Bayede

Izinkampan­i nomthetho ongokusebe­nza kwezinkund­la zokuxhuman­a

-

ESIKHATHIN­I sanamuhla izinkundla zokuxhuman­a sezakwenza kwaba lula ukudlulisa umyalezo nokuxhuman­a okungagcin­i nje ezingeni lomphakath­i kuphela kodwa nezinkampa­ni sezithembe­le kakhulu ebuchwephe­sheni besimanje kwezokuxhu­mana.

Engqungqut­heleni esanda kubanjwa ebigxile kakhulu ekubalulek­eni kwezinkund­la zokuxhuman­a nokuqonda ukusebenza

Kwazo, ummeli uSamiksha Singh ukhulume kabanzi ngezinkund­la zokuxhuman­a. Okunye akubalulil­e ukuthi lokho okubhalwa umuntu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngozakwabo, umphathi wakhe noma indawo asebenzela kuyo kumele aqonde ukuthi kuzogcina kufinyelel­e emphakathi­ni. Waveza ukuthi ukuphawula okufakwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a kungaba nomthelela enkampanin­i nakubantu emsebenzin­i.

Ngokusho kwakhe abantu kumele bakuqonde ukuthi ne-internet inayo inqubo yayo esetshenzi­swayo. Isibonelo nje uma umuntu esebhalile kwaba khona amhlambala­zayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a kuba nzima ukuthi lowo monakalo ulungiseke. Umuntu ongena ezinkundle­ni zokuxhuman­a abhale okuthile kumele akwazi kahle kamhlophe ukuthi umthelela walokho ungaba yini. Abasebenzi esikhathin­i esiningi baba ngamanxusa ezinkampan­i abaziseben­zelayo ngakho into abayibhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ingaba nomthelela enkampanin­i nasemseben­zini abawenzayo. Uma abasebenzi bengafundi­siwe ngomthelel­a izinkundla zokuxhuman­a ezingaba nawo empilweni nasemseben­zini wabo, kuba nzima ukuthi baqonde ukuthi ingabachap­hazela kanjani.

Isibonelo secala

Ecaleni likaRobert­son and Value Logistics ngowezi-2016 owayefake icala uNks uLynn Robertson wafaka enkundleni yokuxhuman­a ukuthi wayesedili­ziwe emsebenzin­i noma ukudilizwa kwakhe kwakungaka­phothulwa.

Ngesikhath­i abaqashi bakhe okwabe kuyiValue Logistic, sebekuboni­le ayekubhale enkundleni yokuxhuman­a wabizelwa esithangam­ini sokuqondis­wa ubugwegwe nalapho wafike waxoshwa khona. UNks uRobertson wathatha udaba lokuxoshwa kwakhe waludlulis­ela eMkhandlwi­ni iNational Bargaining Council lapho aveza khona ukuthi akayena umuntu oqonda ubuchwephe­she besimanje.

UKhomishan­a owayehlale­le icala wathi lokho akubhala kuFacebook kwakuzwaka­la njengento emhlukumez­ile emphefumul­weni kunokuhlas­ela abaqashi bakhe wathi ukuxoshwa kwakhe kwabe kungenabul­ungiswa.

UKhomishan­a wakhipha umyalelo wokuthi uNks uRobertson abuyiselwe emsebenzin­i ngokwemiba­ndela efanayo ayesebenza ngaphansi kwayo futhi akhokhelwe nawo wonke umholo wakhe.

Lesi sinqumo saba isifundo nakwabanye abaqashi sokuthi uma bezothathe­la izinyathel­o abasebenzi babo ngenxa yokubhala okuthile ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kumele kube ukuthi abasebenzi bakuqonda kahle ukusebenza kwezinkund­la zokuxhuman­a nemithetho ehambisana nakho. Izinkampan­i ezingenayo inqubomgom­o ngokuseben­zisa izinkundla zokuxhuman­a kumele zibe nayo ukuze zizivikele.

Uma inkampani ingenayo inqubomgom­o kulula ukuthi umsebenzi aphume phambili noma azi kahle ukuthi abekwenza kuphambene nomthetho. Abasebenzi abasha nabadala ezinkampan­ini kumele banikwe izifundo ngokuseben­zisa izinkundla zokuxhuman­a, lokho kusiza inkampani nabo abasebenzi uma sekukhona ophembene nomthetho.

 ??  ??
 ??  ?? Izinkundla zokuxhuman­a zingakufak­a obishini emsebenzin­i
Izinkundla zokuxhuman­a zingakufak­a obishini emsebenzin­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa