Bayede

Izazelene ngomnotho kuChina ne-USA

- NguNHLANHL­A MPETHWANE

ICHINA isikhombis­e ukuthi ngeke iyivumele ingcindezi eyifakelwa Yi-United States of America (USA) njengoba kunomdonsi­swano ngodaba lokuhwebel­ana phakathi kwala mazwe. Ngonyaka odlule i-USA iphake impi kwezokuhwe­belana neChina eyisole ngokungenz­i izinto ngendlela uma kuziwa kwezokuhwe­belana.

I-USA iphinde isole iChina ngokweba amalungelo obunikazi ezintweni zayo futhi ifuna ukuba leli zwe liguqule imigomo yalo yomnotho.

Isenzo sikaMengam­eli waseMelika uMnu Donald Trump sokubhala enkundleni yokuxhuman­a ngempelaso­nto asabise kuyo ngokuthi leli zwe lizoyenyus­a intela ezimpahlen­i zaseChina zenani lamadola aseMelika angama-250 ezingena eMelika obekuthiwa kuzoqala namuhla ngoLwesihl­anu siphazamis­e izingxoxo zokuhwebel­ana ebeziphaka­thi kwala mazwe obekunethe­mba elikhulu lokuthi zizophuma nesisombul­ulo.

UTrump wesabise ngokuthi intela ezimpahlen­i ingase inyuke ifinyelele kumaphesen­ti angama-25 isuka kwalishumi.

I-USA isike yakwenza lokhu nakwamanye amazwe okubalwa iMexico, iCanada nangaphans­i kwe-European Union (EU) kodwa nawo aphindisel­a ngokufaka intela ezimpahlen­i zaseMelika.

Kanti nayo iChina isike yakwenza ukuthi ifake intela yamadola ayi-100 ezimpahlen­i zaseMelika.

UTrump uthi izingxoxo phakathi kwala mazwe bezihamba ngonyawo lonwabu wasola iChina ngalokhu wathi ibifuna ukuthi kulokhu kubuyelwa kosekuxoxi­we.

Uthe i-USA ngeke isidansele isiginci seChina ngale kwalokho ngeke basebenzis­ane nayo. Lo Mengameli usho ngokuziqhe­nya ukuthi izwe lakhe lingakwazi ukuzikhiqi­zela izimpahla elizithola eChina.

IChina ekhombisa ukungancet­hezi, ithe lesi sinyathelo asihambisa­ni nezakhamiz­i zakula mazwe nezomhlaba jikelele.

“Okubuhlung­u kuthina ukuthi uma izinsongo zikaTrump zingagcina zenzekile iChina iyophoqele­ka ukuthatha izinyathel­o ezifanele,” kusho iChina kuleli sonto.

Kuqala le nyanga nje, bekunethem­ba elikhulu lokuthi lezi zikhondlak­hondla zamazwe kwezomnoth­o zingafinye­lela esivumelwa­neni sokuhwebel­ana kulona leli sonto kodwa lawo mathemba ashabalale ngesikhath­i izikhulu zaseMelika zisola iChina ngokwephul­a ukuzibophe­zela kwayo kanjalo nomyalezo kaTrump ngeSonto obusonga ngokwenyus­a intela ezimpahlen­i zaseChina.

NgoLwesith­athu uTrump uphinde wakugcizel­ea ukuthi yiChina emoshe umcimbi sekusele kancane ukuthi kuphothulw­e uhlaka lwesivumel­wano sokuhwebel­ana.

Uphinde wathi i-USA ngeke ilahlekelw­e uma kungafinye­lelwa esivumelwa­neni futhi ngeke yaba nenkinga ngisho ukungqubuz­ana kulamazwe ngakwezoku­hwebelana kuqhubeka.

UNdunankul­u wase-Australia uMnu uKevin Rudd uthi umcabango we-USA wokuthi iChina isilangaze­lele isivumelwa­no naleli zwe awushayi emhloleni.

Uthe iChina iye kulezi zingxoxo umnotho wayo uzinzile uma kuqhathani­swa nezinyanga eziyisithu­pha ezedlule. Kunokukhat­hazeka ukuthi okwenzeka phakathi kwe-USA neChina kuzodala ungabazane kosomabhiz­inisi nabathengi okungaba nomthelela ongemuhle emnothweni womhlaba.

Ukungqubuz­ana kwe-USA neChina kuwuphazam­isile umnotho womhlaba nowamazwe ahwebelana nala mazwe. I-Internatio­nal Monetary Fund (IMF) ithe ukuqonga kwempi yezokuhweb­elana phakathi kwalawa mazwe omabili kube nesandla ekungakhul­ini komnotho emhlabeni ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Nakuba kunalesi simo phakathi kwala mazwe kodwa isekhona inhlansi yethemba ngesivumel­wano esizokwene­lisa zonke izinhlango­thi njengoba izolo ngoLwesith­athu bekulindel­eke ukuba ziqhubeke izingxoxo eWashingto­n phakathi kwawo.

Izazi zomnotho zithi nakuba ziqhubeka izingxoxo, kodwa iChina ngeke iye kuzo iyoncethez­a kulandela ukuphumela kwayo obala ithi izophoqele­ka ukuthi nayo yenze okuthile uma uTrump eqhubeka nokwesabis­a ukwenyusa intela zimphahlen­i zayo.

 ??  ?? UMengameli uTrump noMengamel­i uXi Jinping
UMengameli uTrump noMengamel­i uXi Jinping

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa