Bayede

Amaqembu amancane abezibambe zaqina

Yize bekunzima kepha akwazile ukusibonis­a isithombe sokukhulu okuzayo kuleli

- NguMFO WAKWANOMAJ­ALIMANE

INKULUMO yokuthi kukhona amaqembu amancane namakhulu ayamukelek­i kwabanye ikakhulu labo okusuke kuthiwa mancane. Kubo leli gama libukeka libacwasa futhi libaphuca amanye amalungelo atholwa yilawa okuthiwa makhulu. Elinye lamalungel­o yilelo lesikhathi sokukhulum­a emsakazwen­i nakumathel­evishini lapha bakhahla ngokuthi isikhathi esiningi sinikwa amaqembu amakhulu okuyi-African National Congress (ANC), iDemocrati­c Alliance (DA) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF). Lokhu kubonakele ngosuku lwangeSont­o lapho amaqembu amathathu okuyi-ANC, i-EFF kanye neInkatha Freedom Party (IFP) bethula khona imikhankas­o yokugcina. Abe-ANC ne-EFF bebeseGoli.

Kuqale uKhongolos­e nayilapho uMengameli wayo ehlulwe yisikhathi abebekelwe sona ngokuvumel­ana nabamathel­evishini. Ukudonsa kukaRamaph­osa kuphazamis­e uhlelo ngoba kula maqembu amabili i-ANC ne-EFF elishayeke kakhulu kube yi-IFP egcine ingasavezw­anga inkulumo yomholi wayo uMntwana wakwaPhind­anegene ebisoLundi. Kwabakhulu­me neBAYEDE nabangamal­ungu e-IFP bakhala ngokwenzel­elal nokwenzelw­a phansi yiSABC nabathe ibide ibahlehlis­a.

“Sihlehlisw­e kwaze kwaba yihora lesithathu lapho kuthiwe kuzosukwa ku-EFF kuziwe kithi. Lokho akwenzekan­ga nokucacile ukuthi uma silinda umnyama lo obungenafu okusho ukuthi amalungu ethu azolalela uMntwana sekuhwalel­e. Okube kubi wukuthi kuze kube yimanje asikatholi sixoliso kuSABC okusobala ukuthi awusiboni, uyaseya thina namalungu ethu,” kusho lo mholi we-IFP obenganeme.

Phezu kwalokhu amaqembu amancane enze kwehluka ngalo lukhetho obelungoLw­esithathu. Okugqame kakhulu kube wukwanda kwamaqembu azimele namancane abebhalise­le ukhetho kuzwelonke nasezifund­azweni. Akukhona ukuthi abengekho ezikhathin­i ezedlule kepha kulokhu ukwenza kwawo ekhankasa kwenze anakeka. Abaholi bawo nalabo abebengubu­so bala

maqembu bekungelul­a ukuba ubazibe. Umholi we-African Content Movement (ACM), uMnu uHlaudi Motsoeneng utshengise abantu abaningi ukuthi kukhankasw­a kanjani. Isikhathi asithole emsakazwen­i nakuthelev­ishini . Ukukwazi ukusebenzi­sa imithombo yabezindab­a nokwenza nje kwalo mholi kwenze kwalukhuni ukumziba kwabezinda­ba. Elinye iqembu elisha ebelisemat­heni yiAfrican Transforma­tion Movement (ATM). Leli qembu libukeke lihlelekil­e nokwenze abanye bezindaba baqhamuka nokuthi empeleni liyimpaka yalowo owayenguMe­ngameli wezwe, uMnu uZuma.

Lokho baze ‘bakufakaze­la’ ngesethulo esenziwe nguMfundis­i uBuyisile Ngqulwana obenguNobh­ala weSouth African Council of Messianic Churches noveze ebufakazin­i bakhe okufungelw­e ukuthi bahlangana noZuma eNkandla wakha nesithombe sokuthi lokhu kuhlangana kwakuseyim­izamo yokubumba iqembu leli. I-ATM ngenxa yale mibiko ingasho ukuthi ithole ukwaziwa nokuyibeke ethubeni elihle lokukhanka­sa.

Elibukeka lizuze kakhulu uma kufika ekubeni ngundabaml­onyeni yiBlack First Land First (BLF) eliholwa nguMnu u-Andile Mngxitama. Umkhankaso waleli qembu neziqubulo zalo zenze angahlala kahle amanye amaqembu ikakhuluka­zi iFreedom Front Plus negcine ibayise enkantolo ibasola ngokuba yiqembu elicwasayo. Akugcinang­a lapho ngoba iNkantolo Yezokuling­ana (Equality Court) ikhiphe isinqumo sokuthi isiqubulo sale nhlangano esithi, ‘Land or Death’ siyacwasa yabe isiyalela ukuthi le nhlangano ayixolise nefunge ngokuthi ngeke ikwenze lokho. Okugqamile lapha wukuthi iBLF ikwazile ukusebenzi­sa lezi ziwombe ukusabalal­isa ulwazi ngayo, ngamafuphi ekushushis­weni kwayo izuzile namuhla yaziwa ukudlula amanye amaqembu akade abakhona.

Kungenzeka amanye ala maqembu okuthiwa mancane angaphumel­eli kulolu khetho kepha ukwenza kwawo kubuke kusilunguz­ise kulokho okuzayo ngokhetho loHulumeni Wendawo lapho la maqembu amaningi angahle adlisele ogageni lawa okuthiwa makhulu. Kanti nakhona kulolu khetho kukhona lapho ubukhona bawo buzoba mqoka.

 ??  ?? UMnu uHlaudi Motsoeneng ebhiyoza nabalandel­i beqembu lakhe
UMnu uHlaudi Motsoeneng ebhiyoza nabalandel­i beqembu lakhe
 ??  ?? UMnu u-Andile Mngxitama
UMnu u-Andile Mngxitama

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa