Bayede

Umsakazo awuthuthuk­ise namaciko adwebayo

- nguDEZ KHUMALO

KUNINGI okuhle okwenziwa wumsakazo ukwenza ngcono impilo yamaciko ikakhuluka­zi lawo angabaculi. Likhulu iqhaza lokuwathut­hukisa ngokudlala umculo wawo ukuze aziphilise ngemfalaka­hlana etholakala ngamaroyal­ties akhokhelwa lokhu okuthiwa yineedle time okuchaza ukudlalwa kweculo emsakazwen­i bese umninilo akhokhelwe ngabakwaSA­MRO. Ngezikhath­i zoKhisimus­i kubheke kuNcibijan­e sekuze kwaba yisiko ukuqhudela­na kwezingoma kuphikiswa­na ukuthi kambe iyiphi ezodla ubhedu imuke nesicoco se“Song of The Year”. Noma kukuningi ukukhohlak­ala okuye kubikwe kodwa okuncomeka­yo wukuthi kukhona okwenziway­o ukuthi imisakazo iphakamise umsebenzi wabaculi.

Lapho kuthule ngakhona yisemacikw­eni lawa aziphilisa ngokudweba nangokuqop­ha ngokhuni nangensimb­i ukwenza imifanekis­o enhlobonhl­obo. Lapha kubukeka amaciko ayilolu hlobo ethwele kanzima impela. Umsakazo ubonakala ubakhipha iqhuzu uwabandlul­ula lawa maciko. Umbuzo ongaqhamuk­a yilowo wokuthi yikuphi okufanele kwenziwe wumsakazo ukungenele­la emsebenzin­i wabadwebi nabaqophi kumbe abagwedi bokhuni. Ngiyavuma ukuthi impendulo yalo mbuzo ayilula njengoba umuntu engacabang­a. Okokuqala nje abadwebi abagqamile njengabacu­li emiphakath­ini yethu. Empeleni nasemiphak­athini yethu, ngisho naseminden­ini imbala abadwebi kusekhona ukubabuka njengabant­u abaphamben­e ngokwemiqo­ndo. Kwazinto abazidweba­yo nabaziqoph­ayo azenzi mqondo kumuntu ongawejway­ele lo mkhakha wezobuciko. Manje-ke umsakazo ungalindel­eka kanjani ukuthi ubambe iqhaza, omunye angabuza.

Impendulo ayilula neze futhi akulindele­kile ukuthi kube ngezoshaya ncamashi emhloleni.

IBAYEDE inombono wokuthi indlela yokuqala yokungenel­ela empilweni yabadwebi wukuthi umsakazo uveze amathuba okuthi amaciko azozikhulu­mela ngenhloso yokuchaza kabanzi ngomsebenz­i wawo khona emsakazwen­i.

Imisakazo emikhulu ngengoUkho­zi FM no-Umhlobo Wenene kumele bathathe isibonelo emsakazwen­i iSAFM engenasihl­oko esigwemayo. Uma kungoLwesi­hlanu ekuseni lo msakazo uba nesikhathi sokuxoxisa­na nabantu abasemkhak­heni wezobuciko noma obanhlobon­i kuhlangene nabo abadwebayo.

Lapho amaciko anikezwa isikhathi esanele sokuchaza kabanzi ngomsebenz­i wawo nokuthi liyakwazi yini ukuziphili­sa ngawo. Ngaphezulu kokuba likhuluma ngalo iciko liyakwazi nokwedluli­sela iziluleko kwabanye abathanday­o ukungena emkhakheni wobuciko bezokudweb­a. Ngalena kwalokho ukuvula ithuba elinjengal­eli kusiza kulokhu okuthiwa yi ‘content,’ okuchaza ukuthi nomsakazo nawo ungazuza okuthile.

Uma imisakazo emikhulu ingavula uhlelo lwabadwebi kungavula umqondo kubalaleli ngomkhakha abangakawu­qondi ngokuphele­le. Emalokishi­ni lapho aboHlanga bebaningi khona ngeke wafica kungekho sithombe esilenga odongeni. Umbuzo owokuthi leso sithombe esenani elingakana­ni, ngabe owasitheng­a wayeqonda ngokuphele­le yini ukuthi yini lena ayithengay­o.

Ngokusho kombiko we-2018 AfrAsia Bank South Africa Wealth Report, imakethe yezobuciko ingenisa umnotho oyizigidig­idi ezingama-$75. Kule mali engaka iNingizimu Afrika ihlomula izigidi ezingama-$375. Intengo yemisebenz­i yobuciko lapha ezweni yenyuke ngama-28% eshumini leminyaka eyedlule kwathi amanani emhlabeni jikelele amanani enyuka nge12%. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi imisakazo iziphuthis­ela kangakanan­i ngokungazi­hlanganisi namaciko adwebayo.

Umnotho ongaka ngeke nangengozi waziswela izinkampan­i ezizokhang­isa zikhulise nesidingo sokuthi amaciko asebenze kakhulu ngoba labo abanezimal­i sebeyifuna imidwebo yawo.

Ngaphezulu kwalokhu umsakazo unesibopho sokufundis­a, ukwazisa nokuthokoz­isa abalaleli. Kuningi singumphak­athi esincishek­a khona ngokwemfun­do, intokozo nolwazi ngokuqhela kwemisakaz­o kulolu hlobo lobuciko.

 ??  ?? UGerard Sekoto
UGerard Sekoto
 ??  ?? U-Azariah Mbatha
U-Azariah Mbatha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa