfula uMzinyathi ngonyaka we-1879 amaNgisi ehlasela uZulu eSandlwana.
Namhlanje ngendlalela kangaka nje ngoba ngizama ukukhombisa ukuthi leli gama elithi ‘umuntu oMnyama’ alisabalulekile namuhla ukuba singalisebenzisa ngoba liyinhlamba. Lalibalulekile ngaleso sikhathi ngoba sabe siseyizigqila. Laliqhakambisa ubuhle bomuntu oMnyama. Kanti abeLungu babelisebenzisa ukusephuca ubuntu bethu. Sizibukele phansi kwathìna.
Namhlanje sikhululekile. Sekufanele sizibize ngokuthi singama-Afrika. Umhlaba ungawujikeleza wonke uthole ukuthi abeLungu base-Europe baziwa ngokuthi bangamaEuropeans. Ungabheka nje nalapha eNingizimu Afrika ukuthi ngesikhathi lusavutha bhe ubandlululo, amaBhunu ayebhala emabhentshini awo athi, “Europeans only”. Ngakho-ke noma ungaya e-Australia, uzothola ukuthi bangama-Australians. Kanjalo amaJapani nama China, nama Brazilians, nama Russians, kepha kuthi kufika lapha e-Afrika bese sibizwa ngama Blacks ‘abantu abaMnyama’. Sekuqhakambiswa ibala.
Kubalulekile ukuba lolu daba siluyise ePhalamende eKapa kuzoshaywa umthetho othi umuntu wase-Afrika ungumAfrika. Kumiswe umthetho othi alingabuyi lisetshenziswe igama elithi ‘Umuntu omnyama’ ( black). Lapha eNingizimu Afrika sinezinhlanga eziningi, abeLungu (Europeans), amaAsians (ahlanganise amaNdiya, amaPakistani, amaBangladeshi, amaSulumani).
Kufanele sihlongoze lapha ezinhlanganweni zase-Afrika, iIFP, iPAC, i-AIC, i-ANC, i-EFF, i-UDM, kanye neDA eselokhu kwathi nhlo imele amalungelo abantu, ama-Afrika. Ingabe ngempela nje akuyona inhlamba ukubizwa ngebala lethu, zonke ezinye izizwe zibe zibizwa ngobuzwe bazo?