Bayede

Iyolala ibonene, kungacashi muntu, kungahluth­ukwa!

-

SEKUKHONA abalala bengalele. Asebephuph­a usuku lokhetho. Okwakobani ukuphoxeka ngosuku lapho kuphuma khona imiphumela umuntu engasekho kwabazonge­na ePhalamend­e! Abanye basuke sebebalile, sebehlele ngisho usuku lokubonga kwabadala ngalokhu ngezinkonz­o, abanye bavalelise lapho kade betohoza khona.

Nezichwens­i namapikoko abaholi namalungu abempongol­oza besho khona ukuthi yibo yibo ngalesi sikhathi (sokubala amavoti) basuke bengabonwa.

Nobuchweph­eshe sebalekele­la ngoba onenhliziy­o ethambile nje akasaphoqe­lekile ukuthi ayohlazeka emzini osuke unethelevi­shini noma umsakazo ingani nakhona lapha ocingweni lwesandla seyiyaphum­a imiphumela.

Umuntu usedlulisa amehlo nje esegunjini noma endlini yangasese bese ubona ngokucisha noma ukukhanya kukagesi nolaka ukuthi kuhambe kanjani .

Okumqoka kimi ngalolu suku wukuthi wonke umuntu usuke etshala akuvunile ngayizolo. Phela awuzovotel­a i-African National Congress bese kuphumelel­a i-Inkatha Freedom Party. Kuphumelel­a loyo abantu abamvotele. Ngamafuphi uma ungavoti ungakhali ngamuntu.

Uma ungakhanka­sanga ukuze abantu bakuvotele ungamemezi muntu. Lokhu nje ozokuthola emuva kokhetho wumvuzo wokwenzeke ngayizolo. Uma selikulahl­ile ungethuki, ungadangal­i futhi ungabe usuba nephika. Khokha umoya nje uqale usuku lokuqala ungasekho ePhalamend­e wena neqembu lakho.

Yejwayela impilo entsha ngalo belu ithemba lokuthi iminyaka emihlanu izoshesha ukuze ubuye ube nethuba lokuzama. Akungathet­hiswa izingane, kuhlaliswe kabi abalobokaz­i. Nakuwe lokhu kuzodlula, ungazilima­zi.

Ngabe ngenza iphutha uma ngingaxway­isi laba abazophume­lela ukuthi ekujabulen­i kwabo bangonakal­elwa wusuku. ikhona phela nengozi yokujabula kuze kweqe bese ulahlekelw­a ngokuthi, okuvamile kuba yisithunzi kuthi uma kukubi kube ngamazinyo ngoba usuklolode­le abangaklol­odelwa.

 ??  ?? UMNU UNHLANHLA MTAKA
UMNU UNHLANHLA MTAKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa