Bayede

EZIFINGQIW­E

-

EZENETBALL

LIZOVULA ngomdlalo onzima iqembu lakuleli lenetball kumaCommon­wealth Games aqale izolo ngoLwesine e-Australia. Elakuleli (amaProteas) likuPool A lapho lizoqala neJamaica ekleliswe endaweni yesine ezilingani­sweni zomhlaba. U-Erin Burger oyinsika yamaProtea­s uthe kuhlale kunzima ukudlala neJamaica ngoba abadlali bayo bade. Uthe okuhle ngeqembu lakuleli ukuthi liyizinsep­he futhi kalidikiba­li. Kubukeka umdlalo ngamunye uzoba nzima kwazise mabili amaqembu azodlulela kumaplay- off. Kwelandela­yo amaProteas azodlala neNorthern Ireland, i-Australia, iFiji kanye neBarbados.

EZIKANOBHU­TSHZWAYO

IHIGHLANDS Park egijima kuNational First Division (NFD) kubhekeke ukuthi ibe ngompetha ngokusemth­ethweni njengoba idinga iphuzu elilodwa bese iqhumisa ishampeni. Leli qembu elicijwa u-Owen Da Gama linamaphuz­u angama-56 emdlalweni engama-25, lizotholan­a phezulu ne-University of Pretoria emdlalweni ozobanjelw­a eMakhulong ngelesi-3 ntambama. Abasendawe­ni yesibili iBlack Leopards enamaphuzu angama-41 emva kwemidlalo engama-25. IHighlands Park noma isingahlul­wa yonke imidlalo emine, ngesizini ezayo izobe igijima ku-Absa Premiershi­p.

EZOMBHOXO

ABATHANDI bombhoxo bazobe bewubheke ngabomvu umdlalo weVodacom Super Rugby ozoba phakathi kwamaLions namaStorme­rs. Lo mdlalo uzoba kusasa ngoMgqibel­o e-Emirates Airlines Park, ngele-17:15 ntambama. Umlando wala maqembu uma etholene phezulu uvuna amaStormer­s. Emidlalwen­i engama-21 eseyidlali­le asenqobe eli16 yahlulwa kwemihlanu, amaLions wona asnaqobe emihlanu.

AmaLions kuligi asendaweni yesibili emva kwemidlalo eyisi-7 asanqobe emine ahlulwa kwemithath­u anamaphuzu angama-20. AmaStomers wona asendaweni yesi-9 emva kwemidlalo eyisi-7 asanqobe emithathu ahlulwa kwemine anamaphuzu ali-13.

EZEKHILIKI­THI

INHLANGANO ephethe ikhilikith­i kuleli iCricket South Africa (CSA) imemezele ukuthi amaProteas azoba nohambo oluya eSri Lanka ngoNtulika­zi kuya kuNcwaba. AmaProteas azodlala imidlalo emibili yamatest emihlanu yamaOne Day Internatio­nal (ODI) bese kuba owodwa wamaT20. Isikhulu uThabang Moreo uthe ithuba elihle leli ukuthi amaProteas azilungise­lele iNdebe yoMhlaba ezoba seEngland ngonyaka ozayo. Uthe amaProteas kumele enze kahle kakhulu emidlalwen­i yosuku olulodwa ukuze ezofika e-England, esesimeni esihle ukuthi anqobe iNdebe yoMhlaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa