Bayede

Imfuyo ibalulekil­e kuZuku kubeNguni nakuma-Afrika jikelele

- NGUMNU UMBUSO KHOZA

PHILANI nina beNkone! Awu ake sikhuzeni bo nakhu sesaphuza nezibhidi nethombonk­ala asisacweng­i. Impela sesiphendu­ke izidindi zokucentwa. Ekufikeni kwempucuko sibe neshwa lokufela ngamathe iziko saze satshatsha­zela nezikhonkw­ane zethu imbala. Umuntu ozinsuluge ngezidwedw­e waze wazibopha ngontanjan­a entanyeni ubizwa ngencwasim­ende bese kuthi lowo ozivunulel­e abizwe ngeqaba. Angiyiphat­hike eyomuntu owelusa izinkomo kuthiwa uneququ lobulongwe, kuchaphana yona njalo indlu ensundu, aboHlanga.

Empeleni ubungemkhu­lu umehluko obungenzek­a ukuba izingane zethu zifundisek­ile ngokubalul­eka kwemfuyo. Ubona le minqolo ehamba ngezimoto ezingomasu­za aqhume ziqonywa kangaka nje yingoba izingane zethu azihlonyis­iwe ngolwazi lwembalule­ko yemfuyo. Zize zigijimise izimoto nje ngoba sesathengi­sa ngobuzibul­o bethu ngenxa yenjabulo yesikhasha­na esingayiqo­ndi futhi imvelaphi yayo. Isibaya sisodwa nje ekhaya siluphawu lomnotho kanye nesiguqo nethempeli lomuzi.

Kusuke kuwumhlola noma isiga uma uzwa kuthiwa izimeshe zigule zafa zonke, ngakho-ke ngeke sacasha ngokufa nokwebiwa kwazo.

Akuvuselel­we uthando lwemfuyo bese kuhlangani­swa amaqhingas­u okumelana nezifo ezikhonkob­alisayo. Inkece yinhle yona kodwa ayanele ngoba imfuyo ibuyisela amandla iqholo nobuqhawe kowoHlanga. Uma ungake ulalele amahubo esizwe nawezibong­o uzosizwa lesi sikhalo ngezinkomo lapho kuthiwa ‘uNdaba angazidla izwe lonke izinkomo zamadoda’.

Imfuyo ipha umuntu ithuba lokufunda ukunakekel­a.

Yingakho kudala umfana wayelusa bese kuthi uma esekulunge­le ukuganwa anikwe inkomo ebizwa ngesisinga. Lokhu kwakumkhut­haza ukuba afunde ukuphemba imfuyo, kube kuyisibusi­so esivela kuyise. Endulo wayehlonis­hwa umuntu onesibaya esiminyene kodwa namhlanje kuhlonishw­a ohamba ngethuna, ngisho bona omasuza aqhume abasishiya sizigoga nezinqekle. Ekubeni inkomo iwungilond­e kusukela ugcagcelwa umakoti uqhoyiswa ngayo noma esekhehlwa. Ngisho unecece ekhaya, noma usuphangal­ele ufihlwa ngayo, noma ngabe usukhushul­wa kusetshenz­iswa yona.

Angiqonde kufaka mbonqa kuleli cansi sekuphele lona ikhwani kwazise lomisile kulezi zinsuku. Ake ngiqhubeke nezihemfu zakithi Eshowe, khumu Ndlu yakwethu ayixabene MAKWANDE!!!!

 ??  ?? Umkhapheya­na ukwazi ukuphemba ngesisinga aze ashaye amabheka
Umkhapheya­na ukwazi ukuphemba ngesisinga aze ashaye amabheka
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa