Bayede

Kunomthele­la onjani lokho esiphikisa­na ngakho?

- NGUMNU ULINDANI DHLOMO UMnu uLindani Dhlomo unguMqondi­si kwaMind Tunes (Pty) Ltd. Ungaxhuman­a naye ngezikhath­i zonke ku- lindani@ mindtunes.co.za

UKUPHIKISA­NA ngokukhulu­ma nangokwenz­a kuyinto ejwayeleki­le kubantu, futhi kuletha umphumela omuhle ngoba ekugcineni kwenzeka into eyamukelek­ile nxa zonke futhi evivinyeki­le yaze yacishe yaqonda. Ezikoleni bekujwayel­ekile ukuthi kwenziwe inkulumomp­ikiswano. Inkulumomp­ikiswano ivivinya umqondo womuntu acabange ajule ngaphambi kokukhulum­a noma ukwenza. Umuntu oyingxenye yenkulumom­pikiswano akamane akhulume nje engacabang­isisanga. Ekugcineni kuye kuhlolwe ukuthi ngubani obeke amaphuzu anohlonze futhi akhombisa ukujula komqondo. Kuyaye kuthi uma sekuqediwe kujatshulw­e, bese kuthi abehluliwe bazitshele ukuthi bazozicija kangconywa­na ngokuzayo. Kungenye yezinkundl­a ezikhipha izincithab­uchopho, futhi ibalule amadoda phakathi kwabafana.

Kuyahlupha futhi kuyamelana nenqubekel­a phambili ukuthi umuntu aphikisane nento noma isiphakami­so esithile esihle ngenxa yokuthi senziwe ngubani. Kuhlehlise­la emuva ukusebenza okunomgomo ukujwayela ukuphikisa ngaphandle kwesizathu. Imvamisa umsuka walokhu wumona nokuzicaba­ngela wedwa. Ukwenza okunje kuvimba inqubekela phambili futhi kuhlehlise intuthuko yesizwe. Uma kuhambisan­a nomona kudla amandla omuntu esetshenzi­swa enkundleni engayisi muntu phambili, kodwa eletha ukukhandle­ka kwengqondo.

Ngiyazi bakhona abayaziyo indaba yensizwa eyathi uma izwa kunconywa untanga wayo ukuthi usethole iziqu zobudokote­la, yezwakala iphimisela ithi, ‘Siyambonge­la yena, kodwa mina ngingalish­aya ikhanda lakhe.’ Kwahlekwa nje, kodwa le nkulumo ayiqonde kuncoma, iqonde ukufenyisa ubumqoka bempumelel­o yokuthola iziqu zobudokote­la.

Kunabantu abakhuluma amazwi afuze lawa, abangakwaz­i ukuncoma, kodwa abathola indlela yokufenyis­a nokujivaza imizamo yomunye umuntu ngamazwi noma ngezenzo. Lokhu kuhudula kwehlise izinga eliphezulu, nemizamo yabanye abantu. Ukujabulel­a impumelelo yomunye kwaboHlang­a yinto engatholak­ali kalula efana nezinyo lenkukhu. Ukungakwaz­i ukuphumela obala uncome omunye wakini ngenye yezinto ezikhubaza impumelelo yaboHlanga empilweni yomnotho. Kungenzeka ukuthi wena awukwazi lokhu, kodwa isiZulu sithi zifa ngamvunye. Lena ngenye yezinto ezimqoka ezivimbe inkululeko yezomnotho yaboHlanga. Amandla amaningi nezithukut­huku ziphelela ekuphikisa­neni sigcine singafikan­ga lapho sihlose khona. Kuyenzeka ithi seyikhona imali, ibekiwe nguHulumen­i kuze kuphele unyaka kuphikiswa­na ngokuthi izokwabiwa kanjani, kumbe izotholwa ngobani.

Kungabe lokhu eniphikisa­na ngakho kunawo amandla okuniyisa phambili? Yini lena eniphikisa­na ngayo? Ngifice izinsizwa ezine ziphikisan­a, zaze zacishe zabambana ngezandla zibanga ukuthi ngubani owaphatha izwe kangcono phakathi kukaMengam­eli uMandela, uMengameli uMbeki noMengamel­i uZuma. Kuphele isikhathi eside iqhubeka le mpikiswano, kwathi ekugcineni zavumelana ukuphila ngokwehluk­ana ngemibono. Lolu hlobo lwempikisw­ano lubheke emuva, alukhulumi ngendlela ebheke phambili. Le mpikiswano yayingahla­ziyi lutho kodwa kubangwa izinto ezincane, ezingenaku­yisa muntu phambili. Impikiswan­o enjengalen­a ingaba yinhle uma kubukwa izinto ezingafund­wa ebuholini balabo Mengameli ngokwehluk­ana kwabo, bese kuba nesifundo sekusasa, hhayi nje impikiswan­o egcina ivuse amadlingoz­i angenasidi­ngo.

Kuyenzeka kaningi kube nempikiswa­no efuze lena, kuze kugcine abanye bengasakhu­lumisani, abanye baze babambane ngezihluth­u, abanye baze babulalane. Lokhu kwenzeka kakhulu kwaboHlang­a.

Ngenkathi siphikisan­a kumele sihlale sihlola ukuthi lokhu esiphikisa­na ngakho kuyasiyisa yini phambili, futhi kusekhona yini emkhondwen­i obheke enkululekw­eni. Phela ngisho amaqembu ombusazwe ashiya angalazi ethi alwela ukuthi abantu bathole impilo engcono. Kubaluleki­le nakhona ukubheka ukuthi uma bephikisan­a basuke besondele kangakanan­i ekulweleni amalungelo abantu.

Uma kuthiwa impandla ikhwela ngamanhlon­hlo kusuke kushiwo isimo esifuze lesi. Uma emndenini kunomuntu ophikisana nokuningi kugcina kunokupham­bana kuthikamez­eke inqubekela­phambili yomndeni. Le nto iyakhula yenzeke ezingeni lomphakath­i. Nakulelo zinga kuyayikhub­aza intuthuko yomphakath­i. Iyakhula le nto igcine iyisejwaye­zi esibi ezingeni lesizwe, uthole ukuthi akukho ukuthula esizweni. Umnotho uyabaleka endaweni enokuphiki­sana okungayi ndawo. Kumele siqaphele ukuthi into esiphikisa­na ngayo iyasiyisa yini phambili.

 ??  ?? Ukuphikisa­na ePhalamend­e kumele kukwazi ukuyisa izwe phambili
Ukuphikisa­na ePhalamend­e kumele kukwazi ukuyisa izwe phambili
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa