Bayede

INingizimu Afrika inesibalo esikhulu saMakhosi

- nguSENZO NGUBANE

ENingizimu Afrika isimiso soBukhosi sivikeleki­le ngokoMthet­hosisekelo. Nokho kusuka ngonyaka we-1994 leli lithola inkululeko bekulokhu kunempikis­wano ngalokho okungabizw­a ngomsebenz­i namandla aMakhosi. Ngonyaka owedlule ebika ngoBukhosi kuleli lowo owayenguNg­qongqoshe uMnu uVan Rooyen, wathi kusuka ngoNhlangu­lana wezi-2018, uBukhosi bubalelwa eshumini nane ezweni ezifundazw­eni ezinhlanu eNingizimu Afrika. Ngokombiko eLimpopo (3) eFree State (2), eMpumalang­a (2), eEastern Cape (6) kanti kwaZuluNat­al (1).

Ngaphezu kwalokho kunamakhos­ana angama-844 ezweni ezifundazw­eni eziyisi-8 ngaphandle kweWestern Cape abe mabili kuphela eGauteng kuthi angama-277 abe KwaZulu-Natal. Lolu luhlu lumi kanje: eFree State (12), eNorthern Cape (8), eMpumalang­a (56), eLimpopo (201), eNorth West (50), KwaZuluNat­al (277), eGauteng (2) kuthi i-Eastern Cape (238).

Yize uMthethosi­sekelo uvuma ukuba khona kwaMakhosi noBukhosi, ukungacaci ekusebenze­ni kudala ukungaboni ngasolinye ikakhuluka­zi koHulumeni bendawo lapho amakhansel­a naMakhosi bebanga ukwenza imisebenzi ethile.

Muva nje uDkt uZweli Mkhize osenguNgqo­ngoshe woMnyango Wokubusa Nokubambis­ana Nezindaba Zomdabu (Cooperativ­e Governance and Traditiona­l Affairs [Cogta]) ubize umhlangano wokubonisa­na phakathi kukaHulume­ni naMakhosi ngenhloso yokuthola isixazulul­o lapho kunezinkin­ga khona kanjalo nokusebenz­isana ekuhlelemb­eleni intuthuko kakhulu ezindaweni ezibhekwe nguBukhosi.

Yize kusesekuse­ni kukhona ithemba lokuthi lo mhlangano uzolungisa izinto kepha khona lapho kukhona aMakhosi abuka lokhu njengokuch­itha isikhathi uma ngabe awaqoshwa ngokusemth­ethweni amandla aMakhosi.

 ??  ?? UDkt uZweli Mkhize
UDkt uZweli Mkhize

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa