UBUKHOSI NEPOLITIKI KUHLOBENE KEPHA KUYABANGA
Kuleli binza umbhali uthi ukhona umbango phakathi koBukhosi noHulumeni aphinde athi okwenza kube lukhuni wukuthi zombili lezi zinhlaka ziyazalana, kubhala uMFO wakwaNOMAJALIMANE
EZWENIKAZI i-Afrika kukhona uhlaka olumqoka kwezinye izingxenye oluhlonishwa ukwedlula uHulumeni ovotelwe ngabantu. Lolu wuhlaka loBukhosi. Ukuhlonishwa kwalolu hlaka kuncinke emlandweni waleso naleso sizwe, futhi lolu hlaka luwuphawu lokuzigqaja kwesizwe.
Omunye wemisebenzi yoBukhosi wukuphatha egameni labantu umhlaba kanjalo nokuhola abantu ngenqubo yosikompilo lwaleso sizwe. Lezi zinto zombili zenza uBukhosi kokunye bungaqondile buzithole sebuncintisana noHulumeni wangaleso sikhathi kanjalo namaqembu epolitiki.
ENingizimu Afrika lo mdonsiswano ukhona yize zombili izinhlangothi zifisa ukuthi uphele noma ungabi yinto esemthethweni. Okusuke kwenze kube lukhuni kuleli yingoba zombili izinhlangothi ziyazalana, kanjani na?
Umzabalazo womhlaba eNingizimu Afrika waqalwa nguBukhosi. Zafa izinsizwa nezintombi kuzo zonke izizwe zaboHlanga zivikela inhlabathi. Aboshwa aMakhosi naMakhosana ezizwe kanjalo namafelankosi azidela evikela uBukhosi nenhlabathi.
Lesi sigaba soBukhosi kuvikelwa izwe singesokuqala nesiphele ngonyaka we-1906 ngeMpi Yamakhanda. Kumqoka ukusho ukuthi lapha sikhuluma ngesiwombe esenzeka kwaZulu okungenzeka ukuthi kwabe kukhona okwenzakalayo kwezinye izizwe.
Ubumqoka bonyaka lo okukhulunywa ngawo we-1906 wukuthi emuva nje kweminyaka eyisithupha kwenzeka kwaqala esingathi yisigaba sesibili esaholwa yizifundiswa zaboHlanga ezinye ezabe zingabefundisi, abameli, othisha notolika.
Lezi kwabe kuyizizukulwane zesigaba sokuqala okwathi ngokuthola imfundo kwabe zithole udondolo lokufukula nokuqhuba umzabalazo waboHlanga. Inhlangano eyabunjwa yila madodana nokungendala e-Afrika yabizwa ngele-South African Native National Congress (SANNC) Ubufakazi bokuzalana
koBukhosi nepolitiki buyafakazeka ngesikhathi kwethulwa iSANNC njengoba uBukhosi bakuleli nase-Afrika eseNingizimu babumelelekile.
Nokho sekungumlando ukuthi lobu budlelwano sebuthanda ukuba muncu kwezinye izingxenye zezwe nokudalwa phakathi kokunye ngumshoshaphansi wempi phakathi kwalezi zinhlaka. Okubangwayo njengoba ngokuhamba kwesikhathi sizongena kukho, ngamandla okuphatha, umhlaba nomnotho wendawo.
Odabeni lwabantu kuthathe kujiye ngoba osopolitiki abantu “ngababo” , bayizakhamizi, amalungu kanye nabavoti. Ngakolunye uhlangothi lapha eBukhosini abantu laba ngabeSihlalo. Echaza umehluko loyo owake waba yiNxusa lakuleli e-United States of America (USA) nowake wasebenza ku-United Nations Food Programme, uNkk uSheila Sisulu ngesikhathi ekhuluma ku-Ingonyama Rural Development Forum ngowezi-2012 uthi; “Uma kufikwa ekwazini abantu uHulumeni (osopolitiki) ubazi nje ngezinombolo kanti uBukhosi bubazi ngamagama nezibongo zabo”.