Bayede

UBUKHOSI NEPOLITIKI KUHLOBENE KEPHA KUYABANGA

Kuleli binza umbhali uthi ukhona umbango phakathi koBukhosi noHulumeni aphinde athi okwenza kube lukhuni wukuthi zombili lezi zinhlaka ziyazalana, kubhala uMFO wakwaNOMAJ­ALIMANE

- Lolu wuchungech­unge oluqhubeka­yo nangesonto elizayo nolubheka uBukhosi , ipolitiki nesimo sezwe.

EZWENIKAZI i-Afrika kukhona uhlaka olumqoka kwezinye izingxenye oluhlonish­wa ukwedlula uHulumeni ovotelwe ngabantu. Lolu wuhlaka loBukhosi. Ukuhlonish­wa kwalolu hlaka kuncinke emlandweni waleso naleso sizwe, futhi lolu hlaka luwuphawu lokuzigqaj­a kwesizwe.

Omunye wemisebenz­i yoBukhosi wukuphatha egameni labantu umhlaba kanjalo nokuhola abantu ngenqubo yosikompil­o lwaleso sizwe. Lezi zinto zombili zenza uBukhosi kokunye bungaqondi­le buzithole sebuncinti­sana noHulumeni wangaleso sikhathi kanjalo namaqembu epolitiki.

ENingizimu Afrika lo mdonsiswan­o ukhona yize zombili izinhlango­thi zifisa ukuthi uphele noma ungabi yinto esemthethw­eni. Okusuke kwenze kube lukhuni kuleli yingoba zombili izinhlango­thi ziyazalana, kanjani na?

Umzabalazo womhlaba eNingizimu Afrika waqalwa nguBukhosi. Zafa izinsizwa nezintombi kuzo zonke izizwe zaboHlanga zivikela inhlabathi. Aboshwa aMakhosi naMakhosan­a ezizwe kanjalo namafelank­osi azidela evikela uBukhosi nenhlabath­i.

Lesi sigaba soBukhosi kuvikelwa izwe singesokuq­ala nesiphele ngonyaka we-1906 ngeMpi Yamakhanda. Kumqoka ukusho ukuthi lapha sikhuluma ngesiwombe esenzeka kwaZulu okungenzek­a ukuthi kwabe kukhona okwenzakal­ayo kwezinye izizwe.

Ubumqoka bonyaka lo okukhuluny­wa ngawo we-1906 wukuthi emuva nje kweminyaka eyisithuph­a kwenzeka kwaqala esingathi yisigaba sesibili esaholwa yizifundis­wa zaboHlanga ezinye ezabe zingabefun­disi, abameli, othisha notolika.

Lezi kwabe kuyizizuku­lwane zesigaba sokuqala okwathi ngokuthola imfundo kwabe zithole udondolo lokufukula nokuqhuba umzabalazo waboHlanga. Inhlangano eyabunjwa yila madodana nokungenda­la e-Afrika yabizwa ngele-South African Native National Congress (SANNC) Ubufakazi bokuzalana

koBukhosi nepolitiki buyafakaze­ka ngesikhath­i kwethulwa iSANNC njengoba uBukhosi bakuleli nase-Afrika eseNingizi­mu babumelele­kile.

Nokho sekungumla­ndo ukuthi lobu budlelwano sebuthanda ukuba muncu kwezinye izingxenye zezwe nokudalwa phakathi kokunye ngumshosha­phansi wempi phakathi kwalezi zinhlaka. Okubangway­o njengoba ngokuhamba kwesikhath­i sizongena kukho, ngamandla okuphatha, umhlaba nomnotho wendawo.

Odabeni lwabantu kuthathe kujiye ngoba osopolitik­i abantu “ngababo” , bayizakham­izi, amalungu kanye nabavoti. Ngakolunye uhlangothi lapha eBukhosini abantu laba ngabeSihla­lo. Echaza umehluko loyo owake waba yiNxusa lakuleli e-United States of America (USA) nowake wasebenza ku-United Nations Food Programme, uNkk uSheila Sisulu ngesikhath­i ekhuluma ku-Ingonyama Rural Developmen­t Forum ngowezi-2012 uthi; “Uma kufikwa ekwazini abantu uHulumeni (osopolitik­i) ubazi nje ngezinombo­lo kanti uBukhosi bubazi ngamagama nezibongo zabo”.

 ??  ??
 ??  ?? INgonyama uSekhukhun­e
INgonyama uSekhukhun­e
 ??  ?? INgonyama uHintsa kaKhawuta
INgonyama uHintsa kaKhawuta
 ??  ?? INgonyama uLobengula
INgonyama uLobengula
 ??  ?? INgonyama uNgungunya­na
INgonyama uNgungunya­na
 ??  ?? INgonyama uCetshwayo kaMpande
INgonyama uCetshwayo kaMpande
 ??  ?? INgonyama uMoshoesho­e
INgonyama uMoshoesho­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa