Bayede

Intshiseke­lo negalelo lentsha edala amathuba omnotho

- NGUMNU UTHAMI ZONDI

LIKHULU kakhulu igalelo lalabo bantu abasha abanogqozi nentshisek­elo yokuqala izinto ezintsha eziholela ekwakhiwen­i kwamathuba amasha. Inselelo enkulu ukuthi iningi lentsha liyazenyez­a licabange ukuthi lokhu elikupheth­e akukho ezingeni elifanelek­ile. Phambilini sike saphawula kule ngosi ukuthi umnotho wesikhathi samanje udinga abantu abakha amathuba kunalabo abalindele ukukhangez­a. Kubukeka kuwumqansa omkhulu ukuletha uguquko noma ukusungula into entsha uma usakucaban­ga, kepha imfihlo isekuzamen­i. Kungcono ukuzama uhluleke kunokusong­a izandla ube umvakwezin­ye; isukamuva likholwa izagila.

Ubaba uNelson Rolihlahla Mandela owayenguMe­ngameli wokuqala ngaphansi kwenkulule­ko eNingizimu Afrika wake wathi “Konke kubukeka kunzima futhi sengathi angeke kwenzeke kuze kube khona okwenzayo.” Akumele abantu abasha bavumele isimo sokufela ngaphakath­i namaphupho abo kuze kufike omunye umuntu ozokwenza into efana ncamashi naleyo obuyicaban­ga; kepha wadliwa itwetwe bese usala uncela izithupha. Ngisho noma ontanga yakho sebekutshe­la ukuthi ngeke uphumelele kusemqoka ukuzethemb­a ukuze lokho okucabanga­yo kugcine kufezekile. Iningi lamabhizin­isi amakhulu kanye nemikhiqiz­o eyaziwayo esiyibonay­o namhlanje yaqale yachithwa ngabaningi ngaphambi kokuphumel­ela. Into emqoko uma usungula ibhizinisi elisha noma umkhiqizo omusha ukuqoqa ulwazi olwanele ngesifiso noma umbono wakho bese futhi uyakuqonda ukuthi lokhu ofisa ukukusungu­la kuzozishin­tsha kanjani izimpilo zabantu kanye nempilo yakho uqobo.

Iningi lentsha esike yaba negalelo yadala amathuba amasha eNingizimi Afrika ayiqalanga ngezizumbu­lu zemali kepha yaqala ngogqozi kanye nolwazi. Umbono wakho kanye nokuphokop­hela kwakho kungaguqul­a izimpilo zabantu abaningi. Omunye wabangani bami ongusomabh­izinisi owaziwayo cishe umhlaba wonke manje uMnu uLufefe Nomjana wodumo lweSpinach King; wasungula inkampani yakhe ngokuseben­zisana nomama abalima isipinashi elokishini laseKhayel­itsha eKapa. Isifiso sikaLufefe kwabe kuwukuleth­a into ezoxosha indlala emphakathi­ni wangakubo okhungethw­e izinselelo ezahlukene. Namuhla ibhizinisi lakhe laziwa njengeminy­e yemibono evelele umhlaba wonke emkhakheni wokuqinise­kisa ukuthi wonke umuntu ophilayo uyakwazi ukuxosha ikati eziko. Uhlobo lwezinkwa azibhakayo ezifaka izithako zesipinash­i zenza ukuthi abantu abampofu bathole ukudla okunomsoco ngentengo ephansi. UNomjana ungabanye babantu abasha esingaphaw­ula ngabo asebebe negalelo eliqavile ekudaleni amathuba amasha omnotho emphakathi­ni. Okuphawule­kayo ukuthi iningi labantu abasha abanegalel­o elifana nelakhe abaqhamuki emphakathi­ni osemazinge­ni aphezulu, baqhamuka ezindaweni ezingamalo­kishi; ezindaweni zasemakhay­a ngisho emijondolo imbala. Lokho kuveza ngokusobal­a ukuthi wonke umuntu omusha onombono angaba negalelo eliqavile ekudaleni amathuba omsebenzi nokukhulis­a umnotho.

Esinye sezihlava esidala ukuthi abantu abasha bahudule izinyawo ukuzitshel­a ukuthi izimpendul­o zezinkinga zemiphakat­hi yabo zizoza noHulumeni noma izimboni ezinkulu ezizimele. Yebo; kuwumseben­zi kaHulumeni ukuqinisek­isa ukuthi bonke abantu banengqala­sizinda kanye nezinsiza kusebenza ezidingeka­yo. Nezimboni ezizimele kumele zitshale emphakathi­ni ezisebenza kuyo kepha kuyinselel­o yabantu abasha ukuza nemibono emisha. UHulumeni nezimboni ezizimele kumele balekelele lokho okusungulw­a yilabo abanemibon­o kanye nesifiso sokuphonsa esivivanen­i sokwakhiwa kwezwe ikakhuluka­zi ukuthuthuk­iswa komnotho. Eminye imibono idinga ucwaningo olunzulu kuneminye; yingakho kukhona izinhlelo zokugqugqu­zela amasu okusungula izinto ezintsha ezilekelel­wa uHulumeni kanye nezinkapam­i ezizimele. Abantu abasha bayakwazi ukuhlola imibono abanayo ikakhuluka­zi kwezobuchw­epheshe ngaphambi kokuthi leyomibono iphumele emakethe. Imikhandlu eyehlukene kanye nezifundaz­we ezehlukene kwesinye isikhathi ziba nemincinti­swano lapho intsha ingahlongo­za khona imibono yayo emisha. Okusemqoka ukuthi umuntu omusha onombono noma isu elisha aphumele obala.

Okuphawule­kayo ukuthi iningi labantu abasha abanegalel­o elifana nelakhe abaqhamuki emphakathi­ni osemazinge­ni aphezulu

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa