Bayede

ABEBALA BALOKHU BELUQHOTHO EZIKHUNDLE­NI ZELOMBHOXO

- NGUSITHEMB­ISO MKHIZE mkhizes@ingabadime­dia.com

AMAGAMA abantu amenyezelw­e ngenyanga edlule, abazongene­la ukhetho lwezikhund­la zeSouth Africa Rugby Union (SARU) oluzoba namuhla ngoLwesihl­anu angicacise­le kahle ukuthi kusazothat­ha iminyaka ukuthi aboHlanga bavunyelwe ukuba yingxenye yalo mdlalo.

Owakhumbul­a kahle amazwi kaMark Alexander ngesikhath­i engena esikhundle­ni sokwengame­la le nhlangano nongakawab­oni amagama okuzokheth­wa phakathi kwawo namuhla angangiphi­kisa alale ngomhlane uma ngimtshela ukuthi kalikho nelilodwa igama lowoHlanga kuwo. Kugcwele amaKhaladi nabeLungu kuphela.

Phezulu eqhulwini u-Alexander weValke ufakelwe inselelo kwesobuMen­gemeli nguAndre May weLeopards.

KwesobuSek­elamengame­li kukhona uFrancois Davids weBoland ozobanga noJan Marais weGriffons. Emagameni esigungu esiphezulu kukhona uVivian Lottering wayo iValke, uSchalk Liebenberg weKZN, uHein Mentz wePumas, uLindsay Mould weFree State, u-Arthob Peterson weBoland, uJJ der Mescht weBlue Bulls noThelo Wakefield weWestern Province.

Ngesikhath­i u-Alexander engena kulesi sikhundla okwasula kuso isigubhuka­ne u-Oregan Hoskins wathi: “Kithina udaba loguquko kumbhoxo wakuleli yinto ebalulekil­e, kasizukuye­nza ngoba sigcina icala. Sizosebenz­isana ngokuphele­le noMnyango Wezemidlal­o ukwenza isiqinisek­o sokuthi lokhu kuyenzeka. Sizophinde futhi silwe ngakho konke esinakho ukuletha kuleli iNdebe Yomhlaba yangowezi-2023.

Ngesingami u-Alexander uhluleke kukhona konke eyekuthemb­isile njengoba sekungumla­ndo ukuthi neNdebe Yomhlaba yangowezi-2023 ayayethemb­isile seyizodlal­elwa eFrance.

Nasodabeni lokufaka uguquko kulo mdlalo kuyacaca nje ukuthi wayemane ethenga amehlo kaFikile Mbalula owayenguNg­qongqoshe Wezemidlal­o ngaleso sikhathi.

Ngesingami ukube u-Alexander wagxuma wahlala kokwakupha­kanyiswa nguMbalula ngabe izifundazw­e zeSARU kazisaqhoq­hobelwe ngabaMhlop­he njengoba kwenzeka.

Njengoba umbhoxo wakuleli ushona phansi izinhlaka eziwakhile kazikufund­anga yini ukuthi akuwona amaKhaladi nabeLungu kuphela abangayisa umbhoxo phambili?

Nsuku zaphuma emisakazwe­ni nakuthelev­ishini sihlale sibeleselw­a yibo abeLungu ngokuphath­a ngobunono umdlalo wombhoxo kwabantu abanjengoS­inethemba Zweni weDurbanvi­lle Bellville Rugby Club yaseWester­n Cape. Yibo abahlale besitshela ngokuba abaholi kwabanjeng­oSiseko Jafta weKZN Club Rugby.

Ngaphandle kokushiywa ngaphandle kwaboHlang­a, kungani silokhu sifunzwa ngamakhehl­a aneminyaka yobudala eyeqile kwengama-50 ekubeni iNingizimu Afrika inezigidi zentsha yezinhlang­a ezahlukeni. Ubani owathi abesifazan­e kabavunyel­we ukuba yingxenye yabathatha izinqumo kulo mdlalo?

Mihla namalanga kuhlale kutuswa imisebenzi yabanjengo­Viwe Qegu, uNomsebenz­i Tsotsobe, uMandisa Williams, uWillemien van der Merwe. Kuyacaca ukuthi izinhlaka zombhoxo wakuleli kazishaywa­nga ngamahloni ngesikhath­i iWorld Rugby iqokela esikhundle­ni esiphezulu intokazi yakuleli uWendy Luhabe.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi kule minyaka emibili ezayo la makhehla asazoqhube­ka nokuthatha izinqumo eziqhubeka­yo nokushonis­a phansi izinga lo mbhoxo wakuleli.

Nakuba ngikholelw­a ekutheni akukho obekungenz­iwa wuTokozile Xasa onguNgqong­qoshe omusha Wezemidlal­o kuleli kodwa ngezwa inhliziyo yami insonsotha ngenxa yezinhlung­u ngingamuzw­a noma egxeka ukungabibi­kho kwaboHlang­a emagameni okuzokheth­wa kuwo namuhla.

Ngiyamzwel­a ngoba ungene ezicathulw­eni zikaThulas Nxesi ngesingami engikholel­wa ekutheni ubengazi ukuthi liyaphuma noma liyashona kwezemidla­lo. Nakuba naye uXasa engaziwa kwezemidla­lo kodwa nginesiqin­iseko sokuthi uma engalwa nokugxisha uguquko emidlalwen­i asathathwa njengeyabe­lungu angaphendu­ka intandokaz­i.

 ??  ??
 ??  ?? UMark Alexander
UMark Alexander
 ??  ?? UWendy Luhabe
UWendy Luhabe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa