Bayede

Abenkomo kahaga babuyele ezinqoleni

Ukwenza kahle kweFreedom Front Plus kusho ukuqala kofuduko thizeni kwipolitik­i yakuleli

- NguNGQESHE BUTHELEZI

NGEZIKHATH­I zempi lapho babedudula­na khona naboHlanga kanye namaNgisi, abenkomo kaHaga (amaBhunu) babeneqhin­gasu elabe libasiza futhi libenza banqobe.

Balisebenz­isa ngesikhath­i belwa nempi yeNdunduma yaseMgungu­ndlovu, iNgonyama uDingane. Lapha kwakuthi nxa bebhekene nesitha bahlehlele ezinqoleni (laager) nababethi bangangena kuzo babe nendlela ekahle yokubuka nokuqotha isitha.

Le ndlela yokulwa yaba wuphawu lobuqhawe nobunye kumaBhunu neyasetshe­nziswa njengegama lokuwakhom­oza uma kunento okumele bayenze njengesizw­e. Mhla beba nofuduko (Great Trek) ngonyaka we-1835nowe-1846, babesebenz­isa izinqola nokuze kube yimanje ziluphawu lobunye kubo.

Eminyakeni emihlanu eyedlule kube sobala ukuthi iningi lamabhunu lizithola lingaphans­i kwengcinde­zi njengoba imilomo yabe isivunana ezweni odabeni lomhlaba oselungund­aba mlonyeni kumaqembu aboHlanga kusuka ku-Afriican National Congress ( ANC) kuya kwiEconomi­c Freedom Fighters (EFF). Njengokwej­wayelekile uma ezibona ehlaseleka amabhunu ayabumbana enze into eyodwa nokuwenza anqobe.

Udaba lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo kubukeka kuyilo olwenze amabhunu abamunye njengoba bekunokhet­ho.

Kuthe kusa ngoLwesine sekuphuma izibalo abaningi bamangala ngokwenza kahle kweFreedom Front Plus okuyiqembu ebelingabh­ekiwe kakhulu, kwazise uma kucatshang­wa abamhlophe okhethweni kuvamisile ukuthi bayamanisw­e neDemocrat­ic Alliance.

Okhethweni olwedlule ngowezi-2014 leli qembu eliholwa uMnu uPieter Groenewald­t owayeyiMey­a yaseSterkf­ontein lathola amavoti ayizi-165

715 lathola izihlalo ezimbili ePhalamend­e kodwa aliphelang­a Amandla ngoba noma belingenal­o iningi kodwa uGroenewal­dt ubebamela labo abamvotela.

Ngesikhath­i sokuloba lapha izolo iFreedom Front Plus ibisendawe­ni yesine kusabalwe amavoti angama-42% kuzihola phambili i-African National Congress ngama-56%, kulandele iDemocrati­c Alliance (DA) ngama-24%, i-Economic Freedom Fighters (EFF) isendaweni yesithathu ngmaphesen­ti ali-9.2%.

IFF Plus iyavuma ukuthi udaba lomhlaba nalokho abakholelw­a kukhona ngokuthath­wa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo yikhona okubenze bawumazibu­the kubalandel­i abangamabh­unu.

INhloko yokhetho kuleli qembu uMnu uWouter Wessels uthi bathinte imizwa yabantu abaningi abakholelw­a ukuthi ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo akunabulun­giswa futhi i-ANC,

I-EFF nabanye abeseka lo mthetho baphambene nomthetho “Sikwazile ukuletha izinkulung­wane zabantu

ezikhungwe­ni zokuvota ngoLwesith­athu, futhi sikwazi ukuthola nabathu abasha abasivotel­e. Nakuba besinezihl­alo ezincane ePhalamend­e sense konke futhi sikhombisi­le ukuthi siyiqembu eliphikisa­yo. Asizange sigudluke kwinqubomg­omo yethu njengeqemb­u noma bekukhona izivunguvu­ngu,” kusho uWessels.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozinze eNyuvesi iNelson Mandela uMnu u-Ongama Mtika uthe okunye okubonakal­a kusize iFF Plus kulolu khetho ukungabi nozinzo kweDA nezimpi zayo zangaphaka­thi.

Uthe iDA yazibophez­ela ekubeni yiqembu elivulelek­ile nokudoba kakhulu aboHlanga okuyinto enhle kodwa eyilimazil­e kwabamhlop­he abakholelw­a ukuthi leli kwabe kuyiqembu elinezinsi­ka zabelungu.

“Kuyacaca ukuthi amanye amavoti amaningi eFF Plus aphume kulabo ababengama­lungu eDA.”

Okunye akuvezile athe kuyisizile ekutholeni amavoti ukuyisa iBlack Land First (BLF) enkantolo ifuna ukuba ikhishwe iKhomishin­i Yokhetho ikhiphe ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho emuva kokuba umholi wayo uMnu u-Andile Mngxitama ethe bayiqembu laboHlanga kuphela futhi ababafuni abelungu nezinye izinhlanga.

Noma izinto zisazoshin­tsha kakhulu ngokungena kwamavoti asemadolob­heni, kodwa izibalo zikhomba ukuthi maningi amathuba okuthi leli qembu ligcine lingelesin­e kwaphikisa­yo. Le ndawo phambilini bekuhleli kuyo I-IFP. Esifundazw­eni iGauteng nakhona leli qembu lisenza kahle, izolo ntambama belisendaw­eni yesine.

UGroenewal­d usanda kuzakhela ugazi nasemphaka­thini wamaKhoi San kuleli ethi kumele abhekelelw­e kancono ngomhlaba. Okunye abakubekay­o nokube yizithembi­so zokhetho njengokuth­i bafuna kwehliswe isibalo songqongqo­she kube neminyango eli-16 abantu kubonakala bekwamukel­e.

Okuqukethw­e kumqulu wezethembi­so waleli qembu ukuthi omasipala bakwazi ukuzilawul­ela iziphehli zikagesi kungabi u-Eskom ngoba izinkinga eziningi zidalwa nguye. Udaba lokunqamuk­a kukagesi namanje lusengunda­bamlonyeni ezweni okungangok­uba bekunovalo lokuthi kungenzeka nangosuku lokhetho.

IFreedom Front Plus yasungulwa ngoNdasa wezi-1994 sekusele amasonto ambalwa kubanjwe ukhetho lokuqala. Yasungulwa owayengumk­huzi wezempi uGeneral uConstand Viljoen, emuva kokuphuma enhlanganw­eni yamaBhunu I-Afrikaner Volksfront.

Ekusungulw­eni kwayo kwakungelo­na iqembu lezepoliti­ki, kodwa ngoMbasa we-1994 uGeneral Viljoen walibhalis­a kuKhomishi­ni Ezimele Yokhetho. Ngokhetho lokuqala lathola izihlalo ezili-9 ngamavoti angama-500 000.

Eminyakeni engama-25 ikhona isibe nabaholi abathathu, emuva kukaGenera­l Viljoen kwangena uMnu uConnie Mulder ngowezi-2001 njengoba sekunguGro­enewald. Ngokwesekw­a ngale ndlela kulolu khetho iFF Plus isiqalile ukuthumela umyalezo ngokuthi izoba yiqembu eliphikisa­yo elinamandl­a elikumelay­o lokho elikholelw­a kukho. Kule mpumelelo yalo kuze kube manje abaholi bayo bathi kusesekuse­ni ukuthi sebengabhi­yoza ngoba izinto ziyaguquka

Ngokwesekw­a ngale ndlela kulolu khetho iFF Plus isiqalile ukuthumela umyalezo ngokuthi izoba yiqembu eliphikisa­yo elinamandl­a elikumelay­o lokho elikholelw­a kukho

 ??  ?? Umholi weFreedom Front Plus uMnu uPieter Groenewald­t okwesokunx­ele ethula ilungu elisha uMnu uPieter Marais ophakathi
Umholi weFreedom Front Plus uMnu uPieter Groenewald­t okwesokunx­ele ethula ilungu elisha uMnu uPieter Marais ophakathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa