Qungani isibindi nibe ngoDavide bangalesi sikhathi
NAMUHLA ngifuna ukubiza yilowo nalowo mKhrestu ukulwela igama likaNkulunkulu ophilayo, nOziquntathu. Angisho ukuthi, uJehova uyasidinga ukuvikela igama nenkazimulo yaKhe. Cha! Uma ngabe sonke isintu simfulathela uJehova, nokho usazodunyiswa yizingelosi, kuze kube kunaphakade. Ingqikithi yendaba yileyo ethi: uMdali wethu, akasidalanga, yebo, akasisindisanga thina amaKhrestu ukuze sijabulele insindiso yethu nje. Cha, wasisindisa ukuze sikhonze embusweni waKhe, siwandise ngeZwi laKhe elingcwelengcwele.
Ngamanye amazwi, uBaba wethu wasinika ukuthula noxolo emiphefumulweni yethu, ukuze sibe ngamasosha empini yaKhe, silwele igama laKhe lapha emhlabeni. Yebo kunjalo impi okubhalwa ngayo, yimpi elwiwa ngokomoya, hhayi ngezikhali zenyama. Nokho kuyimpi esimelwe ukuthi silwe kuyo.
Masifunde uSamuweli I, iSahluko 17: “AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka eEfesiDamimi. Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati. Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi.
Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze. UmFilisti wathi: Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye. Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu. UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane.
UJese wathi kuDavide indodana yakhe: Ake uthathele abafowenu, i-efa lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu labafowenu. UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo.
Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu, besaba kakhulu. Abantu bakwa-Israyeli bathi: Nimbonile lowa muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibengekhululekile kwaIsrayeli.
UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na? USawule wathi kuDavide: Awunamandla okuya kulowo mFilisti, ulwe naye, ngokuba ungumfana nje, yena eyindoda yempi kwasebusheni bakhe.
UDavide wathi: UJehova owangophula eziphweni lengonyama naseziphweni lebhere uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.
USawule wathi kuDavide: Hamba, uJehova uyakuba nawe. Wathatha induku yakhe ngesandla, wazikhethela amatshe ayisihlanu abushelelezi emfudlaneni, wawafaka esikhwameni somalusi ayenaso, eyikeni lakhe, indwayimana yakhe isesandleni sakhe; wayesesondela kumFilisti ... UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle.
UDavide wayesethi kumFilisti; Wena uza kimi nenkemba, nomkhonto, nengcula, kepha mina ngiza kuwe ngegama likaJehovaSebawoti, uNkulunkulu wempi ka-Israyeli oyeyisile.
Namuhla uJehova uyakukunikela esandleni sami; ngiyakukubulala, ngisuse ikhanda lakho kuwe, nginike namuhla izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba izidumbu zempi yamaFilisti, ukuze umhlaba wonke wazi ukuthi kukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli, yazi yonke le nhlangano ukuthi uJehova akasindisi ngenkemba nangomkhonto; ngokuba ukulwa kungokukaJehova; uyakuninikela esandleni sethu.
UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso.”
Namuhla eNingizimu Afrika baningi abahlambalazi bebandla negama likaNkulunkulu ophilayo. Beqa umthetho neZwi laKhe obala, bengenalo uvalo noluncane nje! Nampa abantu belwela amaqembu abo.
Nampa abanye belwela izinkanuko zabo bo! Kanti, umbuzo wethu kule ngosi uthi: Baphi “oDavide” balesi sikhathi? Aphi amadoda azimisele ukulwela igama likaNkulunkulu ophilayo njengoDavide na? Ngabe thina maKhrestu singamagwala na? Ngabe siyiminqolo namavaka yini?
Masisukume sizihlomise ngezikhali zikaNkulunkulu, simelane ngeZwi nalabo abameyisa Unkulunkulu Oziquntathu. Qungani isibindi madoda, iVangeli liyonqoba! Ayihlome! MaKhrestu, uJehova, uNkulunkulu oyedwa vo, Oziquntathu – uBaba, neNdodana, noMoya Ongcwele anibusise. Amen.