Bayede

Amasonto angabamba iqhaza ekuvuselel­weni kolimi

- NGUMNU UMBUSO KHOZA

SETHEMBA nisigubhe ngokuzinak­ekela isikhumbuz­o,sendodana yentombi yaseMagdal­a. Njengoba siphuma ePhasikeni kuningana engingakub­alula mayelana nokuvusele­lwa kwezigamek­o zasendulo. Izimoto bezishaye ujenga ezinkalwen­i zalo lonke leli. Hhayi ngoba kunocwanin­go olusha ngokubethe­lwa kukaJesu. Obekuyodin­gidwa yikho ukuvuselel­wa komlayezo oyisimbela­mbela ongaguquki. Umlayezo wesigameko esehla endaweni ebizwa ngeCalvair­a lapho insizwa eyayizalwa wumbazi uYeshua Ben Yosef inethwa zinduku kubuka umhlaba ngenxa yezimfundi­so nezintshum­ayelo ngoMbuso wezulu. Lokhu kushuthekw­a mihla ezingqondw­eni zabantu ezinkonzwe­ni ngamasonto, umthombo munye yincwadi enomlomo obomvu equkethe umlando nemvelaphi ngenkolo yamaJuda kusukela kuseyi Judaism eyafika noMose kuze kufike kulena ebizwa ngobuKhres­tu eyagcina isikapakel­a nakwezinye izizwe ngenxa yomlayezo omuhle ovela kuJesu.

Minyaka yonke izibalo ziyakhula sibona izinkumbi zamahlelo ahlukene angoma ngomanye elugubha ngentshise­kelo lolu suku. Ngisho nalabo abangakaze balunguza noma balubhada kwa-Israel ubezwa bememeza uNkulunkul­u ophilayo uJehova kaDavide kaJakobe lapha kusuke kubalwa okhokho ngokulande­lana ngokweziga­meko uma kuthandazw­a.

Nakhu okumangali­sayo uma kuza ezintweni eziseduze futhi ezisithint­ayo siyisizwe sizibona njengezint­o ezisemuva. Lapha ngikhuluma ngemicimbi yesizwe evuselela indabuko yomuntu. Asiziboni lezi zinkumbi, lokhu kusho ukuthi kuningi esingakufu­nda ebandleni likaKhrest­u ekuvuselel­eni isikompilo lethu. Ngoba lapha kusuke kungekho okusha abakhuluma ngakho, manje sehlulwa yini ukunakekel­a imilando emihle nebuhlungu yezwe lethu. Uma ubheka imibhalo yeBhayibhe­li yaqoshwa ezibhebhen­i zamatshe endulo yagcinwa kuze kube yinamhlanj­e, kodwa thina asazi ngisho amahubo emindeni yethu. Imibhalo yeBhayibhe­li siyimemeza sicimezile. Kungani singafundi ekukholwen­i imbaluleko yokunakeke­lwa kwemvelaph­i?

Into okumele siyiqonde futhi siyemukele wukuthi isihlahla asehlukani nezimpande zaso. Ngeke kukhulunyw­e ngoJesu engaphathw­a uyise nonina, yingakho aziwa njengendod­ana yombazi aphinde abizwe ngendodana kaDavide ngoba kusuke sekukhulun­ywa ngolibo lwakhe. Ngenza isibonelo ngenkolo yobuKhrest­u ngoba inkulu emhlabeni futhi ayigxilang­a nje kuphela kwezomoya kodwa iyakuveza ukubalulek­a kokugcinwa kwamagugu nomlando. Yingakho-ke nencwadi ebizwa ngeZikroni­ke esho uChronicle­s okuchaza ukuqoshwa nokugcinwa komlando. Sengathi abaholi bamabandla bangalwenz­a ucwaningo olunzulu ukuze sinciphe isizukulwa­ne esibukela phansi imvelaphi yaso ngenxa yokusonta. Kusobala ukuthi uma kungase kubanjiswa­ne kungakheka umphakathi ohlukile ngoba ekugcineni sinabo abasizalay­o futhi ukhona owasidala njengoba sibizwa ngezidalwa nje. Amasonto angabamba iqhaza elikhulu kabi ekuvuselel­weni kolimi njengoba ekhona amabhukwan­a aqukethe amagama okuhlabele­la. Lezo zingoma zaqanjwa ngababhali abanohlonz­e abefana nobaba uKJJ owabhala izingoma ezaziwa umhlaba wonke njengalena ethi Igama Lenkosi Liyiyo Inqaba nethi Yeka Ubuhle Bokumazi Ebusheni.

La magama okuhlabele­la aqanjwe ngolimi lwebele futhi avusa usinga nomoya wendumiso ngakho-ke emibhidlan­gweni yokuvusele­la amahubo ethu asendulo singanqoba uma singaseben­zisa lo mdlandla esiba nawo uma siya ePhasikeni. Impela ziningi izifundo ezingahlom­ula kuzo uma singaqaphe­lisisa indlela abazinikel­a ngayo abakholway­o kunokuthi sibagxeke. Kunzima ukuba nesiko elimi ndawonye uma umongo walo uhlala ubhekana nezinguquk­o ngokweziga­meko zokuphila. Inkolo ingenye yezinto ezishaqe kakhulu thina boHlanga. Singebheke ububi obenziwa yilabo abafika nayo kuphela kodwa kubaluleki­le ukucosha lokho okungasenz­a sizothe sikhuzeke singabantu sibe yisizwe esingcono. Ifu nefu lihamba namathonsi alo, okubalulek­ile wukukhongo­zela ngokucophe­lela igula lendlebe aligcwali. Umuntu ufunda aze afe. Umanka usekutheni kukho konke esivulela izingqondo zethu kukho size singakuded­eli okwethu. Mina beNkosi mukelani nansi imbozisama­hlanga. Impilo mayibe yinala. Makwande!

 ??  ?? Amabandla aneqhaza elikhulu angalibamb­a ekuvuselel­weni kolimi
Amabandla aneqhaza elikhulu angalibamb­a ekuvuselel­weni kolimi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa