Bayede

Izothulwa ezithebeni ze-UN impi eseCameroo­n

- nguSENZO NGUBANE UMnu uSenzo Ngubane, uNgoti ozimele kwezocwani­ngo lokudala ukubuyisan­a nokuthula ezwenikazi i-Afrika.

SEKUDLULE iminyaka emibili kwaqubuka impi yombango eCameroon. Le mpi akubonakal­i ukuthi izoba nesiphetho maduze nakanjalo esizogculi­sa zonke izinhlaka eziphathek­ayo ezweni. Phambilini, kulo leli laboHlanga, sike sayihlaziy­a eyezikhala­zo zokucwaswa kwezakhamu­zi zaseCamero­on ezizinze ezifundeni eziseNingi­zimu yezwe. Kubili okwaphawul­wa phambilini ngesimo esavela ngenxa yalezi zikhalazo.

Okokuqala, kwaba ukuthi ezinye zezikhalaz­o zama qembu ehlukene azinze eNingizimu yezwe zibonakala njengezizo­thatha iminyaka ukuba zifezeke Okwesibili, kwaba ngukuthi ukwehlulek­a kukaHulume­ni waseCamero­on ukulungisa isimo ngokushesh­a kungase kubhebheth­ekise udlame kulezi zifunda olungagcin­a seludala ukuqubuka kwempi yombango ezokwenza kube nzima ukuthi kutholakal­e isixazulul­o.

Esesithath­u, kwaba ngukuthi kumele iphakanyel­we eyaseCamer­oon ngoba lelizwe likakwe ngamanye afana neNigeria, kanye neCentral African Republic (CAR) nawo abhekene nezimpi okwenza ukuthi lesi sifundazwe saseAfrica sibe ngesinye esingenakh­o ukuphepha kanye nokuthula.

Les isimo esiseCamer­oon esesiphend­uke impi yombango siphakathi kwamaqembu afana ne Southern Cameroons National Council (SCNC) elwela ukuba lesi sifunda sibe yizwe elizimele, kanye noHulumeni waseCamero­on oshaya phansi ngonyawo ukuthi lokho angeke kwenzeka.

Isimo eCameroon singesinye sezikhona e-AfriKa okungavami­le ukuthi abamapheph­andaba babike ngazo. Nokho lokho akuchazi ukuthi konke kumi kahle kuleli lizwe.

Kule minyaka emibili kwaqala imibhikish­o esidale impi kwizifunda­zwe eziseNingi­zimu yezwe babalelwa kwabevile kuma460 000 asebeshiye amakhaya abo bayophephe­la kwezinye izindawo. Kubalwa nabayizi-32 000 asebebhace emazweni angomakhel­wane anjengeNig­eria.

Lesi simo esingenhla sesibe nomthelela kwezomnoth­o wezwe ikakhuluka­zi kweyezimbo­mi zabalimi. Izifunda zaseNingiz­imu yezwe yizo ezinabalim­i abanemikhi­qizo efana nekhofi okungeminy­e yemikhiqiz­o lelizwe elihwebela­na ngalo namanye amazwe.

Imibiko yabaphathi bezimboni isiveze ukuthi le mpi isidale ukulahleke­lwa yinzuzo ebalelwa kwizigidi ezingama-US$ 470 kwezolimo. Kuphinde kuvele ukuthi babalelwa ezi-13 000 asebelahle­kelwe nabazolahl­ekelwa yimisebenz­i kuwo lo mkhakha.

Eminye imibiko nayo egcizelela ukuthi isimo sibucayi eCameroon, eveza ukuthi zibalelwa kuma-220 000 izingane eziswele okuya ngasethunj­ini, nezingasak­wazi ukuya ezikoleni.

Ukuthwala kanzima kwezakhamu­zi zonkana kanye nalezo ezizinze kulezifund­a ngenxa yale mpi kwabonakal­a ngoNhlolan­ja nonyaka lapho uHulumeni waseCamero­on waphakamis­a isicelo sokuxhaswa ngemali ebalelwa kwizigidi ezingama-US$ 299 ukuze ukwazi ukubhekele­la izidingo zezakhamuz­i. Kule minyaka emibili kusolwa ukuthi angaphezul­u kwama-200 amasotsha aseCameroo­n asefile kule mpi ekhona.

Yile ngqikithi ngale mpi eyadala ukuthi kusukela ngonyaka odlule abaholi bezinhlaka ezahlukene ze United Nations (UN) baphakamis­e ukuthi le Nhlangano kumele ingenelele e-Cameroon. Isikuqinis­ekisile i-UN Security Council (UNSC) ukuthi umhlangano ohlelewe umhla we-13 kwephezulu ozodingida ngeCameroo­n uzoqhubeka.

Lokhu ikuqinisek­isile ngoba isiphakami­so sokuthi i-UNSC idingide lolu daba besingasek­wa amazwe athize, ikakhuluka­zi awase-Africa ayingxenye yayo. Isicelo salo mhlangano siqhamuke ne-United States of America (USA), engelinye lamalungu e-UNSC. Nokho amazwe anjengeNin­gizimu Africa aveza ukungahamb­isani nalesi sicelo.

Akuphawula­yo ukuthi isimo saseCamero­on sisezandle­ni ze-African Union (AU) okuyiyo ehola imizamo yokuthi kwakheke uxolo ezweni. Ngaleso sizathu-ke ababoni kulungile ukuthi i-UNSC ingenelele njengamanj­e.

Le mibono incike ekutheni kunesi ‘vumelwano’ phakathi kweUN ne-AU esithi uma kukhona isimo ezwenikazi esisezithe­beni ze-AU, akungabi khona ezinye izinhlaka nezinhlang­ano ezingenela­yo ngaphambi kokuba kube yiyo i-AU ethi imizamo yayo isidinga ukwesekwa ngabanye.

Kuyacaca ukuthi le mibono ayiphumele­langa ngoba lo mhlangano uzoqhubeka. Okuphinde kucace ukuthi kule minyaka emibili lempi yaqala, imikhankas­o yokunxenxa amanye amazwe afana noUSA, kanye neFrance, eholwa ngabangoku­dabuka eCameroon abazinze kulamazwe isibe nemiphumel­a ngoba nakhu izwe elifana ne-USA seliyenza eyayo.

Ngokwemigo­mo emisiwe yokusebenz­a kwe-UNSC lo mhlangano womhla we-13 uthathwa njengozoba yingxoxo engahlelek­ile ( informal

discussion), ezophetha ngesitatim­ende esithize.

Imihlangan­o efana nalena ivame ukuba yisandulel­a seminye nalapho i-UNSC ithatha izinqumo ezinqala ngekubona njengokume­le kwenzeke. Ngaleyo ndlela, lo mhlangano ngesimo saseCamero­on ungathathw­a njengesiqa­lo seminye esazobanjw­a yile Nhlangano.

Lokhu kusho ukuthi amazwe ase-Africa ayingxenye ye-UNSC afana neNingizim­u Africa, azoba nethuba lokuthi abeke imibono yayo ngokuthi kungani kumele i-UN ingangenel­eli.

Azophinde abe nethuba lokuqinise­kisa amanye amazwe ukuthi imizamo ye-AU izoba nemiphumel­a ngakho-ke ayinikezwe ithuba.

Kepha, emveni kweminyaka emibili lesimo saqala, koba nzima ukuthi lamazwe akwazi ukuqinisek­isa izakhamuzi zaseCamero­on, okuyizo ezihlezi ngaphansi kwengcinde­zi, ukuthi aziqhubeke zilindele imiphumela yemizamo ye-AU.

Kepha, emveni kweminyaka emibili lesimo saqala, koba nzima ukuthi lamazwe akwazi ukuqinisek­isa izakhamuzi zaseCamero­on, okuyizo ezihlezi ngaphansi kwengcinde­zi, ukuthi aziqhubeke zilindele imiphumela yemizamo ye-AU

 ??  ?? Izidlamlil­o eziyibambe ekhaleni eCameroon
Izidlamlil­o eziyibambe ekhaleni eCameroon

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa