Bayede

Umculo wengcwenga iBaroque 2000 usondezwa kubantu

- NguDEZ KHUMALO

IBAROQUE 2000, okuyiqembu lomculo wengcwenga lizobe lidlalela izihlwele iSurprise Symphony kaJoseph Haydn neFlute Concerto kaJohn Sebastian Bach izobe ibukhoma namuhla ngele-11 laphaya eMariannhi­ll Monastery.

Umculo walolu hlobo awuqali ukuza eMariannhi­ll Monastery. Kwenzekile nangonyaka wezi2015. Lokhu kuyisinyat­helo esihle esithathwe ngabasezin­hlelweni zomculo eMariannhi­ll.

Kuyindlela yokulethel­a abathandi bomculo injabulo besemakhay­a. Kuzokhumbu­leka ukuthi ziningi izindawo ezakhele leli khaya lezenkolo iMariannhi­ll.

Kunezindaw­o zaboHlanga ezifana neTshelimn­yama, iDassenhoe­k, iMariannhi­ll Park, kwaNdengez­i neSt Wendolins. Lezi zindawo zinabathan­di bomculo wengcwenga kodwa abakhutsha­zwa wukuthi umculo onjengalon­a ubanjelwa ezindaweni ezifana noThe Playhouse nakoSneddo­n Theatre eziqhelile futhi okumba eqolo ngokwemali yokugibela ukuya kuzo.

Abagqugquz­eli bomculo eMariannhi­ll badinga ukukhuthaz­wa ukuletha imisebenzi enjengalon­a emalokishi­ni. Lokhu kungavumbu­lula amakhono amasha kubantwana nasentshen­i eyakhele lezi zindawo.

Abathandi bomculo wengcwenga bayozibusi­sa ngomculo kaJohn Sebastian Bach iConcerto no 1 nokaHandel iWater Music. Lo mculo uzobe uphelezelw­a yiSinfonia A 3 In C-Tucaria ngoJJ Fux.

Umsebenzi ozokwethul­wa lapha yiTorelli Trumpet Concerto in D ngesoloist uMichel Schneuwly. Kukhona neConcerto kaVivaldi in G Minor RV 157 neConcerti Grossi kaCorelli, uMascitti no-Alessandro Scarlatti.

Uhlelo oluqala ngele-11.30 luhlangani­se eminye imisebenzi emibili emikhulu okuyiConce­rto A 4 “II pianto d’ Arianna” Op7 No.6 ne-Introduzio­neOp4 No.1, neCastrucc­i’s Concerto Grosso Op3 No.6.

Umculi ozobe ehamba phambili wuDkt uBridgette Rennie-Salonen oyodlala iFlute in D Minor kaKarl Philipp Emmanuel Bach. Ikhonsathi liyovalwa ngeSymphon­y No 94 kaJoseph Hadyn.

IBaroque 2000 iyobe iwethula ngendlela yawo ethe phecelezi lo msebenzi kaHadyn nokwethenj­wa ukuthi abayobe behambele umculo bayokuthok­ozela.

Amathikith­i azotholaka­la emnyango abiza i-R150 lilinye. Kuzobe kudayiswa ikhofi ngaphandle kwesonto. Ngeminingw­ane thintana noMichel ku-0823035241 noma kusursouth@i-africa.com.

 ??  ?? USimon Milliken
USimon Milliken
 ??  ?? UDkt uBridget Rennie-Salonen
UDkt uBridget Rennie-Salonen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa