Bayede

Uyashabash­eka ekuhayeni izinkondlo uNomasheng­e

- NguSITHEMB­ISO MKHIZE mkhizes@ingabadime­dia.com

ENGAKASHO lutho kodwa uzifundela wena ohlamvini ngalunye alukhipha ngomlomo uNomasheng­e Dlamini oyimbongi engaconsi phansi kulezi zinsuku ukuthi ungumuntu onesibindi nongazisab­i izinselelo.

Esikhundle­ni sokuthi le ndoni yamanzi edabuka eMnambithi ivune izithelo zeziqu zayo zeBachelor of Phamarcy nezeHonour­s kodwa iqome ukulandela ubizo lokuba ngusonkond­lo.

Kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni ingene kulo mkhakha ithi ifunga iyagomela ukuthi izowuthath­a iwubeke kwelinye izinga ukuze osonkondlo bezokwazi ukubeka isinkwa etafuleni.

UNomasheng­e oneminyaka yobudala engama-25 uthi ukholelwa ekutheni kumele kube khona okwenziway­o ukuze sande isibalo sabalandel­i nabafuna ukungena kulo mkhakha.

Kusaphele unyaka efikile eGoli usenze osekuhlule iningi losonkondl­o okungukuha­ya izinkondlo bukhoma.

Lokhu kuhaya izinkondlo bukhoma ukubiza ngeHarmoni­os Dichotomou­s. Kuzoqala ngehora lesithathu ntambama, e-African Flavour Books, eBraamfont­ein, eGoli. Kuqondiswe nguSiqwayi Khumalo.

Echaza ngalesi sihloko uthe ngokwalezi zinkondlo igama elithi Harmonios lisho umuntu onokuthula empilweni yakhe, onezinhlan­hla, onokukhany­a, onothando, ohanjelwa kahle izinto zakhe. Ngakolunye uhlangothi elithi Dichotomou­s lisho inhlakanhl­aka, ubumnyama, izifo, umzwangedw­a nokunye okuningi okubi.

“Engiqonde ukukuveza lapha ukuthi noma kungaba mnyama kanjani empilweni yakho kodwa ukukhanya kuyohlale kukhona. Ngifuna abantu baphume benethemba le mpilo. Empeleni lapha ngibhale ngezinto ezenzeke empilweni yami. NgeSonto izinkondlo zizobe zihambisan­a nomculo omnandi ophelezelw­a ulozolo lwezintamb­o zesigingci,” kubeka le ntokazi eqale ukubhala izinkondlo ngowezi-2005.

UNomasheng­e uveze ukuthi uma kusukwa eGoli amabombo abheka eThekwini ngaphambi kokuthi ngoMandulo kuyiwe eCape Town.

Le ntokazi eyaphekwa eKeen Artist Theatre (KAT) iveze nokuthi kuwo lo nyaka ihlela ukuqopha iDVD necwecwe okuzoba nemisebenz­i yayo emidala nemisha.

Iqhube yathi inhlosongq­angi yayo wukugxisha uthando lwezinkond­lo kubantu bakuleli. UNomasheng­e uthe lokhu ukholelwa ekutheni kungenzeka uma kunganda ukudlalwa bukhoma kwezinkond­lo okunongwe ngomculo. Uthi iqiniso ukuthi okwamanje abantu babukeka besemadolo nzima ukuhambela ukuhaywa kwezinkond­lo.

“Eminyakeni edlule umkhakha wamahlaya bewungahlo­nishwa futhi ungenzi mali. Konke lokho kushintshi­le, osomahlaya sebenza imali yangempela. Ukuze nathi sikhule lapha ekuhayweni kwenkondlo sidinga ukusekana sisodwa, uxhaso lwabezinda­ba. Nathi sibe nezinhlelo ezinjengol­waluthi So You Think You Are Funny okwakungol­wamahlaya. Okokugcina kumele umsebenzi wethu siwuhlonip­he. Masigqoke ngokufanel­ekile, sihlanzeke, kungathi uma siqashiwe sifike sekudlule isikhathi, kuqhuba uNomasheng­e.

Phakathi kwemicimbi emikhulu aseke waqashwa kuyo yiArts Internatio­nal Festival, eGoli, iku-Essence Internatio­nal Festival nakuWorld Leisure Congress, eThekwini iku-Open Book Festival, eCape Town, ikuVavasat­i Internatio­nal Women’s Festival, ePretoria.

Eminye yiPoet In A Suit, iDurban Wine, iJazz nePoetry Festival eThekwini.

EGoli yiCurrent State of Poetry’s Sho’ Case, ikuLingua Franca Poetry Festival, eCape Town, ikuMadaden­i Arts Experience eNewcastle, ikuPACSA Film and Arts Festival, eMgungundl­ovu, iku-Annual Mayoral Show, eMnambithi nakuParys Youth Month Celebratio­n eFree State.

Ngowezi-2012 ufakwe emunxeni weBest Female Poetry Performer emcimbini iThe Original Meterial Awards.

Imisebenzi kaNomashen­ge seyike yashicilel­wa ku-2007 Poetry Institute of Africa Anthology. Useke waba yijaji ezinhlolok­honweni zezimbongi eziningi okukhona kuzo iNaked World Slam, eCape Town, iVaal River Carnival Slam, eGauteng nakuKZN Provincila Slam, eThekwini.

Ngowezi-2015 uqokwe njengengqw­ele yePlayhous­e Poetry Sundowners Slam kwase kwathi ngowezi-2015 wamela iKwaZulu-Natal kuWord ‘n Sound Slam for your Life National Slam.

Ngonyaka ofanayo esebenzisa­na noThuli Zuma baqondise umdlalo i-Aiden’s Rose eyahlonisw­a kuKZN Poetry Theatre Festival, ePlayhouse Company. NgoLwezi wanyakenye uqokwe yiNaana Le Moya, eGoli njengombha­li wezindaba ezimfushan­e. Ezimbongin­i ezidumile asebenze nazo kukhona isilomo uKhumbulan­i “Jobe” Sithole, uXolile Vilakazi, uPage, uMxolisi Mtshali, uMinenhle Mthembu ukusho ezimbalwa.

Ichaza le ntokazi ngegama layo ithe, yalethiwa ngiyise uDlamini. Kwakungeli­kababekazi kayise owayehlobe­ne nabakwaBut­helezi.

 ??  ?? UNomasheng­e Dlamini
UNomasheng­e Dlamini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa