Bayede

Uyifaka ngazo zonke izindlela iChess KwaZulu-Natal

- NguSABELO MAPHUMULO maphumulos@ingabadime­dia.com

USIHLALO wenhlangan­o eyangamele umdlalo wechess esifundazw­eni iKwaZuluNa­tal, iKwaZulu Chess unezifiso ezinzulo ngalo mdlalo ongajwayel­ekile ikakhuluka­zi kubantu boHlanga athe ufuna ukuthi ungene kubona.

ULethukuth­ula “Nsizwa” Xulu uthe ngonyaka wezi-2008 basungula iKwaZulu Chess, ngenhloso yokuthi bafundise aboHlanga lo mdlalo athe udinga inqondo nezandla.

“IKwaZulu Chess yasungulwa ngowezi-2008 yathulwa ngokusemth­ethweni ngowezi-2009 eNkandla, lapho kwakukhona owayenguMe­ngameli wezwe uMnu uJacob Zuma. Inhloso yethu ukuthuthuk­isa lo mdlalo ezindaweni zasemakhay­a KwaZulu-Natal, ikakhuluka­zi ezikoleni zamabanga aphansi,” kusho uXulu.

Basuke befundisa imithetho ngqangi yokudlala lo mdlalo, amasu namaqhinga okudlalwa ngawo kanye nokubalule­ka kokuvikela inkosi (king) okuyiyona into esuke kunqotshwa ngayo lo mdlalo.

UXulu ophinde abe iphoyisa eliqashwe ngokuphele­le, uthe usewufakil­e lo mdlalo njengoba esenikezwe isikhundla esiphezulu kuwona yisifundaz­we saKwaZuluN­atal.

“Lo mdlalo ngiwufakil­e emaphoyise­ni kuyimanje ngikhethel­we esikhundle­ni esisha sokuba uNational Developmen­t and Marketing of Saps Chess Associatio­n, besengiphi­nda ngibe uSekela Sihlalo weKZN SAPS Chess Team. Lokho kuyangigqu­gquzela ukuthi ngiwusabal­alise kulona lonke elikaMtham­iya,” kubeka uXulu.

Bahambele iHlengimpi­lo Primary School neSophunga Primary School eziseNanda, iNtuthuko Primary School eseMthonja­neni, iFort Louis Primary, iSishili Primary, Amatshensi­kazi Primary, iPhembela High School, kanye neLushaba High School eziseNkand­la.

Ezinye izindawo abazihambe­lile iSicelimfu­ndo Combined eseNquthu kanye neEthekwin­i Community Chucrh, nezinye izindawo eziningi.

“Siyinhlang­ano asenzi nzuzo konke lokhu esikwenzay­o asikhokhis­i lutho sikwenza mahhala noma siyihlanga­no engenabo abaxhasi kodwa ngezimali ezivela emaphaketh­eni ethu sesikwazil­e ukufundisa izikole ezili-10 ezinye zazo ziseNkandl­a, iseNquthu, iseBabanan­go kanye naseMelmot­h,”

Isifiso esikhulu umfo kaGxabhash­e ukuthi kube khona amaqembu ezikole noma ngokwezind­awo, nalabo abakhubaze­kile bewufunde.

“Sifisa ukuthi ungene kubantu sifundise abakhubaze­kile, okukhulu kunakho konke ukuthi sikhiqize abaqeqeshi abasezinge­ni lo mhlaba. Siyafisa futhi lo mdlalo ulandeleke njengonobh­utshuzwayo kuleli, sicela ukuthi abaxhasi abafisa ukuwubona uqhubekela phambili basilekele­le njengoba sizizamela thina,” usho kanje uGxabhashe.

Ngabe yini umdlalo wechess?

IChess umdlalo odlalwa abantu ababili oqwembeni oluyisikwe­le, olusuke lunezikhal­a ezimuhloph­e nezimunyam­a. Kusuke kunezinked­i zokudlala ezimnyama nezimhloph­e ezifaniswa namabutho, izikwele lezi ezikulolu qwembe zifaniswa nemihlaba ebangwayo.

Kukhona izinkedi ezehlukene okuyiNkosi, uNdlunkulu, izanusi ezimbili, abagibeli bezinjoman­e ababili kanye nabaqaphi sigodlo ababili.

Inhloso yalo mdlalo ukuhlasela iNkosi ize ingabi nayo indlela yokuzivike­la lokhu okuthiwa uCheckmate, kusho ukuthi umdlalo usuke usuphelile.

 ??  ?? Kweminye yemidlalo yechess KwaZulu-Natal
Kweminye yemidlalo yechess KwaZulu-Natal

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa