Isikhalo ngokushiywa ngaphandle komndeni
BAYAKHALA ongoti bolimi lwesiZulu mayelana noMthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Lesi sikhalo salabo ngoti siqhamuke ngenkathi kunombukiso wezincwadi obugqugquzelwe nguMasipala weTheku kule nyanga efile. Lo mbukiso ubuse-Exhibition Centre. Ongoti bolimi lwesiZulu bayakhala ngamalungelo aqukethwe yilo Mthethosisekelo. Isikhalo abanaso ngesokuthi amalungelo akulo Mthethosisekelo ngawabantu kuphela.
Awekho amalungelo emindeni. Imindeni ivele ibe ngondingasithebeni itholoze ngenxa yokuthi ayizange inakwe yona mayelana nokunikezwa amalungelo yilo Mthethosisekelo. Kusho ukuthi laba ababedweba uMthethosisekelo basikhohlwa isakhiwo okuthiwa umndeni.
Sisala kanjani isakhiwo esisemqoka kangaka ekutheni sicatshangelwe uma kudwetshwa uMthethosisekelo wezwe? Uma kukhulunywa ngamalungelo abantu kuphela kungashiwo lutho ngemindeni, kuthiwa bavela kuphi kanti laba bantu? Laba abakhala ngalokhu bathi akukho lapho kukhulunywa khona ngamalungelo emindeni kulo Mthethosisekelo.
Okuseqinisweni awuphathwa ngisho ukuphathwa umndeni. Umndeni ubekwe kude le kwathi laba abaqhamuka kulezi zakhiwo kwaba yibo abacatshangelwayo bagixabezwa ngamalungelo. Ukugxila kumuntu kubeka isithombe sokuthi umuntu ufana nekhowe lona liqhibuba enhlabathini.
Uma umuntu efaniswa nekhowe kulula ukukhohlwa yimuva lalowo muntu.
Ukuncishwa kwamalungelo kwemindeni kwenza ukuthi imindeni ibambe iyeka ingazi ukuthi yikuphi okufanele ikwenze nokuthi yikuphi okungafanele ikwenze. Lesi simo siholela ekutheni imindeni eminingi igcine ifana nokuhamba konwabu. Isikaza ukuya phambili kuthi khona lapho isikaze nokuhlehlela emuva. Eminye igcina isigoqe izandla ikuyeke kumile nokhula.
Okwenza igoqe izandla wukuthi ayazi ukuthi kunini lapho izozithola khona isitheze olunenkume ngoba ayinamalungelo. Ugcina uthola izingane emindenini eminingi sekungumhlambi kaZalusile. Imindeni ikinatelwe wuvalo. Izingane zigixabezwe ngamalungelo kodwa imindeni do amalungelo. Imindeni eminingi ifana nemindeni engekho ngenxa yala malungelo.
Kunentsha eningi esemadolobheni engomalalepayipini. Le ntsha isiyaqanjwa namagama kwathiwa amaphara. Angilazi leli le phara ukuthi liqhamuka kuphi. Leli gama selihambe laze layofika ngisho emakhaya. Usuzwa nezalukazi zikhuluma ngamaphala. Muva nje usuke uhlangane nomshashadu wendoda nawo usuyiphara. La maphara angaka agcwele izwe lonke ngakube awanawo amakhaya onke? Akubukeki kunjalo. Laba ngabantu abanamakhaya kodwa abavele bawashiye amakhaya bayofuna inkululeko. Angiwazi-ke la madoda nawo asengenwe yilo mkhuba wokuba ngomalalepayipini ukuthi wona avelaphi. Lesi simo samaphara amaningi kangaka sikhomba ukuthi konakele kakhulu emindenini.
Ukonakala kwemindeni ingaqoqeki kusho ukuthi asikho naleso sizwe. Ukuhlakazeka kwemindeni kuchaza ukuthi kwasizwe naso siyinhlakanhlaka kuhle kwendle yomthini. Ukunganakekelwa kwemindeni kugxilwe ezinganeni nabantu yikho lokhu okwenza ukuthi ithi uma isibhekene nezinkinga ingazi ukuthi izothatha in ihlanganise nani.
Lesi simo sokuncishwa kwamalungelo kwemindeni senza ukuthi imindeni ifane namawuwa. Ukuba ngamawuwa kwemindeni kukhomba ukuthi akukho lapho kuzothiwa khona inkunzi isematholeni. Uma kunjalo kusho ukuthi sizoya ngokuya siphela isizwe kugcine kusele omalalepayipini. Umalalepayipini ukucabanga kwakhe kuzungeza kugcine kuleli payipi alala kulo.
Sekudlulile ukuvota. Amaqembu ehlukene azenzile izethembiso zawo eziyizindodla. Angokhumbuli ngizwa ngisho elilodwa iqembu kulawa abevota lithi lizogxila emalungelweni emindeni.
Angikhumbuli ngizwa nelilodwa iqembu lithi lona lizogxila ekunakekeleni ukusimama kwalezi zakhiwo ezisemqoka okuthiwa yimindeni. Mhlawumbe kukhona lapho ngaphunduleka khona kwaba khona izethembiso zamaqembu athile engingazizwanga. Kukhona kodwa okungitshela ukuthi alikho nelilodwa iqembu kulawa abevota elike lakhuluuma ngendaba yokubhekelela imindeni mayelana namalungelo. Kusho ukuthini lokhu uma amaqembu abheke ePhalamende engagqizi qakala mayelana nenhlalakahle yemindeni?
Ukunganakwa kwamalungelo emindeni kusho ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela lapha eNingizimu Afrika. Okubuhlungu wukuthi kubulawa izakhiwo okuyizona zibumba isizwe. Bazohola bani laba abaya ePhalamende uma zishaywa indiva lezi zakhiwo okuphuma kuzo laba abaholwayo? IsiZulu sithi ohlaba eyakhe kalelwa.