Bayede

IZINGQALAB­UTHO ZAYIZOLO

-

ABABANINGI abaphila kulesi sikhathi abanomland­o ngeqhaza alibamba emzabalazw­eni wakuleli uClements Kadalie. Wazalwa ngoMbasa we-1896 esifundeni iNkhata Bay eNyasaland namuhla esiyaziwa ngeMalawi. Ngowe-1912 wathola iziqu seHonours esikhungwe­ni iLivingsto­nia Missionary Institute eneminyaka eli-16 waqala ukusebenza efundisa ezikoleni zendawo. Ngenxa yokufuna impilo engcono walifulath­ela elakubo wazozinza eKapa eNingizimu Afrika nalapho aqala khona ukuzihlang­anisa nomzabalaz­o wabasebenz­i. Emuveni kokunikwa izeluleko ngababenga­phambi kwakhe njengoDkt uLaws amluleka ukuba asungule inyunyana i-Industrial and Commercial Union (ICU) ngowe-1919 okwathi ngokuhamba kwesikhath­i yaguqulwa yabizwa ngeCommerc­ial Workers Union of Africa. Abaningi baqala ukumhlonip­ha emuva kwesitelek­a sabasebenz­i esadonsa kakhulu eKapa lapho babephikis­ana nokugcwali­swa kwempahla yangaphand­le ezweni. Zingama-20 kuLwezi ngowe-1924 uKadalie waboshwa kwakhishwa nencwadi yokuba adingiselw­e eMalawi, wanqunyelw­a izinsuku ezintathu ukuba aphume aphele. Wakushaya indiva lokho nokwathi ngoNhlaba we-1927 wamela i-Industrial and Commercial Union emhlanganw­eni i-Internatio­nal Labour Conference eGeneva. Ekubuyeni kwakhe kulo mhlangano emuva kokuhlala izinyanga eziyisithu­pha khona waxebuka ku-ICU nalapho waqokwa khona esikhundle­ni sikaMgqugq­uzeli we-African National Congress e-East London. Wayethathw­a njengomuny­e wosomaqhin­ga nezinjulul­wazi kuKhongolo­se. Wagcina engawuland­elanga umyalelo kaHulumeni wobandlulu­lo wahlala e-East London waze washadelwa khona baba nezingane ezinhlanu. Wadlula emhlabeni ngowe-1951. Imisebenzi yakhe emihle iyohlala imlandela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa