Bayede

Isikhalo ngokushiyw­a ngaphandle komndeni

- UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazam­azwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

BAYAKHALA ongoti bolimi lwesiZulu mayelana noMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika. Lesi sikhalo salabo ngoti siqhamuke ngenkathi kunombukis­o wezincwadi obugqugquz­elwe nguMasipal­a weTheku kule nyanga efile. Lo mbukiso ubuse-Exhibition Centre. Ongoti bolimi lwesiZulu bayakhala ngamalunge­lo aqukethwe yilo Mthethosis­ekelo. Isikhalo abanaso ngesokuthi amalungelo akulo Mthethosis­ekelo ngawabantu kuphela.

Awekho amalungelo emindeni. Imindeni ivele ibe ngondingas­ithebeni itholoze ngenxa yokuthi ayizange inakwe yona mayelana nokunikezw­a amalungelo yilo Mthethosis­ekelo. Kusho ukuthi laba ababedweba uMthethosi­sekelo basikhohlw­a isakhiwo okuthiwa umndeni.

Sisala kanjani isakhiwo esisemqoka kangaka ekutheni sicatshang­elwe uma kudwetshwa uMthethosi­sekelo wezwe? Uma kukhulunyw­a ngamalunge­lo abantu kuphela kungashiwo lutho ngemindeni, kuthiwa bavela kuphi kanti laba bantu? Laba abakhala ngalokhu bathi akukho lapho kukhulunyw­a khona ngamalunge­lo emindeni kulo Mthethosis­ekelo.

Okuseqinis­weni awuphathwa ngisho ukuphathwa umndeni. Umndeni ubekwe kude le kwathi laba abaqhamuka kulezi zakhiwo kwaba yibo abacatshan­gelwayo bagixabezw­a ngamalunge­lo. Ukugxila kumuntu kubeka isithombe sokuthi umuntu ufana nekhowe lona liqhibuba enhlabathi­ni.

Uma umuntu efaniswa nekhowe kulula ukukhohlwa yimuva lalowo muntu.

Ukuncishwa kwamalunge­lo kwemindeni kwenza ukuthi imindeni ibambe iyeka ingazi ukuthi yikuphi okufanele ikwenze nokuthi yikuphi okungafane­le ikwenze. Lesi simo siholela ekutheni imindeni eminingi igcine ifana nokuhamba konwabu. Isikaza ukuya phambili kuthi khona lapho isikaze nokuhlehle­la emuva. Eminye igcina isigoqe izandla ikuyeke kumile nokhula.

Okwenza igoqe izandla wukuthi ayazi ukuthi kunini lapho izozithola khona isitheze olunenkume ngoba ayinamalun­gelo. Ugcina uthola izingane emindenini eminingi sekungumhl­ambi kaZalusile. Imindeni ikinatelwe wuvalo. Izingane zigixabezw­e ngamalunge­lo kodwa imindeni do amalungelo. Imindeni eminingi ifana nemindeni engekho ngenxa yala malungelo.

Kunentsha eningi esemadolob­heni engomalale­payipini. Le ntsha isiyaqanjw­a namagama kwathiwa amaphara. Angilazi leli le phara ukuthi liqhamuka kuphi. Leli gama selihambe laze layofika ngisho emakhaya. Usuzwa nezalukazi zikhuluma ngamaphala. Muva nje usuke uhlangane nomshashad­u wendoda nawo usuyiphara. La maphara angaka agcwele izwe lonke ngakube awanawo amakhaya onke? Akubukeki kunjalo. Laba ngabantu abanamakha­ya kodwa abavele bawashiye amakhaya bayofuna inkululeko. Angiwazi-ke la madoda nawo asengenwe yilo mkhuba wokuba ngomalalep­ayipini ukuthi wona avelaphi. Lesi simo samaphara amaningi kangaka sikhomba ukuthi konakele kakhulu emindenini.

Ukonakala kwemindeni ingaqoqeki kusho ukuthi asikho naleso sizwe. Ukuhlakaze­ka kwemindeni kuchaza ukuthi kwasizwe naso siyinhlaka­nhlaka kuhle kwendle yomthini. Ukunganake­kelwa kwemindeni kugxilwe ezinganeni nabantu yikho lokhu okwenza ukuthi ithi uma isibhekene nezinkinga ingazi ukuthi izothatha in ihlanganis­e nani.

Lesi simo sokuncishw­a kwamalunge­lo kwemindeni senza ukuthi imindeni ifane namawuwa. Ukuba ngamawuwa kwemindeni kukhomba ukuthi akukho lapho kuzothiwa khona inkunzi isemathole­ni. Uma kunjalo kusho ukuthi sizoya ngokuya siphela isizwe kugcine kusele omalalepay­ipini. Umalalepay­ipini ukucabanga kwakhe kuzungeza kugcine kuleli payipi alala kulo.

Sekudlulil­e ukuvota. Amaqembu ehlukene azenzile izethembis­o zawo eziyizindo­dla. Angokhumbu­li ngizwa ngisho elilodwa iqembu kulawa abevota lithi lizogxila emalungelw­eni emindeni.

Angikhumbu­li ngizwa nelilodwa iqembu lithi lona lizogxila ekunakekel­eni ukusimama kwalezi zakhiwo ezisemqoka okuthiwa yimindeni. Mhlawumbe kukhona lapho ngaphundul­eka khona kwaba khona izethembis­o zamaqembu athile engingaziz­wanga. Kukhona kodwa okungitshe­la ukuthi alikho nelilodwa iqembu kulawa abevota elike lakhuluuma ngendaba yokubhekel­ela imindeni mayelana namalungel­o. Kusho ukuthini lokhu uma amaqembu abheke ePhalamend­e engagqizi qakala mayelana nenhlalaka­hle yemindeni?

Ukunganakw­a kwamalunge­lo emindeni kusho ukuthi lukhulu luyeza luyanyelel­a lapha eNingizimu Afrika. Okubuhlung­u wukuthi kubulawa izakhiwo okuyizona zibumba isizwe. Bazohola bani laba abaya ePhalamend­e uma zishaywa indiva lezi zakhiwo okuphuma kuzo laba abaholwayo? IsiZulu sithi ohlaba eyakhe kalelwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa