Bayede

Kunuka uhlofu kwesikaJor­daan befuna ukuneka amahlazo

- NguSITHEMB­ISO MKHIZE mkhizes@ingabadime­dia.com

KUBUKEKA iqonga ingcindezi yokuthi uDanny Jordaan aphume esikhundle­ni sokwengame­la iSouth Africa Football Associatio­n (SAFA) njengoba kuvela ukuthi maduze nje kukhona abasezinhl­elweni zokuneka amahlazo enhlangano yakhe.

Umthombo weBAYEDE uveze ukuthi sekukhona ukudideka kwezinye zezifunda ebeziseka uJordaan ngaphambi kokhetho.

Uqhuba uthi lokhu kudalwa yizinsolo ezishaqisa­yo ezilokhu ziqhamukil­e ngoMengame­li wenhlangan­o.

Lo mthombo uthi kunemibiko ezungezayo ngaphakthi kuSAFA ethi kanabathil­e abahlongoz­a ukuneka obala umbiko oveza obala ukuphathwa budlabha kwezimali kuSAFA.

Uqhuba uthi kaliveli igama likaJordaa­n kodwa uma lokhu kungaphath­wa kahle kwezimali kuyiqiniso kuzomshaya ngoba kwenzeke ngaphansi kobuholi bakhe.

“Noma ngingeke ngithi sekukhona izifunda esezihlong­oza ukumjikela uJordaan kodwa kukhona asebezwaka­la beqala ukudideka ukuthi ngabe umphathi wabo uyasukelwa noma zonke lezi zinto uzenzile na,” kubeka umthombo.

Imizamo yokuthola uhlangothi lweSAFA kayiphumel­elanga njengoba ucingo lukaDomini­c Chimhavi belukhala lungabanjw­a.

Kuvela lezi zindaba nje, uJordaan ubhekene nezinsolo zokudlweng­ula uJennefer Ferguson owayeyilun­gu lePhalamen­de ngaphansi kweAfrican National Congress (ANC). Lona wesifazane uthi uJordaan wamdlwengu­la ngowe-1994.

Iqembu elizibiza ngeMillion Man March seliveze ukuthi uJordaan kumele ehle esikhundle­ni ngenxa yalezi zinsolo.

Ngokwemibi­ko kuthiwa uMengameli weSAFA ushaya phansi ngonyawo ngokwehla kulesi sikhundla.

UChimhavi ucashunwe ethi: “Angithandi ukuphawula ngodaba lwaleli qembu ngoba lingabantu abasekucas­heni, abafuna ukuzakhela udumo ngegama leSAFA.”

Empeleni nguNcobo owaqala ukuveza izinsolo zokungapha­thwa kahle kwezimali kuSAFA.

UNcobo wakusho lokhu engakahoxi embangweni wokubangis­a uJordaan kwesobumen­gameli.

Ngenxa yokuveza izinsolo ngoJordaan, lo nompempe wadalula ukuthi yena nomndeni wakhe sebethola izinsolo zokubulawa.

Sekungumla­ndo ukuthi ngemuva kokuba uNcobo uhoxile embangweni lwahlehlel­a osukwini olungaziwa ukhetho lweSAFA obekumele lube ngenyanga edlule.

 ??  ?? UDanny Jordaan
UDanny Jordaan

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa