Bayede

IMpi yowe-1906 yayifaka shi neNgonyama uDinuzulu

- Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando WaMakhosi Esifundazw­eni saKwaZulu, Umqulu 1. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma

BANINGI kakhulu empini yabashokob­ezi eNkandla abathi akulwelwe ukufa nokuphila ukuze kuzokhulul­eka iNgonyama uDinuzulu. Kwathi iMpi isibambene eNkandla ngoNhlaba we-1906, uBhambatha noMangati baphikelel­a kuDinuzulu beyozwisis­a mayelana nokuziband­akanya kwakhe nempi yabashokob­ezi.

INgonyama yathi yabe ingakalikh­iphi elokuthi uZulu akathathe izihlangu. Banikezwa ukudla nguNdunank­ulu uMankuluma­na neSekela lakhe uMgwaqo Nxumalo, baphindela eMome emadlangal­eni empi yabo. Ngenxa yokuthi lolu daba lokuhambel­a kukaBhamba­tha noMangati lwaluyisif­uba ngisho uHarriette Colenso akazange aziswe ngalo.

Isifuba sokubonana neNgonyama uDinuzulu sadalulwa nguMangati kaGodide kaNdlela kaSoMpisi Ntuli owabe eyiNdluyen­gwe ibutho lakhe. Wabanjwa waboshwa ngoLwezi we

1907

ngemuva kokubaleka eMome nabanye abaholi babashokob­ezi.

Ukubonana kweNgonyam­a uDinuzulu uBhambatha benoMangat­i kaGodide Ntuli yikhona okwenza ukuba iNgonyama igwetshwe ngoba umehluleli owayepheth­e icala wathi yayinikeze abashokobe­zi ukudla ukuze bazothola amandla okuketula uHulumeni nanokuthi yayibhacis­e uSiyekiwe umkaBhamba­tha oSuthu nezingane ezazinemin­yaka eli-14 neli-17 ubudala. Yagwetshwa iminyaka emine.

AmaZulu ayeqotho eyihloniph­a futhi eyivikela iNgonyama yawo. Kwala ngisho uHulumeni esebonisan­a neNgonyama uDinuzulu ukuthi uNdunankul­u uMankuluma­na kaSomaphun­ga Ndwandwe ayokhuluma nabashokob­ezi eNkandla, abatshele ukuthi iNgonyama yayiphambe­ne nokuthi kuliwe, abashokobe­zi benqaba ukukhuluma noMankulum­ana bethi abasiboni isidingo

sokufaka iNgonyama uDinuzulu kule mpi yabo nabelungu. Ngakhoke uMankuluma­na waphindela oSuthu engazange ahlangane nabaholi babashokob­ezi ababehola impi. Babazi ukuthi ukusebenzi­sa kwabo igama leNgonyama kwakuzoyih­olela amanzi ngomsele.

Isizathu sesine esadunga ubudlelwan­o phakathi kwamaZulu noHulumeni wamaNgisi aseNatali ngesokubal­wa kwabantu okwakuqala ngqa ukwenziwa nokuyinto amaZulu ayengakaze ayizwe nayisola ukuthi yayiqonde ukukhuphul­a izintela ezazikhokh­wa kuHulumeni. ubalwa kwabantu kokuqala ngqa nguHulumen­i waseNatali ngowe-1904 kwadala omkhulu umsindo nezinxushu­nxushu eduze kwaseGreyt­own amaZulu ethi ukubalwa lokhu kwakuyisu lokukhuphu­la intela yezindlu nokunye. Izinxushun­xushu emhlanganw­eni owawubanjw­e yiMantshi uJ Cross zaholela ekudingisw­eni kweNkosi

uNjengaban­tu kaSobhuza Ngubane emaBomvini. Wadingisel­wa esizweni seNkosi uMshweshwe Cele. Amadoda esizwe amabili uQwaletshe­ni Ngubane noPhikani Ngubane adingiselw­a emaNgwanen­i eBergville.

Okwesihlan­u, khona eduze kwaseGreyt­own esizweni seNkosi uBhambatha kaMancinza kwakungekh­o ukuthula kwazise ngemuva kweMpi yamaBhunu namaNgisi (1899-1902), abelungu bamapulazi bacola indawo yesizwe sakwaZondi enkulu.

Ngenxa yokuthi iNkosi uBhambatha wayephambe­ne nalokhu kanye nokuphoqa isizwe ukuthi sikhokhe uKhandampo­ndo, wayephuma engena ejele laseGreyto­wn ethathwa njengephek­ulazikhuni.

Abantu besizwe sakhe abaningi base besebenza njengezigq­ila emapulazin­i behlwempu kodwa yena ephoqwa ukuba kube nguye okwakuding­eke abalawule abenze bakhokhe izintela zikaHulume­ni.

Ngakho-ke wonke uZulu wayecindez­elwe kanye neNgonyama yakhe uDinuzulu kaCetshway­o. Ukubheduka kwempi noHulumeni wedlanzana labelungu kwakungenz­eka noma nini.

Ngamakholw­a esizwe seNkosi Mveli Ngcobo adumelana namaphoyis­a abelungu eByrnetown, eduze kwaseRichm­ond mhla ziyisi-7/8 kuNhlolanj­a we-1906. Kuleso siwombe kwabulawa amaphoyisa abelungu amabili, uS. Hunt noG. Armstrong.

Ngenkathi kubusa uHulumeni waseNatali uma nje owoHlanga eke wabulala umlungu kwakwaziwa ukuthi lowo muntu naye wayezobula­wa nezihlobo zakhe zibe sengcuphen­i yokulengel­a engozini.

Ngakho-ke mhla zili-10 kuNhlolanj­a we-1906, uHulumeni washaya umthetho wesimo esibucayi wokuthi iKoloni yaseNatali iphathwe ngamasotsh­a ayebandaka­nya iNatal Carbineers, Natal Field Artillery, iNatal Royal Regiment neBorder Mounted Rifles namaZulu ayengamamb­uka ngaphansi koholo lukaKhenel­a Duncan McKenzie. La masotsha abuthwa mhla ziyisi-9 kuNhlolanj­a we-1906.

Amanye amasotsha ayengawase­Ngilandi engaphansi kukaVice-Admiral uSir John Durnford atheleka ngomkhumbi wezempi yamaNgisi wankanisa esikhumulw­eni namasotsha eThekwini yaze yaphela iMpi Yamakhanda.

NoMkhuzi wawo wonke amasotsha empi yaseNgilan­di eNingizimu Afrika, uLt-Jenene Sir Henry Hildyad (General Officer Commanding-in¬Chief), wathumela ibutho elalaziwa nge-2nd Battalion of Cameron Highlander­s lisuka ePitoli lankanisa ePietermar­itzburg kwaze kwaphela iMpi Yamakhanda.

Konke lokhu uMbusi wamaNgisi ePietermar­itzburg uHenry McCallum wathi kwakunguku­thumela umbiko kumaZulu wokuthi abelungu babeyimbum­ba bezimisele ngokuwanqo­ba

 ??  ??
 ??  ?? USOL UJABULANI MAPHALALA
USOL UJABULANI MAPHALALA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa