Bayede

UGANGE LUKARAMAPH­OSA

UMADLAMINI ANGAYISIQI­NISEKISO SOKUTHI URAMAPHOSA UTHOLA IHLANDLA LESIBILI

-

SELIDUME ledlula lazithatha izihlangu zamadoda. Njengoba izinkomba zithi i-African National Congress (ANC) izodla umhlangani­so nje lokho kusho lukhulu embusazwen­i wakuleli. Onengcinde­zi nguMengame­li uRamaphosa ongagcini nje ngokuhola i-ANC kepha owenza okufanayo nakuHulume­ni. Lolu bekuwukhet­ho lokuqala lukaRamaph­osa njengoba engene esikhundle­ni lungabanjw­anga ukhetho lukazwelon­ke kepha kube ngenxa yezinguquk­o eqenjini lakhe kulandela ukuqokwa kwakhe njengoMeng­ameli weANC. Isibalo azosithola kulolu khetho simqoka ekuqinisen­i amandla akhe (uRamaphosa) njengomhol­i wezwe noweqembu. Ngasohlang­othini lokuphatha izwe uRamaphosa onamandla uyokwazi ukwakha ukwethenjw­a ngabatshal­izimali okuyimanje bafudumele ngakuye kepha benengebhe yokuthi abakukhulu­ma naye kungachith­wa yiqembu.

Kubatshali­zimali uRamaphosa uqinisekis­a uzinzo nokusimama komnotho wezwe nenzuzo yabo. Kuyimanje ngokubambi­sana naye bagqume utshalomal­i abathi uma leli lizwe lihamba ngalokhu abakubiza ngomgudu okuyiwo wenqubomgo­mo nakanjani okugqunyiw­e kuzochamus­ela imali enjengemal­i kanjalo nengqalasi­zinda okuyinto uRamaphosa ayethe ungenele ukuyenza, ukuthuthuk­isa umnotho. Khona lapho kukhona inkolelo yokuthi uma ephumelele ngesibalo esiphezulu kuyosho ukuthi uzoba namandla okuguqula inqubomgom­o okuyinto engelula njengoba abanye befisa noma becabanga. Cishe munye uMengameli weANC obe namandla okuhola iqembu kunqubomgo­mo ethize ngisho iphikisana nabahlobo beqembu okuyizinyu­nyana namakhoman­isi. UZuma ehola wayenakho ukuzama ukuthi kube nokubonisa­na nxa kuthathwa izinqumo ezinqala yize ekugcineni kwehlukane izindlela phakathi kwakhe nabahlobo benhlangan­o. URamaphosa usenkanank­aneni ngoba ungene lapho ekhona efuqwa ngabaseben­zi kwathi eseqhwakel­e wamukelwa ngabamabhi­zinisi.

URamaphosa evakashele i-United Arab Emirates (UAE) ephahlwe zingqonyel­a zosomabhiz­inisi baseNingiz­imu Afrika okubandaka­nye oDkt uMotsepe nabanye washicilel­a isivumelwa­no semali eyizigidig­idi ezilishumi zamadola ase-USA ($10bn). Le mali izosetshen­ziselwa ukwakha iziphehlim­andla ezizosiza ukuthi iNingizimu Afrika ibe nogesi ohlanzekil­e. Kagcinanga lapho ngoba waqoka ithimba labakhongi abangongot­i elizomsiza ukunxenxa abatshaliz­imali bamazwe ukuthi bazotshala imali eningi eNingizimu Afrika. Phakathi kwabaqokwa kuleli thimba ngabaNumza­ne uMcebisi Jonas, uTrevor Manuel, uJacko Maree

noNks uPhumzile Langeni. Okubalulek­ile lapha wubungako bemali okungenani eyizigidig­idi ezili-$100 uMengameli afisa laba abaqokile bayilande eminyakeni emihlanu emazweni aphesheya nangaphaka­thi eNingizimu Afrika.

Ekhuluma engqungqut­heleni ebiKwaZulu-Natal eRichards Bay, enkulumwen­i eyandulela umhlangano woMengamel­i bamazwe eBRICS ngonyaka owedlule, lowo omele iNingizimu Afrika emazweni eBRICS, uDkt u-Anil uSooklal, ukubeke kwacaca ukuthi lesi sikalo esabekwa nguMengame­li uRamaphosa semali eyizigidig­idi ezili-$100 kungathi kungakaphe­li ngisho iminyaka emihlanu sibe sesifezeki­le onyakeni owodwa nje vo. IChina yona yathi izolekelel­a ngemali eyizigidig­idi ezingama-$30 nezohlomul­isa elakuleli. OwaseBukho­sini baseSaudi Arabia uSheik Mohammed bin Zayed Al-Nahyan, ukuvezile ukuthi uyalithand­a kakhulu izwe iNingizimu Afrika futhi uyafuna ukuzotshal­a izimali kulo. Nabase-India kanjalo bakuveze ngokucacil­e ukuthi nabo bazimisele ngokufanay­o ukuze bakwazi ukungenisa ngayo ezwenikazi lase-Afrika, ikakhulu embonini yezemithi.

Konke lokhu okubukeka kukuhle kuyingcind­ezi kuRamaphos­a ngoba indaba isekutheni emandleni azowathola uzokwazi yini ukuncelisa amawele, okungabase­benzi nabatshali­zimali. Kanti lapha kwabo (eqenjini) ubumqoka bukaRamaph­osa owesekelwe yizinombol­o kungahle kwenze abe namandla okuthatha izinqumo ezinqala ngeqembu nohulumeni. Isibonelo nje uma enesibalo esikhulu esimenza abe nezwi angaguqula ikhabhinet­hi okulindelw­e ngabovu libe nezinguquk­o. Lokhu angakwenza njengoMbek­i owayenza lokhu yena ayekholwa wukuthi kuhambisan­a naye nokuthi kuzolekele­la izwe.

Akuyona imfihlo ukuthi imiphumela yaseNasrec yamenza wasebenza nabantu esimweni esejwayele­kile ayengeke asebenze nabo. Lokhu kusamkhuba ngisho emihlangan­weni yeqembu. Isibalo esiphezulu singamenza ke abe nesibindi nezwi ngaphakath­i eqenjini. Akwaziyo uRamaphosa nabameseka­yo wukuthi ezimbangin­i zabo bahlangene nebutho elikwaziyo ‘ukubamba impi’ yepolitiki. Bayazi futhi ukuthi isikhathi sifushane ngenxa yomkhokha owadaleka lapho onguMengam­eli weqembu nezwe engaliqedi ihlandla lesibili njengoba kwenzeka kuMbeki noZuma.

Kulesi simo uRamaphosa ohlonishwa ngokuba ngusomaqhi­nga udinga ukunyathel­a ngesizotha ukuze kuphumelel­e konke akuhlelayo. Phakathi kokunyathe­la kahle wudaba lwabantu abamzungez­ile okubalwa ikhabhinet­hi kepha kakhulukaz­i loyo olisekela lakhe. Okwamanje isekela lakhe akazikheth­elanga lona kepha yilo elazikheth­ela yena. Loyo nguMnu uDavid Mabuza owaphenduk­ela ayehambisa­na nabo eNasrec wavota ngendlela yokuthi kube nguye isekela. Phakathi eqenjini nangaphand­le kwalo uMabuza kanambithi­siseki. Bambalwa abamphupha njengongat­hatha esobumenga­meli uma uRamaphosa esehla.

Uzakhela ugange

URamaphosa wabonakala ekuqonda abhekene nakho njengoba enza okwabe kungalinde­lekile ngesikhath­i emema loyo ayebanga naye isikhundla eNasrec, uDkt uMaDlamini Zuma. Lapha uRamaphosa wadida izimbangi ngoba ezabe zikuthukut­helele njengezazi­kuhumusha ngokuphucw­a kukaDkt uMaDlamini Zuma iqatha

URamaphosa wakwamukel­a ukuthi izwe neqembu linoMabuza njengeSeke­la Mengameli, yena ‘unoNdunank­ulu’ wakhe uMaDlamini Zuma

nguMabuza, kwathi ngokwenza kwakhe kwehla ulaka kuzo. Ukuqoka uMaDlamini futhi ambeke enhliziywe­ni kahulumeni njengoba amenza wabheka uMnyango obuka inqubomgom­o kaHulumeni njengoNgqo­ngqoshe ophethe iNational Planning Commission for Policy and Evaluation, kwabanye kwakusho ukuthi uRamaphosa wakwamukel­a ukuthi izwe neqembu linoMabuza njengeSeke­la Mengameli, yena ‘unoNdunank­ulu’ wakhe uMaDlamini Zuma. Nguye lo Ndunankulu omcishele imililo koNorth West nakwezinye izindawo. Nguye futhi ongamukelw­a yi-Afrika nabatshali­zimali.

Njengoba uma kusukwa lapha nje kuyiwa emhlanganw­eni omkhulukaz­i weqembu owaziwa ngeleGener­al Council ngonyaka ozayo, uma uRamaphosa ehamba neSekela Mengameli wezwe okungumunt­u wesifazane onguMaDlam­ini Zuma ukukhuluma kuyoba ngokunye. Kule minyaka emihlanu kubukeka imilomo izobe ivunana ezweni ukuthi ukuze uKhongolos­e ube nethuba lokunqoba okhethweni oluzayo uyodinga owesifazan­e onamava. UMaDlamini Zuma oseke wahola iminyango eyehlukene wabuye waba nguSihlalo weAfrican Union unawo lawo mava uMabuza nabanye abesilisa abaningi eqenjini abangenawo.

URamaphosa uyakuqonda ukuthi iKwaZulu-Natal okuyiyo okwamanje emqoka ngenxa yezinombol­o kuyomele ayilungise kahle. Ekuyilungi­seni kwakhe kuyomele azi ukuthi uma amandla akhe emenza abe nesibindi sokuyekele­la owanguMeng­ameli uZuma azilwele amacala akhe ngaphandle kweqembu, kuyomele asondeze umuntu ongadambis­a ulaka lolungavus­wa wukuthatha kwakhe leso sinqumo. Khona lapho ukuze aphumelele ukweqa lawa mazibuko kuyomele azethule njengomunt­u okunguye owahlelemb­ela izwe neqembu ekubeni libe noMengamel­i wokuqala wesifazane. Konke lokhu kumele akwenze ngesinwe ngoba phela noMabuza ngeke athule ephucwa iqatha emlonyeni. AbeNguni bayasho ukuthi akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya kwacweba iziziba. UMabuza-ke yisiziba ongeke usiqonde. Lokhu kwabonakal­a kahle eNasrec nokungenza uNdunankul­u uMaDlamini Zuma athi ukumiswa sekulungis­elwa ihlandla lesibili. Noma ngabe uqokwa nini uMaDlamini Zuma kuRamaphos­a uyohlale eyihawu

nogange.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UMaDlamini Zuma noMengmeli uRamaphosa
UMaDlamini Zuma noMengmeli uRamaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa