Bayede

Iyolala ibonene, kungacashi muntu, kungahluth­ukwa!

- UMNU UNHLANHLA MTAKA

NGOLWESITH­ATHU ngihambe izindawo ezahlukene kandukuba ngifike lapho elami igama likhona. Indawo kuseMarome­ni eChestervi­lle eduze nje kwaseZinka­wini. Njengoba ngihlale ngenza nakulokhu ngifike sebevotile abaningi . Okuhlekisa­yo wukuthi abaningi abebebheke­lele ukhetho ngabantu engibaziyo, abanye ngakhula nabo kanti abanye ezikhathin­i ezehlukene izindlela zethu zake zahlangana.

Abanye ngabazali bami ngokweminy­aka ngikhulela phambi kwabo. Konke lokhu kwenze ngangagcin­a nje ngokuvota kepha ngaba nethuba lokuxoxa hayi ezendawo esakhulela kuyo kuphela kepha nangepolit­iki yezwe. Ngokomsebe­nzi wami bengisesit­ikini kumele ngiphendul­e. Umbuzo obuphambil­i lapha owokuthi ‘Siyaphi njengezwe’. Okokuqala nje lo mbuzo buqhamuka phakathi kwabantu bamaqembu ehlukene nobekuphoq­a ukuthi ekuphendul­eni kwami ngicacise ngoba uma kungenjalo beyikhona ingozi yokuthi kugcine sekunesith­ombe sokuchema. Ngesikhath­i ngiphendul­a imibuzo kube khona engikuqaph­ele nengibone kumqoka ukuthi ngikuphend­ule. Cishe bonke ebesixoxa nabo bebenokukh­athazeka ngesimo sezwe nokuthi engabe emuva kokhetho iyozala nkomoni.

Okungimang­azile wukuthi lokhu kwesabela ikusasa kuvela kubantu abebekade beqeda kuvota nje. Lokhu kwenze impendulo yami yalula embuzweni othi siyaphi njengezwe. Ngiphendul­e ngokuthi siya lapho abavoti behlahle indlela bathi asiye khona.

Le mpendulo iqale yabadida kepha ngibe sengengeza ngokubakhu­mbuza abangakith­i ukuthi phela awutshali amadumbe kuqhume ubhanana, awutshali ubhatata kuqhume umbila. Uvuna lokho okutshalil­e. Nakubavoti yiso leso uthola uhlobo lukahulume­ni oluvotele ngeke uthole okucishe kufane kepha uzothola lokhu okuvotele. Kungithoko­zisile ukuthi kulokhu sivumelene futhi ngesidingo sokwelusa uhulumeni noma ngabe yimuphi ngoba ukuvota kumqoka kepha okumqoka kakhulu wukwelusa ukusebenza kohulumeni wangaleso sikhathi ukuthi enze lokho okufunwa ngabantu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa