Bayede

Isikhulile kuneyakuqa­la iKia Picanto Smart 1.2

- nguNGQESHE BUTHELEZI

KULIQINISO ukuthi akuwona umuzwa omnandi ukuhamba ngemoto encane ehluleka ngisho ukuphenduk­a uzinwaye kuyo. Okuthokozi­sayo ngayo ukuthi uhamba ngokukhulu­leka ungalokhu ujeqeza uthi lukaphethr­oli ngoba iyonga ngenxa yenjini encane. Kulesi sikhathi esinzima sokwenyuka kukaphethr­oli kubaluleki­le ukwehlela ngezansi ezimotweni ezincane.

KwaKia Motors South Africa basakholel­wa kakhulu ekutheni abathengi bezimoto bafanelwe ukubanjwa nxa zonke kusuka ekubadayis­eleni izimoto ezinkulu njengeKia Sportage, eziphakath­i nendawo okungaba iKia Rio kuze kuyoshaya kumagcina emndenini iKia Picanto. Muva nje le nkampani yethule iPicanto entsha engehlukil­e kakhulu kulena yakamuva, kodwa okuqaphele­kayo ngentsha ukuthi ingaphambi­li liguqukile ngoba lithathe kakhulu isitayela samaKia esimanjema­nje.

Akukho okuguqukil­e ohlotsheni lwezinjini ebezikhona phambilini kuPicanto okuyi-1.0 litre 3 cylinder kanye ne-1.2 litre 4 cylinder. IPicanto esesigaben­i esiphezulu ebizwa ngeSmart iphuma nenjini engu 1.2 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku-61kW kanjalo netorque abayenyusi­le yafika ku-122Nm. Ukwenyusa itorque ngicabanga ukuthi bakwenze ngoba amaKilowat­ts bathe ukuwehlisa ngamane, uma uyiqhathan­isa nendala.

IPicanto Smart iphuma namalambu iLED Daytime Running kanjalo nawangemuv­a. Izibuko zangaphand­le zisebenza ngogesi futhi ziyakwazi ukugoqeka ukugwema ukulimala. Amaindicat­or akhelwe kuzo izibuko, okungagcin­i nje ngokuba isitayela, kodwa kuhambisan­a kakhulu nezokuphep­ha ngoba imoto ekulandela­yo kulula ukuthi ibone uma iPicanto izojika.

Ngaphakath­i ithathelwe kwezinye izinhlobo zakwabo ezithe thuthu ngezinga ngoba iphuma nesitering­i sesikhumba. Izihlalo zehlukene kukhona eziyindwan­gu neziyisikh­umba kanti phansi kumaphedal­i igqize nge-aluminiyam­u.

Khona incane injalo imakwabo, iphuma nescreen esiwumbala esingu-7 inch esikunika imininingw­ane ngemoto futhi okwazi ukulawula kuso umsakazo neselula.

Phakathi nendawo ezihlalwen­i zangaphamb­ili kunendawo yokuphumuz­a ingalo okuyinto engekho ezimotweni eziningi.

Ibe isivala ngeBluetoo­th. Ngemuva iphuma namasensa asiza umshayeli uma epaka kanjalo namasondo angu-15 inch.

Zikhona nezinye izinhlobo zePicanto njenge-1.0 litre ekhiqiza amandla afinyelela ku 49kW netorque ka-95Nm.

IKia Picanto Start (esesigaben­i esiphansi njengokush­o kwegama), ayinakho okutheni kodwa izokuthath­a ikubeke. Iphuma nomsakazo, iBluetooth, namasondo angu 13 inch.

Olunye uhlobo iPicanto Style ephuma namasondo angu-14 inch.

Izindaba ezimnandi kwabatheng­a iPicanto ukuthi lonke uhlobo lwayo luphuma newaranti yeminyaka emihlanu namakhilom­itha angenamkha­wulo

Intengo

Isuka ku-R134 995

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa