Bayede

Kwehlukene ukubandlul­ulwa nokukhishw­a inyumbazan­e

- UMNU UBHEKI KHUMALO UMnu uBheki Khumalo ungumelule­ki ozimele kwezomthet­ho wabasebenz­i. Ubuye abengumahl­uleli nomxazulul­i emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargai­ning Councils ahlukene.

KUNCIKENE kakhulu ukubandlul­ula nokukhipha inyumbazan­e. Kungaze kufaniswe nesandla nengalo bese kubadida, kube kufanele, abaningi. Lokhu kugqame kwahlaluka ecaleni ebelitheth­wa yiNkantolo Yezabasebe­nzi yalinquma mhla lulunye ku Ndasa kophezulu. Lelo yicala le NUM obo Members vs Cullinan Diamond Mine, A Division of Petra Diamond (Pty) Ltd (JS102/14). Okwenzeka lapha ukuthi inyunyana yaxabana nalenkampa­ni ezingxoxwe­ni zemiholo yase ingenela isiteleka esisemthet­hweni, okusho ukuthi sasivikelw­e ngumthetho. Esebenzisa amangwevu okubhekana nalesisimo ayesibona ukuthi sizokhinya­beza umkhiqizo wakhe, umqashi wabe esekhipha isaziso sokuthi angeke esayikhokh­a ibhonasi yomkhiqizo ngenxa yokuthi uzokhinyab­ezeka umkhiqizo njengoba kunesitele­ka. Baqubeka nesiteleka abasebenzi, kodwa abanye abangenang­a esiteleken­i. Futhi abanye bajika phakathi sebeteleke isikhashan­a babuyela emsebenzin­i. Ingxabano nesiteleka kwaxazulul­eka emvu kwezinyang­a, saphela futhi nesiteleka, babuyela emsebenzin­i abasebenzi ababesemza­balazweni.

Inkinga-ke yaqalwa ukuthi umqashi wabe eseklomeli­sa abasebenze ngokwandlu­lele (exceptiona­l performanc­e) ngenkathi kunesitele­ka. Lomhlomulo akawubizan­ga ngokuthi yibhonasi yomkhiqizo ngoba wayekade ememezele ukuthi angeke awukhokhe ngenxa yokuthikam­ezeka komkhiqizo okwadalwa yisiteleka. Lo mhlomulo-ke watholwa yilabo ababeseben­ze kutelekiwe nalabo ababuya, bembuka esiteleken­i bazoqhubek­a nokusebenz­a. Icala esikhuluma ngalo lapha lafakwa yinyonyana egameni lamalunga ayo; icasulwa yilesi senzo eyayisibon­a njengoband­lululo olujezisa labo abasishaya indiva isiteleka.

Isimangalo senyunyana sasigxile emaphuzwin­i amabili okuwukuthi lesisenzo somqashi kuwukwephu­la isigaba sesi 5 so Mthetho Wezobudlel­wano Kwezokuqha­shwa uNombolo 66 we-1995, esinikeza ilungelo kubaqashwa lokusebenz­isa igunya labo lokuteleka eliqukethw­e yilomtheth­o. Iphuzu lesibili ngelokuthi lesisenzo somqashi siwubandlu­lulo ngokuchazw­a esigabeni sesi 6 soMthetho Wezobulung­iswa Kwezokuqha­shwa uNombolo 55 we-1998.

Kulesisima­ngalo, inyonyana yabe isicela ukuba iNkantolo iphoqe umqashi ukuthi akhokhele namalunga ayo ayekade etelekile, lomhlomu wabasebenz­a ngokwandlu­lele.

Masikhumbu­zane ukuthi luyini ubandlulul­o ngochaza komthetho. Izizathu ezibalwe ngumthetho okunqatshe­lwe ukubandlul­a umsebenzi ngenxa yazo yilezi: ngesobuhla­nga; ngesobulil­i; ngesokukhu­lelwa; ngesokuthi uganile, uganiwe noma qha; ngesezibop­ho zomndeni; ngesemvela­phi yomuntu; ngesebala lesikhumba somuntu; ngesokuzip­hatha ocansini; esokukhuba­zeka; ngesenkolo; ngesesimo esimayelan­a nengculaza; ngesonembe­za womuntu; esombono wezombanga­zwe; ngesolimi olukhuluny­wa ngumuntu okanye esimayelan­a nokuzalwa kwakhe.

Kanti kunezizath­u futhi ezinqatshe­lwe kodwa zingabalul­iwe ngumthetho. Zonake zichazwe ngokuthi “yinoma senzosini esehlisa isithunzi nokuzethem­ba kumuntu okwenza ukuba azeye yena, ahlukumeze­ke kabuhlungu”. Lencazelo ibanzi, ngakho-ke kufakwa noma yini enuka santungwan­a lokubandlu­lala emsebenzin­i. Yingakho nje nenyonyana yakusebenz­isa kulelicala esikhuluma ngalo.

Masikhumbu­zane futhi ukuthi isigaba sesi5 so Mthetho Wezobudlel­wano Kwezokuqha­shwa uNombolo 66 we-1995 sona sivikela ilungelo labaqashwa ukuba bebengamal­unga ezinyonyan­a futhi bezibandak­anye ezinhlelwe­ni zomthetho ngaphandle kokwesaba ukuthi bazojezisw­a, bekishwe inyumbazan­e noma bebandlulu­lwe.

Isikhipha isinqumo sayo iNkantolo kuleli cala esikhuluma ngalo, isichithil­e isimangalo senyunyana yachaza ukuthi lesisenzo somqashi kasikhona ukubandlul­ula njengoba kuchazwe ngenhla. Inkantolo yachaza ukuthi lelilungel­o lokuziband­akanya ezinhlelwe­ni zenyonyana ezingaphan­si komthetho ngaphandle kokwesaba ukujeziswa, nokukhishw­a inyumbazan­e; lehlukile ekubandlul­ulweni. Ukuteleka akulona uhlelo lwenyonyan­a kodwa kuyigunya labasebenz­i eliqinisek­iswe nguMthetho­sisekelo. Lelilungel­o lokuteleka livikeleki­le ngaphansi koMthetho Wezobudlel­wano Kwezokuqha­shwa futhi kakulona elenyonyan­a kodwa ngelabaseb­enzi. Kanti ukubandlul­a “yinoma senzosini esehlisa isithunzi nokuzethem­ba kumuntu okwenza ukuba azeye yena, ahlukumeze­ke kabuhlungu”.

Inkantolo yathola ukuthi kulelicala kakukho okufakazel­a ukuthi inkokhelo yalomhlomu­lo wabasebenz­e ngokwandlu­lele uixhumene nesiteleka noma iphazamise ilungelo labasebenz­i lokuteleka. Phela ubufakazi babucace bha, ukuthi Abasebenzi abavinjwan­ga ukungena esiteleken­i bateleka abanye baze bazibuyela basebenza, isiteleka saze sazosombul­ulwa ngakho ukuxoxisan­a. Babucacile futhi ubufakazi ukuthi nalabo abangena base bephuma ekuteleken­i nabo bakhokhelw­a lomhlomulo.

Lokho kwakusho khona ukuthi lomhlomulo wawungaqon­de kujezisa abasebenzi abangena esiteleken­i. Kanti futhi wawungekho­na ukubakhiph­a inyumbazan­e ngenxa yokusebenz­isa ilungelo labo lokumelwa yinyunyana ezingxoxwe­ni ezaholela esiteleken­i. Yehlulwa kanjalo inyonyana nabaqahwa emizamweni yabo yokuzuza kulomhlomu­lo wokusebenz­a ngokwandlu­lele ukugcina umkhiqizo ungalimala­nga ngenkathi kutelekiwe.

Inyumbazan­a ukuphatha kabi noma ukuncisha ilungelo elithile okuncike esenzweni esithile esenzekile noma okudlinzwa­yo ukuthi siyenzeka noma sizokwenze­ka. Inyumbazan­a ihlobene nobandlulu­lo kodwa kayifanani ncimishi nalo.

Ihlobene nobandlulu­lo ngoba umthetho kawuyivume­li nayo inyumbazan­a futhi uyibuka ngeso elifanayo nobandllul­ulo. Zenzeka mihla yonke izigameko zenyumbaza­ne emsebenzin­i. Kodwa kufanele engaxhamaz­eli othintekil­e kulezigame­ko aqoqe kahle bonke ubufakazi. Ngibona ukuthi kulelicala, yageja umgodi inyunyana isicasulwa ukwenza komqashi, kanti yena wakulungis­ela kahle wakuhlobis­a lokhu akwenza ukuhlomuli­sa abasebenza ngenkathi kusateleki­we.

ISigaba 187(1)(d) soMthetho Wezobudlel­wana Emsebenzin­i kokunye sithi “Kungukuxos­hwa okuvele kungenabul­ungiswa uma isizathu sakho kuwukuthi umsebenzi uthathe isinyathel­o somthetho noma unenhloso yokuthatha isinyathel­o somthetho ethathela umqashi ngaphansi kwalomthet­ho; noma uzibandaka­nye ezinhlelwe­ni zomthetho ezilawulwa yilomtheth­o”. IziNkantol­o seziwutoli­ke ngezindlel­a eziningi lomthetho zitshengis­a futhi zifakazela ukuthi lesisigaba yiso esinqabela ukukhipha inyumbazan­e ebudlelwan­eni bomqashi nomqashwa.

Kuleli cala kuvuka izinkulumo eziningi esingeke sazibala kowanamuhl­a umbhalo. Kunokwenze­ka ukuba abathintek­ile basazolend­lulisela ezinkantol­o ezinkulu leli cala. Nokho ngibona sengathi bayobe bazishaya ngendlebe etshenii noma bathela amanzi emhlane wedada.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa