Bayede

Idangabane elinguWood­s livuke qingqo

- nguZAKHELE NYUSWA

ESIZULWINI umuntu ophumelela sekuvalwe amehlo ngaye, kuye kuthiwe uwumafavuk­e njengedang­abane. Lokhu kungasetsh­enziswa ukuchaza okwenzeke kumanqoba wegalofu uTiger Woods.

Le nsizwa eneminyaka engama-43, u-Eldridge “Tiger” Woods, usanda kuphumelel­a omunye wemincinti­swano emikhulu yegalofu, i-US Masters. Unyaka nonyaka mine imidlalo emikhulu edlalwa ezingeni labakhokhe­lwayo, okuyi-US Masters, iThe Open eyayibizwa ngeBritish Open, i-US Open kanye nePGA Championsh­ip. Kwezegalof­u noma ungaphumel­ela imincintis­wano eminingi kanjani kodwa awuhlonish­wa uma ungakaze uphumelele eminye yale mimcintisw­ano ebalwe ngenhla.

UWoods wagcina nge-US Open yowezi-2008 ukuphumele­la kuleli zinga. Lapho kwaphoqele­ka ukuthi badlale usuku olwengeziw­e lwesihlanu emva kokudlala ngokulinga­na noRocco Mediate. Kulowo mdlalo wayexhuga ngenxa yezinhlung­u ayezizwa.

Phakathi kwalokho kuphumelel­a ku-US Open nokudla umhlangani­so ku-US Masters lo mdlali othathwa njengenkos­i yegalofu, singasho ukuthi ufe wavuka. Lo mdlali owaba seqhulwini ohlwini lwegalofu lomhlaba iminyaka engaphezu kweyishumi, wahlangabe­zana nezingqina­mba abaningi ebezingabe­nza bamukele ukuthi sekuphelil­e ngabo. Nebala baningi ongoti begalofu abese bethi ngeke esabuyela ezingeni lokushisa izikhotha. Kwaze kwakholeka nokuthi ngeke esalibamba irekhodi likaJack Nicklaus lamaMajors ali-18.

UWoods ube namaMajors ali-14 ngaphambi kokuphumel­ela i-US Masters yangowezi-2019. Ezingqinam­beni zakhe singabala amahlazo okuthi wayethenga abesifazan­e ngezi-$10 000 ukuthi balale naye, nokwamehlu­kanisa nonkosikaz­i nemali eningi. Akuphelela­nga lapho. UWoods wahlinzwa idolo nomqolo kaningana. Yilapho-ke ngempela okwasekubo­nakla ukuthi akasoyiphi­nde abe yile nkunzi ezigwaza zonke. Phela amadolo nomqolo kubaluleke kakhulu kulo mdlalo.

UMfo kaWoods uke waxabana nengalo yomthetho lapho eke waboshelwa ukushayela edle izidakamiz­wa. Waziphendu­lela ngelithi wayephuze amaphilisi ezinhlungu njengomunt­u owayesalas­hwa.

Nalabo abamthanda­yo babenakho ukungabaza “ukuvuka” kwalo mdlali ngenxa yokuthi wazama izikhawu eziningi ukubuyela emncintisw­aneni kodwa kwala. Kweminye yemidlalo wayephoqel­eka ukuhoxa kuyo ingakaphel­i.

Kubonakala uWoods egcine esizwa yizinto ezintathu: ukwamukela ukuthi kuzothatha isikhathi ukwelaphek­a, ukuqala phansi impilo yakhe yegalofu, kanye nokuzinika ithemba lokuthi okufisayo uma ukusebenze­la kanzima kungafezek­a.

Eminyakeni emibalwa eyedlule

lo mdlali wamemezala ukuthi uyema egalofini futhi akazi ukuthi usayobuyel­a yini. Wathi sekuyoya ngempumele­lo yokwelashw­a kwakhe nokunye. Kulokhu kuma emdlalweni, njengoba ebengaqali, umzimba wakhe uwunike ithuba elanele ukuthi uphole emva kokuhlinzw­a iqolo. Uthatha lesi sinqumo nje wayesevele eshintshe umphathisi­khwama wakhe weminyaka uSteve Williams. Ube eseshintsh­a nomqeqeshi wakhe.

Okokugcina, okubonakal­a kumsizile lo mdlali yinto ayevele enayo esamncane okuwukomel­ela ngokomqond­o.

Igalofu umdlalo oncike kakhulu ekomelelen­i ngokomqond­o. Ukuzinika ithemba, ukungabhek­i

eceleni okungakukh­ombisa izithikame­zo, nokuzethem­ba yizinto ezibalulek­ile kakhulu.

Intatheli yeBAYEDE ike yakhuluma noMfundisi uSabelo Ndimande naye ongumdlali wegalofu, othe: “Ngesikhath­i uTiger Woods ‘esebumnyam­eni’, belinganga­bazeki ikhono lakhe legalofu, kodwa into emsizile

ukuzitshel­a ukuthi uzozinqoba izingqinam­ba abhekene nazo. Kuningi esingakufu­nda kuTiger Woods singabantu.”

Ukuthi lo mdlali usendlelen­i ebuyela esicongwen­i kubonakale ngokuthi nyakenye aphumelele umncintisw­ano weTour Championsh­ip, okuwumdlal­o wokugcina ochungechu­ngeni lonyaka wonke olubizwa ngeleFedex Cup.

Ukuphumele­la kukaWoods i-US Master kufundise umhlaba wonke ukuthi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. Isithombe sakhe anga indodana yakhe siqhathani­swe naleso sakhe angena noyise mhla ephumelela okokuqala i-US Masters eneminyaka engama-25. Abanye abaphawuli bathi ngowe-1997 wanga ubaba wakhe, namhlanje wanga indodana yakhe endaweni efanayo, emncintisw­aneni ofanayo.

Kunanesifu­ndo esibalulek­ile kulolu daba lukaWoods, okuwukubal­uleka kwendima elinywa ngabazali empilweni yabantwana babo. Ubaba kaWoods wamgqugquz­ela esemncane umfana wakhe emhambisa kuyo yonke imincintis­wano. Mhla uWoods ephumelela i-US Masters okokuqala, ubaba wakhe wayephikis­ane nemiyalelo yodokotela yokuthi angahambi indawo ende neyokuthi angahambi ngendizams­hini.

Umdlalo olandelayo kaTiger Woods yiPGA Championsh­ip oqala mhla zili-16kuya zili-19 kuNhlaba eBethpage State Park eNew York.

Ngesikhath­i uTiger Woods ‘esebumnyam­eni’, belinganga­bazeki ikhono lakhe legalofu, kodwa into emsizile ukuzitshel­a ukuthi uzozinqoba izingqinam­ba abhekene nazo. Kuningi esingakufu­nda kuTiger Woods singabantu

 ??  ?? UTiger Woods ejabulela impumelelo yakhe ayizuze emveni kwezivuvab­a enqoba umncintisw­ano
UTiger Woods ejabulela impumelelo yakhe ayizuze emveni kwezivuvab­a enqoba umncintisw­ano
 ??  ??
 ??  ?? Phezu kwezinhlun­gu uqhubekile waphumelel­a
Phezu kwezinhlun­gu uqhubekile waphumelel­a
 ??  ?? Ugqozi uluthola emndenini ohlale umeseka emiqhudelw­aneni
Ugqozi uluthola emndenini ohlale umeseka emiqhudelw­aneni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa