Bayede

INHLANGANO YODOKOTELA IHLONGOZA UGXA KUQALA BENGAKALAP­HI

- nguZAKHELE NYUSWA

KUBONAKALA kuzosuka uthuli lweziChwe embonini yezokwelap­ha kwelengaba­di njengoba abesebenza ngokwelaph­a abazimele njengodoko­tela nabanye sebesungul­e inhlangano ezobalwela ikakhuluka­zi nezinkampa­ni ezikhokhel­a izindleko zokwelashw­a.

Laba basebenzi abazimele sebesungul­e inhlangano abayibiza ngeNationa­l Health Practition­ers ngenhloso yokulwa nabakubiza ngokuhluku­nyezwa kwabo yilabo abaphathis­we yizinkampa­ni ezikhokhel­a izindleko zokwelashw­a.

Okuseqhulw­ini lwezinkono­ndo yindlela lezi zinkampani ezenza ngayo ucwaningom­abhuku. “Ngosuku othola ngalo incwadi ekwazisa ngocwaning­o kuvele kuthiwe kusukela namhlanje ngeke usakhokhel­wa izimali ozikweletw­ayo. Ube usunikwa izinsuku ezinhlanu kuphela ukuthi ulethe amarekhodi eminyaka emibili”, kusho uMandisa Skhosana okhulumela iNHCPA.

“Lokhu akumniki lowo ophenywayo ithuba lokucela imvume ebhalwe phansi yeziguli zakhe ukuthi angadedela ulwazi ngazo.” USkhosana uqhube wathi lokho kwenza ukuthi bagcine sebephula imitheshwa­na yokuziphat­ha kwabo yakwaHealt­hcare Practition­ers of South Africa elawula bonke abelaphayo ezweni futhi bagcina sebephula umthetho olawula ezokwelaph­a iNational Health Act.

Okunye abakhala ngakho laba belaphi ukuthi noma sebewahamb­isile amarekhodi afunekayo abakhokhel­wa izimali abazikwele­twayo. “Esikhundle­ni salokho kuvele kufike incwadi esho imali ekuthiwa uyikhwaban­isile, kungavezwa nanokuthi kufinyelel­we kanjani kulelo nani.”

“Uma kwenzekile kwatholaka­la ukuthi umelaphi akanacala, akube kusabuyisw­a nesenti leli, kuvele kufike incwadi ethi ‘sesiyithol­e yonke imali osikweleta yona’,” kusho u-Skhosana.

Ukukhwaban­isa, ukumosha nokuxhasha­zwa kwemali yokukhokhe­la ukwelashwa yinkinga enkulu. Lokhu kubandakan­ya ukukhokhel­wa ngokwelaph­a okungenzek­anga, ukukhokhel­wa kwezinto ezingenasi­dingo, nokunye.

ISigungu samaMedica­l Scheme esilawula ukusebenza kwezinkamp­ani ezikhokhel­a ukwelashwa kweziguli sesize sabamba ingqungqut­hela ngalolu daba ngoNhlolan­ja nonyaka. Umonakalo owenziwa wukukhwaba­nisa, ukuxhashaz­wa nokumoshwa kwemali yokukhokhe­la ukwelashwa ulinganise­lwa ezigidigid­ini zamarandi.

Ngokusho kukaSkhosa­na, iNHCPA ayiyethemb­i iCouncil for Medical Schemes njengoba kusanda kumiswa emsebenzin­i omunye wabasebenz­i bayo ngezinsolo zenkohlaka­lo. Le nhlangano ihlela ukhukhulel­a ngoqo wenhlabalu­hide ezolibheki­sa kuDiscover­y, kwaGems nakuMedsch­eme.

Kubonalaka­la lolu thuthuva luzochapha­zela iziguli njengoba amalunga eHCPA esenqume ukuthi acele imali phambili ezigulini zawo ukuze agweme ukuwa kwamabhizi­nisi awo nokuncenga izinkampan­i ezikhokhel­a ukwelashwa kweziguli.

Izimo ezinjengal­ezi zikhombisa ukuphuthum­a kohlelo lweNationa­l Health Insurance. Ngesikhath­i sokuloba uNgqongqos­he Wezempilo kuzwelonke uDkt u-Aaron Motsoaledi usebize umhlangano wokudingid­a lolu daba ngoLwesine (izolo).

 ??  ??
 ??  ?? Bafuna izigulu ziqale zikhokhe ngephambi kokuthi zelashwe
Bafuna izigulu ziqale zikhokhe ngephambi kokuthi zelashwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa