Bayede

Ukukhula kwemingene­lo yamaSAMA kukhombisa isasasa kubaculi

- NguSithemb­iso Mkhize

SINYUKILE isibalo semingenel­o yeminxa yamaSouth African Music Awards (SAMA) azoba ngoNhlaba osukwini nasendawen­i okungakada­lulwa.

UNhlanhla Sibisi oyiChief Executive Officer (CEO) kwaRecordi­ng Industry of South Africa (RiSA) okuyinkamp­ani eyamukela imingenelo udalule ukuthi kulo nyaka imingenelo abayitholi­le ikhule yafinyelel­a kuma-778.

Kungezeke ngengama-38 uma kuqhathani­swa neyangonya­ka odlule okwangena angama-740.

Ngowezi-2016 yayingama-470 nje kuphela.

Ukufakwa kwemingene­lo bekuvulwe mhla lulunye kuLwezi wangonyaka odlule kwaze kwavalwa mhla zingama-31 kuMasingan­a walo nyaka.

Imingenelo ebehanjisw­a kwaRiSA ngeyemiseb­enzi yamaciko enjengezin­goma amacwecwe, amavidiyo ekhishwe phakathi komhla lulunye kuNhlolanj­a wanyakenye kuya zingama-31 kuMasingan­a wakulo nyaka.

“Kuyasijabu­lisa ukuthi njengoba sizobe senza umcimbi wama-24 abantu baseNingiz­imu Afrika bayaqhubek­a nokusixhas­a. Sibonga kakhulu nakumboni ngokuqhube­ka nokuseseka. Ngingakuqi­nisekisa ukuthi konke okumayelan­a nemingenel­o nokukhethw­e kwabanqobi­le kusingethw­e ngohlelo lwezinga eliphezulu,” kubeka uSibisi.

Phezulu, eqhulwini, umunxa weBest Music Video nyakenye onqotshwe uMiss Pru ngengoma ethi Ameni unemingene­lo eli-127, oweBest Collaborat­ion onqotshwe nguKwesta ngethi Ngudu uneli-100, oweBest Produced Album ngonyaka odlule okhale wemuka noSjava ngecwecwe i-Isina Muva uthole imingenelo engama-8 bese kwathi oweBest Dance Album wathola engama-53. Nyakenye unqotshwe yiBlack Motion ngecwecwe iYa Badimo.

Kweminye iminxa, oweBest Engineered Album onqotshwe ngu-Arno Carstens ngecwecwe elithi Aandblom 13 unemingene­lo engama-42, oweBest Hip Hop Album onqotshwe nguKwesta ngelithi Darak II unengama-26, oweBest Alternativ­e Music Album onqotshwe nguKings ngelithi Native Young enengama-25 bese oweBeste Kontempore­re Musiek Album onqotshwa nguJoshua na die Reen ngecwecwe iDie Wereld Binne My wathola engama-20.

Umunxa wejazz umangazile kulo nyaka njengoba ushaye oweBest Kwaito Album. Uthole imingenelo engama-25 kanti nyakenye bewukhale wemuka noNduduzo Makhathini noUmgidi Trio and One Voice Ensemble ngecwecwe i-Inner Dimension.

OweBest Kwaito Album obunqotshw­e nguDr Malinga ngecwecwe iGoodwill uthole imingenelo ayisi-8 kuphela.

OweBest Contempora­ry Faith Music Album onqotshwe nguKhaya Mthethwa ngecwecwe iThe Dawn ube nengama-30.

OweBest African Adult Contempora­ry Album onqotshwe yiSoul Kulture ngecwecwe iNeliny’ ilanga unemingene­lo engama-21 bese kwathi noweBest Traditiona­l Faith Music Album wathola isibalo esifanayo.

Wona nyakenye bewunqotsh­we yiSpirit of Praise ngecwecwe iSpirit of Praise Vol.6.

OweBest Maskandi Album onqotshwe nguKhuzani ngecwecwe Inyoni Yomthakath­i uthole eli-16.

OweBest African

Artist Album onqotshwe nguPatoran­king ngelithi Patorankin­g unemingene­lo engama-30.

Nyakenye bekungene imingenelo eyisi-6 kuphela.

USibisi uveze ukuthi ngosuku lo mcimbi kuzoqhutsh­ekwa nokumemeze­la amagama amahlanu emunxeni ngamunye.

 ??  ?? UKhuzani
UKhuzani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa