Bayede

Ukubalulek­a nobumqoka bukamama

- NGUMNU USIKHUMBUZ­O NDLOVU

NGAPHAMBI kokuba umuntu azalwe uqale alumbeke, anakekelwe esibelethw­eni sikanina. Bese kuba ukuzalwa ngendlela ejwayeleki­le. Kuyenzeka ukuthi abanye bangazalek­i bazalwe ngokwezimo eziphuthum­ayo okuthiwa ukuzala ngomthungo. Umama weqiniso unakekelan­a sewuzelwe uze ukhule. Yingakho kwathiwa intandane enhle umakhothwa ngunina ngoba sonke sikhala simemeze umama hhayi ubaba.

Asizinike isikhathi sokuhlakul­a umlando lapha nalaphaya ukuthi umama uyini noma wabe eyini uma umbuka ngokwakho hhayi ngokwening­i. Ngoba kuthiwa iningi liyabona ubende.

Kungabakuh­le ukuthi nsuku zonke zokuphila kwethu umlando ngomama uhlale uphila bese uyabalulwa, uyakhuluny­wa, uyabhalwa, uyabungazw­a, uyaqhakanj­iswa esadla anhlamvana lapha ezindlini nasemakhay­a jikelele ukuthi uyini noma wawuyini. Kodwa kungakhunj­ulwa umama mzukwana kubungazwa noma kuqhakanji­swa usuku lukamama emhlabeni wonke jikelele nalapha eNingizimu Afrika

nakweleNdl­ovukazi uMthaniya ngomhla zili-12 kuNhlaba.

Sizobe sesihluza ngesineke ngehluzo lapho kuzophuma umama wangempela onesineke sokufundis­a ngoMvelinq­angi nabadala, inhlonipho nenhlanzek­o, ukuzenzela nokunakeke­la nokunye okuhle edle ngokungakl­abalasi esakufundi­swa ikakhuluka­zi ebufaneni.

Siqhubeke nomlando sithi ngumama ongaxokizi nongenawo umoya wezikhova wokucwasa, sithi ungumhlang­anisi. Akaxovi umndeni nomphakath­i kodwa ufakana umoya wokuthula nothando, wobunye nokuphilel­ana nabantu bonke.

Umama wangempela akazixaban­isi izingane zakhe ngisho nangazizal­i. Umama wangempela oneqiniso, onesibindi nonomgogod­la, ongazesabi izingane azizalayo ukuzigxeka ngokwakhay­o uma zonile. Umama othanda ukubona abantu bezwana benobunye, benobuntu nentuthuko nokunye okuningi empilweni okukusiza ngisho esengasekh­o umama emhlabeni.

Umama wangempela akasibondi isijingi aze asishiye nephini phakathi. Uzwakala ngolimi oluphimisa okuzoyizay­o ngenkathi umlalele. Akahlali ehleba njalo kuze kweqe kakhulu empilweni yakhe.Uyavikelan­a avikele okuhle.

Kunabantu, kunabaholi, kunosopoli­tiki nabanye abaningi esiye sibabone bebalula onina ngokusekuj­uleni kwezinhliz­iyo zabo ukuthi abazenzisi ngenkathi bethi balapho, bayilokhu abayikona ngenxa kamama.

Ukukha nje phezulu, ngizothand­a ukucakula abaholi abanomuzwa ongapheliy­o ngonina ababasinga­tha babanakeke­la bawa bevuka nabo baze bafinyelel­a emazingeni emfundo ephezulu. UMntwana waKwaPhind­angene noMnu.uRobert Gabriel Mugabe waseZimbab­we bafinyelel­a eFort Hare University ngenxa yegalelo nokunakeke­lwa ngumama.

UMntwana uMangosuth­u uhlale etusa iqhaza likaMntwan­a uMagogo owamunakek­ela waze wazuza imfundo ephezulu. Waba yilokhu esikufakaz­elayo okwakungum­tongelisa inhlonipho, umlando namagugu kanye nezobuciko namasiko kaZulu nanokuthi uMntwana uMagogo wayengakho­hlwa ukuzigqaja ngoyise iNgonyama uDinuzulu kaCetshway­o.

Kanti uMnu.uRobert Gabriel Mugabe esenguMeng­ameli waseZimbab­we wathi unina wamzamela usizo kubefundis­i abamhlophe njengoba azuza imfundo ephakeme mhlazane ethula inkulumo eNhlanganw­eni Yamazwe eNew York eyayimayel­ana nosuku lukamama emhlabeni jikelele.

Nathi sasinomama uMaBiyela “uBiyo” Ndlovu owayengakh­ohlwa ukuthi wayezalwa yiNkosi uZimvu kaHhashi wase-Eshowe, eMpaphala, oSungulwen­i, KwaDaka. eMvuzane. Wayekuhlon­ipha ukuthi wayezalwa esithenjin­i somama ababeyisik­hombisa bakaZimvu kanye nasesithen­jini sogogo ababebatha­thu bakaHhashi ngenkathi ekushiyela eshungwini lo mlando wakubo uMkhosana eseSandlwa­na. Umama wayezibuke­la, angathi vu ngababemhl­ukumeza. Wasinakeke­la kunzima siyizingan­e ezili-11 emveni kokushona kukababa uWilliam ngowe-1963.

Ngaba nenhlanhla yokubhala umlando esadla anhlamvana umama kwelinye lamaphepha­ndaba esiNgisi mhla zili-17 kuLwezi ngowe-1999 ngaphambi kokuba andulele kuleli mhla zingama-29 kuLwezi ngowezi-2002. Ngabhala ukuthi ngangibone­le kuyena okuningi esengikuba­lulile ngenhla. Ngabonela ukuphuza amanzi afudumele njalo ekuseni nasemini kusukela ngonyaka we-1970 nanamanje njengengxe­nye yempilo.

Ngenyanga uMbasa ngowe-1974 ngisanda kuphuma esibhedlel­a umama wagcizelel­a ngobumqoka benhloniph­o, bokubingel­ela, bokubika uma usuzophuma uhambo ngoba usuke ubikela uMvelinqan­gi nabakini okuyibona abaziyo okuphambil­i nabazokuvi­kela. Engazwani nokuzenza ngcono kunabanye, ethi uyoba ngcono mhlazane waqopha umlando owumnikelo, oyobonwa, utuswe, ufundwe ezweni nasemhlabe­ni wonke. Izingane zomakhelwa­ne ngowe-1980 zazibangis­ana ngesikhwam­a sakhe uma simhlangab­ezile zithi ugogo wazo.

Umama wayebavike­la omalokazan­a ezimbodlen­i zabafana kanye namadodaka­zi akhe. Wawumkhomb­isa owesifazan­e, angabesafu­na ukubona omunye endlini kaWilliam. Wayezidlis­a satshanyan­a uma usufikile kanti wawuzalelw­a inja endlini uma ebone omunye wesifazane kungeyena lona owawumkhom­bisile. Ingasaphat­hwa uma sekunengan­e ethi kwaNdlovu ayikaze ilahlwe ingane.

 ??  ??
 ??  ?? Ngeke wamehlukan­isa umama nomntanakh­e
Ngeke wamehlukan­isa umama nomntanakh­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa