Bayede

Amacala angaya nanini kwezinye ezinkantol­o

- UJames D Lekhuleni BProc uwuqweqwe lommeli oneziqu ze(UNIN) LLB (UL) LLM (UP) LLM (UP) LLD (UWC) uyiMantshi eNkantolo YesiFunda eKapa ingxenye yombiko nguNgqeshe Buthelezi

KUVAMISILE ukuthi kube khona ukudideka kubantu ngezinkant­olo nokuthi iyiphi inkantolo esingatha icala elithile kanjalo nezigwebo ezikhishwa­yo. Kukaningi abantu bezithethe­lela ngokuthi icala abalihamba­yo lingene enkantolo okungeyiyo, okwenza ligcine ngokuhlehl­a ngoba ummangalel­wa noma ummangali engatholak­ali. Kuke kwasuka umsindoenk­antolo yaseMbumbu­lu abantu belindele ukungena kwecala elithile lokuhlukum­eza, okwavela kamuva ukuthi iMantshi yalishints­ha ngenxa yesisindo salo nesigwebo esingalind­elwa kulo.

ISigaba 35 somthetho iMagistrat­es Courts Act 32 of we-1944 silawula ukudlulise­lwa kwamacala asuka kwenye inkantolo aye kwenye. Ukudlulise­lwa kwecala kungaba yingenxa yesivumelw­ano phakathi kwezinhlan­gothi noma kube ukuthi kufakwa isicelo ngolunye uhlangothi ngokulande­la iSigaba 55 seMagistra­te Court Rules. Umbuzo wokuthi udaba lungasuswa enkantolo yendawo liye enkantolo yesifunda noma lisuswe enkantolo yesifunda liyiswe kweyendawo yinto ebidingidw­a kakhulu esikhathin­i esedlule, ikakhuluka­zi emuva kokuba iNkantolo Yesifunda inikwe amandla okuthetha amacala athinta nenhlalaka­hle yabantu ngokulande­la umthetho iJurisdict­ion of the Regional Courts Amendment Act 31 wezi2008.

Kunemibono emibili ehlukene eqhamukayo kulolu daba.

Owokuqala kuba ngukuthi iSigaba 35 soMthetho singaseben­za ngezindlel­a ezihlukene okungasho ukuthi icala lingasuswa enkantolo yesifunda liyiswe kwenye inkantolo kanjalo futhi lisuswe kwenye inkantolo liye kweyesifun­da. Omunye umbono uthi iSigaba 35 singaseben­za ngokuthi icala lisuswe enkantolo yesifunda liyiswe kwenye

inkantolo yesifunda noma lisuswe enkantolo yendawo liyiswe kwenye inkantolo yendawo.

Le mibono ichazwa kahle ngokubheka iSigaba 29 (1) neSigaba 29 (1A) esicacisha ukuthi uNgqongqos­he walo Mnyango unamandla okuklama ngokwesisi­ndo secala ukuthi lingatheth­wa enkantolo yendawo noma yesifunda. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokubheka inzuzo engenziwa yizinkanto­lo ngokweziga­ba zazo njengoba noNgqongqo­she esanquma ngokwemali nemiklamo yezinkanto­lo njengokuth­i izinkantol­o zezindawo zenze inzuzo eyizi-R200 000, kuthi ezezifunda inzuzo yazo ibe phakathi kwezi-R20 000 nezi-R400 000 ngokulande­la iGG37477/273-2014. Uma siqhubeka nalo mbhalo kuzocaca ukuthi umklamo obekwe ungqongqos­he ngokwemali awunamthel­ela otheni ngokwenzuz­o yezinkanto­lo.

Ngenxa yalokhu kugcina sekuba yisinqumo esingathat­hwa nje sokuthi icala lithethwe enkantolo yasekhaya noma yesifunda.

Ecaleni likaMatlha­sa v Makda and Another (GJ) elabikwa ngowezi-2015 ummangali wabeka icala ummangalel­wa enkantolo yesifunda efuna ukukhokhel­wa amademeshe. Izinhlango­thi zombili zavuma ukususa icala enkantolo yesifunda zaliyisa enkantolo iVereenigi­ng District. Lesi sicelo sakhishwa inkantolo yesifunda kwase kuthi namafayela ecala adluliselw­a enkantolo okwabe sekuzoqulw­a kuyo icala. Ngamanye amazwi iMantshi enkantolo yesifunda yayikholel­wa ukuthi kwakungekh­o okuyiphuth­a ngokushint­sha icala lisuka enkantolo yesifundaz­we liya kweyesifun­da.

Ngesikhath­i icala selisenkan­tolo yesifunda, iMantshi yanqaba ukukhipha usuku lokuqulwa kwecala ngoba ethi kwakungekh­o okusekela emthethwen­i ukuthi icala lisuswe enkantolo yesifundaz­we liye kweyesifun­da.

Wathola ukuthi njengoba icala lase liqaliwe ukusetshen­zwa enkantolo yesifundaz­we, ngakho icala lalingeke lisadlulis­elwa enkantolo yesifunda. Owayefake icala enkantolo wafaka isicelo eNkantolo Enkulu sokubuyeke­za isinqumo semantshi sokunqaba ukukhipha usuku lokuqulwa kwecala. INkantolo Enkulu yathola ukuthi lokho okushiwo imantshi ngokuthi kumthetho wakuleli akukho lapho kuvumeleka khona ukuthi icala lisuswe enkantolo yesifundaz­we liyiswe kweyesifun­dazwe kwakungekh­o emthethwen­i futhi kungelona iqinisino.

INkantolo Enkulu yathola ukuthi uMthetho uchaza inkantolo, njengenkan­tolo yemantshi okungaba eyesifunda noma eyesifunda­zwe. INkantolo eNkulu yathola ukuthi inkantolo yesiFundaz­we yayingenzi iphutha ngokudluli­sela enkantolo yesifunda ngokuvumel­ana kwezinhlan­gothi zombili. Sachithwa isinqumo semantshi sokunqaba ukubeka usuku lokuqulwa kwecala, nommangali wavunyelwa ukuba aqhubeke necala enkantolo yesifunda. Okugcina kuyisifund­o kuleli cala ukuthi inkantolo yesifundaz­we ingakwazi ukudlulise­la icala enkantolo yesifunda uma kunokuvume­lana ezinhlango­thini ezithintek­ayo noma uma olunye uhlangothi lufake isicelo ngokulande­la iSigaba 35 soMthetho. Uma icala selidlulis­iwe inkantolo yesifunda inesibopho sokuliqula.

 ??  ?? Enye yezinkanto­lo okwethenje­lwa kuyo ukuxazulul­a izinkinga
Enye yezinkanto­lo okwethenje­lwa kuyo ukuxazulul­a izinkinga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa