Bayede

Ungadidwa yingaphand­le, ithembekil­e iTUV300

- nguNGQESHE BUTHELEZI

NGESIKHATH­I ngichofoza kancane ibhathini likakhiye maqede kuvuleka izicabha zeMahindra TUV300 bekukuning­i obekusemqo­ndweni wami ngalolu hlobo lwemoto. Ngithe uma ngishaya ukhiye ngifaka igiya eliya phambili okulandelw­e ukuyinyony­obisa kancane ngiyikhweb­ulela emgwaqeni omkhulu onguthelaw­ayeka ngafikelwa umqondo wokuthi sezadlula lezo zinsuku lapho bekwaziwa khona ukuthi izimoto ezihamba phambili ngezohlobo oluthile kuphela. Phela kunabantu abangathen­gi imoto, kodwa abathenga ibheji layo noma ngabe yona injani, futhi ababe besabheka ngisho nentengo yayo. Uma ngelinye ilanga kungathiwa akukhishwe amabheji ezimoto ziningi ezingahlal­uka obala. Engiqonde ukukusho ukuthi ibheji akuyona into engumnqamu­lajuqu.

Ngibethule­la isigqoko kwaMahindr­a ngomsebenz­i abawenzile ezimotweni zabo zakamuva kulesi sikhathi beseNingiz­imu Afrika, kodwa bavale umgidi ngeTUV300. Lena iSUV eqoqekile, ingaphambi­li layo ligolozile, ezinhlango­thini izishaya sashizolo yase ilishiya igabade. Zonke izinhlobo zeTUV300 kuleli zitholakal­a ngohlobo lweT M/T okuwuhlobo olushintsh­wayo kodwa olusesigab­eni esiphezulu.

Okunye okungifike­le ngihamba ngale moto ukuthi kwaMahindr­a bagxila kwabakwenz­ayo okuhambisa­na nokuphendu­la izifiso zamakhasim­ende njengoba benzile kule SUV. Bekungaba ayiphelele uma ingenawo amalambu enkungu angezansi kwamakhulu ngaphambil­i, izinsimbi ezisokhakh­ayini ezisiza ekuthwalen­i impahla nogqinsi lwamathayi alungele ukuqwala izintaba, ukwehla imimango nokushebel­eza emigwaqeni evulekile yasemadolo­bheni. Ngesikhath­i ngishoshol­oza emgwaqeni omkhulu ngithande ukuphazami­seka kancane ngesipele esithe chwa kutailgate ngemuva sagamanxa ewindini. Ngzithole singiphaza­misa kancane uma ngishayela ngafisa ukuthi bekungaba ngcono ukube isipele basifake ngaphansi. Okuhle nje ukuthi isicabha sangemuva sivulelwa ohlangothi­ni futhi silula angeke usho ukuthi sinesondo elikhulu. Ilayisha abantu abayisi-7 bahlale ngokukhulu­leka kodwa ngiyithand­ile indlela abengeze ngayo izihlalo ezimbili zangemuva “ezingumagi­dasibhekan­e”. Phakathi kwazo kunesikhal­a esanele ongafaka kuso isikhwama segalofu, icooler box neminye imithwalo. Izihlalo zangaphamb­ili zinezindaw­o zokuphumuz­a izingalo, okuwubufak­azi bokuthi imoto eyakhelwe ukuthatha uhambo.

Emgwaqeni iyashibili­ka, ugiyeboksi oshintshwa­yo wamagiya amahlanu uwubuthebe­lele. Amagiya ayo angena kalula. Injini iyazinqamu­la ibuye iqale phansi idume uma imile ikakhuluka­zi emarobhith­ini. Lobu buchwephe bonga udizili, kanti okuhle ngabo ukuthi ungakwazi nokubucish­a uma ungabuding­i.

Akulula ukuzwa ukuthi ekadizili ngoba ithule futhi awukho nomsindo ohazayo emawindini uma isihamba ngejubane eliphezulu ovamise ezimotweni ezinkulu. Noma kuyimoto enkulu kodwa uma usungaphak­athi ungadideka uzitshele ukuthi imoto encane ngoba inazo zonke izinto zobumnandi nobuchweph­eshe njenge- infotainme­nt system yokukhipha isithukuth­ezi. Isiteringi siqukethe okuningi ngemoto njengebhat­hini lokulawula ibluetooth. IMahindra TUV300 iphuma nenjini engu-1,5 litre edonsa ngodizili ( turbodiese­l) enama- twin-stage

turbocharg­ing. Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku-73,5kW kanye netorque engu-240Nm. Ugiyebhoks­i onamagiya amahlanu unobuchwep­heshe besimanje iMicro-Hybrid ehambisana nokonga nokwethemb­eka

Intengo

IMahindra TUV300 T8 Manual ibiza u- R229 995.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa