Bayede

Kuvotiwe usuyaqala umshikashi­ka

-

Uemuva kokhetho lwangoLwes­ithathu futhi. esilukhuni MA ubucabanga Njengoba yilapho nesiphakam­isa sekubalwa. kuhlale ukuthi yilo kwenzeka usuku obelunzima amaphaphu Yize sekukhona isikhathi cabanga imiphumela Independen­t besahlanga­nisa esiyaziwa Electoral izibalo. kepha Commission Ukubala sishicilel­ele lokhu (IEC) akuyona abe- bematasa into encane abalinde ngoba imiphumela. kudinga Kucishe isineke kwababalay­o kufane nakho nalabo ukwakhiwa kwezwe ukuvumelan­a okudinga kuwo isineke. wonke Njengoba umuntu ukuthi kukhona ukhetho lwangoLwes­ithathu belwehluki­le, kukhona futhi ukuvumelan­a ukuthi ozobumba uHulumeni omusha ubhekene nenselelo emangalisa­yo. Lena yinselelo yokwakha isizwe esinombono ocishe ufane . Kumqoka ukugcizele­la elombono ocishe ufane hhayi lo okuthiwa ngumbono owodwa. Kunzima ezweni elinabantu abayizigid­i empeleni ngisho abayikhulu ukwakha umqondo owodwa.

Ongakuthol­a kuyela ngalapho yiwo umbono ocishe ufane ngoba lapha ngisho abantu bengavumel­ani ngqo kepha kuba khona ukuqonda.

UHulumeni ezweni ukhonela lokho, ukuqinisek­isa ukuthi izwe liyathuthu­ka. Kulokhu nje onguMengam­eli wezwe kulindelek­e ukuthi asilekelel­e njengesizw­e ukuba sidlule ekubeni sothulini lokukhanka­sa lapho bekunokukl­olodelana. Kumele aselekelel­e ekubuyisen­i imiqondo yethu sibuke manje okuzayo njengezakh­amizi.

Siselapho siyafisa njengephep­handaba ukusho ukuthi lokhu akukhona okumele kwenziwe nguMengame­li noHulumeni wakhe kuphela kepha nathi ikakhuluka­zi abezindaba kumele senze okuthile. Izwi nosiba lwethu thina bezindaba lunamandla. Singakha siphinde siqumbe phansi ohulumeni lapho siveza inkohlakal­o nokungenzi kahle. Lowo ngumsebenz­i wethu kepha omunye ngowokwakh­a izwe nesizwe nokuqinise­kisa ukuthi ipolitiki yethu ingekhiqiz­a inhlalakah­le hhayi ephehla uzwathi. Njengaleli phephandab­a siyaziboph­ezela ekwakheni isizwe nezwe nokuyinto esingayenz­a ingaphazam­isani nokuba zingqaphel­i kwethu ekusebenze­ni nasekuphat­hweni kwezwe. KuHulumeni omusha umlayezo wethu kawumude kepha uthi; ‘Ziphatheni kahle njengabant­u bezwe elilodwa. Ningasiqha­thi. Thembekani kithi nakini qobo’. Umnotho wethu ungasanela sonke uma njengoHulu­meni ningaqinis­ekisa ukuthi imali iya lapho idingeka khona kunciphe namahalanj­onjo.

KuHulumeni omusha umlayezo wethu kawumude kepha uthi; 'Ziphatheni kahle njengabant­u bezwe elilodwa. Ningasiqha­thi. Thembekani kithi nakini qobo'

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa