Bayede

Asisebenzi­se igama elithi umAfrika kunelithi omnyama A

- NGUMNU UTHEMBA NZIMANDE

NGIBE yintsha eyaqala ukujoyina inhlangano egqamisa ibala lomuntu oMnyama iSouth African Students Organisati­on (SASO), ngonyaka we-1972 ngihlala ezimayini eGoli eWestern Deep Levels, eCarletonv­ille. ISASO yayikholel­wa emigomeni ethi ‘Amandla akumuntu omnyama’, nokuthi ‘Muhle umuntu omnyama’. Kwakuyimig­omo emihle lena eyayigqami­sa ibala elimnyama ngesikhath­i umuntu omnyama wayebukelw­a khona phansi yizizwe zonke emhlabeni wonke ngenxa yokugqilaz­wa kwabo nangenxa yebala labo.

Ngangiseng­umfana owayesehla­kaniphile ukwedlula ontanga, ngenxa yokuthi ngangifund­a amaphephan­daba iDaily World kaMnu uPercy Qoboza kanye nomagazini iDrum namanye engangiwap­hathelwa ngubaba ongizalayo esibhedlel­a sasemayini lapho ayephethe khona njengeChie­f Clerk.

Ngajoyina eWest Driefontei­n lapho kwakuseben­za khona omunye umngani wami owayemdala kunami. Noma umngani wami ngangimbon­a ukuthi uthanda ukwexwaya, ngoba engathembi muntu kangako, engazi noma ngiyimpimp­i yini kaHulumeni wobandlulu­lo. kepha wangijoyin­isa. Kwakubalul­ekile ngalezo zikhathi ukuba umuntu angahambi ezazisa kubantu ukuthi yena uyiSASO. Kwakugcina kuwe nje ngaphakath­i. Ngisho nasesikole­ni imbala umuntu wayengakhu­lumi nje kubangani ngepolitik­i okholelwa kuyona. Engangehlu­leka ukukwenza ukuthula ngibona kubukelwa abantu abaMnyama phansi. Njengokuth­i nje amaBhunu ayeziba nje angabadayi­seli abantu abaMnyama amathikith­i esitimela, kodwa umlungu athi efika adayiselwe. Kuyothi sesizoqham­uka isitimela kube yima ebadayisel­ayo abaMnyama. Mina ngangivele ngiqonde kuye umdayisi ngithi ngifuna ukuthenga ithikithi. Angizibe. Bese ngithi akangibize­le umphathi wakhe, uyovele ethuke lapho angidayise­le agcine esedayisel­e nabo bonke laba abebelindi­le kulayini, ngoba engasazi ukuthi kanti ngiyinhlob­oni ye’Khafula’.

Lena yinhlangan­o eyayiziqha­yisa ngebala elimnyama. Yaqala phesheya eMelika iqanjwa ngabalweli babantu abaMnyama ababeqhaka­mbisa ibala lomuntu oMnyama. Kwathi futhi eSt Augustines High School kwaba ngumngani wami uMuntu Justice Myeza owayeqhaka­mbisa ibala elimnyama esikoleni eMasotshen­i - saziwa ngokuthi kuseMasots­heni nje lesi sikole ngoba kwakukanis­a amasotsha laphaya eShiyane phezu komfula uMzinyathi ngonyaka we-1879 amaNgisi ehlasela uZulu eSandlwana.

Namhlanje ngendlalel­a kangaka nje ngoba ngizama ukukhombis­a ukuthi leli gama elithi ‘umuntu oMnyama’ alisabalul­ekile namuhla ukuba singaliseb­enzisa ngoba liyinhlamb­a. Lalibalule­kile ngaleso sikhathi ngoba sabe siseyizigq­ila. Laliqhakam­bisa ubuhle bomuntu oMnyama. Kanti abeLungu babelisebe­nzisa ukusephuca ubuntu bethu. Sizibukele phansi kwathìna.

Namhlanje sikhululek­ile. Sekufanele sizibize ngokuthi singama-Afrika. Umhlaba ungawujike­leza wonke uthole ukuthi abeLungu base-Europe baziwa ngokuthi bangamaEur­opeans. Ungabheka nje nalapha eNingizimu Afrika ukuthi ngesikhath­i lusavutha bhe ubandlulul­o, amaBhunu ayebhala emabhentsh­ini awo athi, “Europeans only”. Ngakho-ke noma ungaya e-Australia, uzothola ukuthi bangama-Australian­s. Kanjalo amaJapani nama China, nama Brazilians, nama Russians, kepha kuthi kufika lapha e-Afrika bese sibizwa ngama Blacks ‘abantu abaMnyama’. Sekuqhakam­biswa ibala.

Kubaluleki­le ukuba lolu daba siluyise ePhalamend­e eKapa kuzoshaywa umthetho othi umuntu wase-Afrika ungumAfrik­a. Kumiswe umthetho othi alingabuyi lisetshenz­iswe igama elithi ‘Umuntu omnyama’ ( black). Lapha eNingizimu Afrika sinezinhla­nga eziningi, abeLungu (Europeans), amaAsians (ahlanganis­e amaNdiya, amaPakista­ni, amaBanglad­eshi, amaSuluman­i).

Kufanele sihlongoze lapha ezinhlanga­nweni zase-Afrika, iIFP, iPAC, i-AIC, i-ANC, i-EFF, i-UDM, kanye neDA eselokhu kwathi nhlo imele amalungelo abantu, ama-Afrika. Ingabe ngempela nje akuyona inhlamba ukubizwa ngebala lethu, zonke ezinye izizwe zibe zibizwa ngobuzwe bazo?

 ??  ?? UMnu uSteve Biko wayegqugqu­zela ukuzigqaja kwabantu abaMnyama
UMnu uSteve Biko wayegqugqu­zela ukuzigqaja kwabantu abaMnyama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa